Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
740 – 760

Ukubuyisa amandla emumva kothando olusithe olukuphoxile

Ngiqhubekela kanjani phambili emumva kothando lwangasese oluphelele ekuphoxekeni ? Bengizitshela ukuthi isidima sami njenga ‘lomunye wesifazane’ sizoguquka ngokuphazima kweso emumva kokuthi isithandwa sami sishiye unkosikazi waso nomndeni waso ,kodwa lokho akwenzekanga .Kodwa manje engikuzwayo ,ukuphatheka kabi ,ngihlephukile ,nginomzwangedwa.
13 Aug 2020 6PM 5 min

Ukubhekana nowakwakho onganaki

Yikuphi engingakwenza ngobuhlaphahlapha bowakwami nengqondo yakhe engahlelekile? Uyidlabha lempela,okwenza impilo yami ingayi ndawo. Akusikho nje kuphela ukuthi udusa izinto endlini ( izincwadi ze- bill ,amaphepha asemqoka , njll) ,kodwa uhlale ehamba njengoba kuyingxenye yomsebenzi wakhe,futhi sihlale njalo sithenga kabusha izinto asezilahlile – ama cellphone,ama laptop –akulahla ekuhambeni.Konke lokhu kuyangisanganisa phela…
12 Aug 2020 6PM 4 min

Ukulungisa umoya wokulwa enganeni yakho

Singamvimbela kanjani undodana wethu oneminyaka eyisikhombisa ekubeni ngubhongoza? Sengiqaphelile ukwazi ukudlubulunda futhi abe yingqqwele kwezinye izingane.Uhlale efuna ukuba ngungqaphambili –wena ongafunga impela ukuthi kuthiwe akaziveze.Uma ethethiswa ubuyisela ngesidlozane futhi kunezingane asezilimazile phambilini.Lokhu akuhambisani neminyaka yakhe futhi usedume kakhulu esikoleni,nokho ngizibuza kuzoze kube yinini.
11 Aug 2020 6PM 4 min

Umshado phakathi kophika ubukhona bukaNkulunkulu nongMkhrestu

Ngakube ophika ubukhona bukaNkulunkulu nekholwa, bangaba yimbumba yomshado ? mina nesancinza sami sithandana okwempela.Umndeni wakhe uyangithanda futhi bonke abantu bathi sifanelene njengamajuba.Inqaba isekutheni nje ungumzalwane wokuqina,mina angikholwa wuNkulunkulu sanhlobo.Nicabanga ukwehluka kwethu ngenkolo kungayinkinga enkulu? Mina ngokwami anginandaba nokuthi abanye abantu bakholelwa kukuphi inqobo uma nje inhliziyo yabo iright.Athini amathuba okuba…
10 Aug 2020 6PM 5 min

Ukungabikho kukababa kuphazamisa kanjani isidima sikamama

Ngakube ugcizelelo lwenu lobumqoka bukababa emndenini bukhomba ukuthi umama yena uneqhaza elincane kumbe elingekho sanhlobo ekukhuliseni izingane? Baningi omama abazikhuliselayo izingane zabo ,okwenza ngimangazwe ukuthi ngakube izinga layo lemindeni iphansi? Izinga enibeka ubaba phezulu ngalo ngakuba nilenza elikamama libe yinto engekho ? umama akasemqoka yini naye njengobaba? Pho singenza kanjani…
6 Aug 2020 6PM 4 min

Amandla okukwazi ukuhlukanisa ukwakheka ngokobulili emshadweni

Ngakube kunamandla omthelela muni ukwehlukana kokwenza kowesilisa nowesifazane emshadweni uma kubukwa ,imizwa yenhliziyo,ingqondo ,umzimba,inkonzo yasekamelweni nempilo nje yansukuzonke? Yikuphi indoda nenkosikazi edinga ukukwazi ngalesihloko futhi lokhukwazi kuzobasiza kanjani ukuqinisa umshado wabo?
5 Aug 2020 6PM 4 min

Umzali oxoveke ingqondo wumntwana onodlame

Ngimenze njani umntanami oneminyaka ewu 3 nje kodwa ohlale ewudlame kwezinye izingane? Ekhaya uyingelosi uma kungekho zingane.Kodwa nje ekufikeni enkonzweni la kunezingane kumbe sivakashe ezihlotsheni ezinontangabakhe uvese angakhalimeki.Dukuduku umbona useyashaya,uyakhahlela uyaluma njeyaya. Kodwa imvamisa ubanga umsindo,angadlali kahle ,angahambisani nabanye abaphazamise.Ngenzenjani?
4 Aug 2020 6PM 4 min

Hleze umkhwenyana wakho ubishe ezithombeni zobunqunu

Ngenze njani uma ngikholwa ukuthi umkhwenyana wami ubuka izithombe zobunqunu ezixakile? Kanginabo ubufakazi obuqanda ikhanda kodwa nginazo izinsolo eziseka lokhukwesaba enginakho.Uvese abhoke ngolaka uma ngike nje ngathi ngakhuluma ngalesihloko athi ngidlala imicabango nje .Ningiluleka nithini?
3 Aug 2020 6PM 5 min

Ozoba ngumkhwenyana kamama osenengane,akayiqondi impilo yengane

Njengoba kunendoda engiholeleka emshadweni nayo ,ngingayisisza kanjani ukuxhumanisa izinhliziyo nengane yami eneminyaka emi- 3?Uyayithanda akanankinga , futhi uneme kakhulu ngokuba nguyise kuyo(nayo ayikaze ibe nobudlelwane noyise ihhi).inkinga isekutheni njengoba angakaze abe nengane yakhe ,akaqondi ukuthi banjani otakalani.Uye athi uma eyizwa ingane ikwazi ukuphendula imibuzo embalwa bese ezitshela sekumele izilawule yona.Uma…
2 Aug 2020 6PM 4 min

Unkosikazi wami uyahlukumeza ngokwenyama

Ngiphendule kanjani kunkosikazi ode eba nomoya wadlame? Kanye nakabili ngonyaka mina nonkosikazi wami siye sibe nokuphikisana okuze kuphume esandleni .Ezikhathini ezithile ,usho izinto ezicofayo ngami okubandakanya ukuthi ,’ngiyakuzonda’.Ngiye ngibeke phansi umoya ,lokho okugcina kumenza agcine esenodlame imbala.Angijikijele ngezinto aze azame ukungishaya angikhahlele .okwamanje angikaze ngibhekane nokulimala okukhulu ,nokho ngikhathazekile uma…
30 Jul 2020 6PM 5 min

Ukuhushula nezempilo zikamama

Kuyenzeka ngempela ube ngolwela ukuphila, ube futhi uvumelana nokuhushula esimweni lakhona impilo kamama isencupheni ? Kuthini ukubuka kwenu kulumbuzo wezobuqotho onzima ?
29 Jul 2020 6PM 5 min

Uku ‘adopter’ ingane ehlukumezekile

Yikuphi esidinga ukukwazi kuqala uma sizo adopter umntwana oseke wahlukumezeka? Sicabanga uku- adopter ingane engaphansi kuka 2 weminyaka eyasuswa kubo isenezinyanga ngenxa yohlukumezeko .Ibisabekwe kwi-system ye foster care unyaka wonke odlule .Yikuphi okuyincuphe esizibeka kukho ?
28 Jul 2020 6PM 5 min

Umkhwenyana akafuni ukuyosebenza

Kukhona kodwa engingakwenza ngendoda enqaba ukuthola umsebenzi ? Sineminyaka ewu 12 sishadile ,kwewu 10 yonke ubezihlalele ekhaya engenzi lutho lonke usuku ngesikhathi mina ngisemsebenzini .Akafaki lutho ekhaya nasemndenini wethu .Kuye akuthi shu .Enye yezingane zethu yatholakala nesifo okubizayo ukuselapha manje umsebezni wami wodwa angeke ukwazi ukubhekana nalezondleko.Nanxa kunjalo ufuna ukuqhubeka…
27 Jul 2020 6PM 5 min

Ukubuka ezezimali kwabasanda kushada

Ningangisiza nomkhwenyana wami sihlele izimpokophelo zempilo ngokwezimali ezihambisana nathi sindawonye? Akukudala sishadile,umkhwenyana wami useqalile ukukhuluma ngokuthenga umuzi nokusungula isikhwama somhlalaphansi.Kanti mina ngisakhathazwe nje uku- renta nokudla .Kuyaphatheka akushoyo ? Ngakube ngizikhathaza ngobala? Ikhona yini indlela yokubhalansisa lokhubuka kwethu ?
26 Jul 2020 6PM 5 min

Ukukhuthaza Ingxoxo niwumndeni

Kusemqoka kanganani ukuhlale kuhlale umndeni ube nethuba lokuxoxa? Emshadweni wethu ukuxoxa sekube yingwadla eside isikhathi,kodwa mumva nje sengiqaphele ukuthi lenkinga isithungele nasezinganeni: kubukeka akasekho layikhaya onesikhathi sokuxoxa nomunye.Angazi lokhu kwenzeke kanjani ,futhi ngiyamangala ngokukushoyo ngempilo yomndeni kwezobudlelwane.Kodwa ngingenze njani ukucima lomhlolo?
23 Jul 2020 6PM 5 min

Unkosikazi unongakuqondi ngezocansi ngomkhwenyana wakhe

Ngingamenza kanjani umkhwenyana wami aqonde ukuthi angiyena umuntu ofuna ukuba senkonzweni njalo njengaye? Uma ngimtshela angikho semoyeni wenkonzo ,uvese acasuke athi ,ziningi kabi izinto naye angenzela zona noma engekho semoyeni ngalesosikhathi -njengokuya emsebenzini,ukusiza emsebenzini wasekhaya ,nokuwasha izitsha.Ngizamile ukumtshela ,akuyona into efanayo leyo ,kunalokho akangikholwa futhi akangilaleli .Kukhona okungalungile kimi?
22 Jul 2020 6PM 5 min

Ukuhuheka phakathi kwabangani abashadile

Ngibhekane kanjani nomuzwa o-romantic esingiwuzwa ngonkosikazi womngani wami omkhulu? Mina nalowesifazane sisanda kubona komunye nomunye ukuthi sinokuhuhekelana nokuthi sesidinga ukwakha udonga ukuze sivikele imishado yethu,kodwa asazi sikwenze kanjani lokho .Mina nonkosikazi wami singo business partners kunye nalabashadikazi kuyo yonke leminyaka elishumi .Kukhona eningakuphakamisa?
19 Jul 2020 6PM 4 min
740 – 760