
Ukungabikho kukababa kuphazamisa kanjani isidima sikamama
Loading player...
Ngakube ugcizelelo lwenu lobumqoka bukababa emndenini bukhomba ukuthi umama yena uneqhaza elincane kumbe elingekho sanhlobo ekukhuliseni izingane? Baningi omama abazikhuliselayo izingane zabo ,okwenza ngimangazwe ukuthi ngakube izinga layo lemindeni iphansi? Izinga enibeka ubaba phezulu ngalo ngakuba nilenza elikamama libe yinto engekho ? umama akasemqoka yini naye njengobaba? Pho singenza kanjani emhlabeni ukuba amathemba abesifazane anyuswe uma kuwukuthi sifuna njalo besibekelwe awamadoda abo? Lemibuzo isemqoka kimi njengowesifazane ofuna ukwenza umehluko empilweni yomphakathi wakubo.