
Ozoba ngumkhwenyana kamama osenengane,akayiqondi impilo yengane
Loading player...
Njengoba kunendoda engiholeleka emshadweni nayo ,ngingayisisza kanjani ukuxhumanisa izinhliziyo nengane yami eneminyaka emi- 3?Uyayithanda akanankinga , futhi uneme kakhulu ngokuba nguyise kuyo(nayo ayikaze ibe nobudlelwane noyise ihhi).inkinga isekutheni njengoba angakaze abe nengane yakhe ,akaqondi ukuthi banjani otakalani.Uye athi uma eyizwa ingane ikwazi ukuphendula imibuzo embalwa bese ezitshela sekumele izilawule yona.Uma ikhala uphatheka kabi.Lokhu kungenxa yokuthi akabanga nayo kusuka izalwa ize ibe kuleminyaka ,kunzima kimi ukumchazela izigaba zokukhula kwayo ngendlela azoyobamba.Ninazo izeluleko?