Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
760 – 780

Ukusungula Izindlela ezihlabela phambili zokuxhumana nezingane

Singabafundisa kanjani abantwana bethu ubuciko bokulalela? Babukeka behluleka ukulandela ulayelo .Odabeni lwendodakazi yami ngicabanga iyaziba izikhathi eziningi.Okukandodana wami khona ,ubukeka eziqinisa ezakhe izindlebe bese abe matasa nomabonakude,izincwadi nama video game,noma yini enye ayenzayo okwenza engasuseki kuyo.Ngizithola sengide ngiphinda phinda into eyodwa.Zikhona iziluleko eningangipha zona?
16 Jul 2020 6PM 4 min

Umkhwenyana ohlulwa ukuthethela unkosikazi

Ngingadlula kanjani ebucayini bomkami enza ngabo, futhi ngikhohlwe okuningi okuhlasimulisayo akusho kimi phambilini ? emva kweminyaka sisemshadweni,sengifike lakhona ngingesenakukuthwala.Angikholelwa kwisahlukaniso ,yikho sesiphila impilo eqhelelene sibe sindlwinye ,naye uzilalela kwelakhe ikamero.Manje ufuna ngimthethelele ukuze sihlabele phambili nomshado wethu ,kodwa ngokwami akukho kalula kanjalo nje .Amagama akhe ahlabayo asenkenketha emicabangweni yami ,futhi…
15 Jul 2020 6PM 5 min

Umama nobaba baphikisana ngokuqondisa izigwegwe enganeni

Singafika kanjani ekuvumelaneni nonkosikazi wami mayelana nokuqondisa izingane? Ngizamile ukufundisa indodana yami uqondiso oluqinile,kodwa unkosikazi wami uhlale ephikisana nezindlela zami. Uthi nginesandla esiqinile kumfana.Njengoba ungazicabangela,lokho kungaba yisilonda emshadweni wethu.Ngingafeza kanjani engikholwa kuyiqhaza lami njengobaba emshadweni wethu ngibe futhi ngiqhubeka nokwazisa umkami nezimvo zakhe?
14 Jul 2020 6PM 5 min

Ukuqhubekela phambili emva kokushonelwa ngothandiweyo

Ngingenzenjani ukunqoba usizi olungengamile emva kokufa komnyeni wami ? Walwa nokugula eminyakeni yokugula kwakhe emibili.Ngenxa yalokho impilo yami yonke yabe isingukunakekela yena . Manje lowomzabalazo usudlule , ngizizwa ngiyigobolonde nosizi. Angazi ngijikele kuphi kumbe ngenzeni elandelayo .Ningangisiza?
13 Jul 2020 6PM 5 min

Ukubuka ukugembula ngokwebhayibheli

Ngakube ngempela ibhayibheli lithi kubi ukugembula? Ngiyabona ukuthi nakho kunjengoku dansa nokudlala amakhadi –amakholwa aqinisa kakhulu, amelene nakho.nokho angikholwa kunezisekelo zezwi azisebenzisa ukumelana nakho mina engikubuka kuwumdlalo nje ongenabungozi.
9 Jul 2020 6PM 6 min

Imikhakha yezemfundo ethatheka njengengeyona eyabesifazane

Uma kuwukuthi kusemqoka ukuhlukanisa umehluko ngokobulili-engikukholwayo kunjalo-singayikhuthaza yini indodakazi yethu esesikoleni ,ekucabangeni ukukhetha umkhakha othathwa njengowabesilisa ngokwenjwayelo? Le ntombazane yethu ihlale ikhuluma ngokuba umcimimlilo mayesikhulile.Kweminye imiphakathi ezikhululekele ngeke ibe nenkinga nalokho kodwa kithi esingamaKholwa omthetho kakhulu kwenza ngide ngizibuza: engabe impokophelo yaloluhlobo iyahambisana yini nowesifazane ngokwasebhayibhelini? Ngizame yini ukuthatha amehlo…
8 Jul 2020 6PM 5 min

Ibhayibheli nocansi phambi komshado kunye nokuziphatha ngokozwecansi

Yikuphi ngempela la khona ibhayibheli lithi kuyicala ukulala ngaphandle komshado? Abazali bami bahlala bengiyala njalo ngokuthi izwi lisiyalela singayi ocansini phambi komshado.Manje ngoba sengikhulile sengikwazi ukuzicabangela ,sengiqala ukuyingabaza leyonto.Angikakaqondani nento ebhayibhelini evumelana nalombono wabo.Okwedlulele ukuthi angikatholi simo lakhona ibhayibheli likhuluma ngomshado wasesontweni! UIsaka no Rebheka abazange bashade esontweni.Bazihlanganela bazilalela kwaphela…
7 Jul 2020 6PM 5 min

Ukuzibuza ngonakekelo lukaNkulunkulu

Singathembela kuNKULUNKULU ezidingweni eziphathekayo kubantwana bakhe abathembekile? kwabaseFiliphu 4:19 kubukeka ethembisa kanjalo .Selokhu ngalahlekelwa ngumsebenzi nganamathela kulelivesi,kodwa alibukeki lingisize ngantoni nomndeni wami. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule silahlekelwe umuzi wethu,imoto nezinto eziningi .Kube nzima kakhulu lokhu kodwa okweqile imibuzo okunginike yona engqondweni.Ngibonile ukuthi amaKhrestu amaningi athembekile endulo aphila nanxa izidingo zawo zingafezekile.Anqubuzana…
6 Jul 2020 6PM 5 min

Iyiphi indlela yokubhekana nomama osebenzayo ozizwa enecala

Ngingazimisa kanjani ekuzizweni nginecala futhi ngimelane nesilingo sokuba ‘umama ozibambe zonke’ ? Ngingumama osebenzayo onengane ese crèche nezinye esezisesikoleni ezidinga ukunakwa ngemisebenzi eminingi yesikole.Kumele ngivume ukuthi ngizizwa kabi uma ngingenzi into ewukuya phambili.Inhlelo zomndeni ziningi ,futhi kuningi okudinga ukwenziwa ,yikho ngizibona ngiphoqelekile ukusebenza –kwesinye isikhathi okubandakanya ukwenza izinto eziningi sikhathi…
5 Jul 2020 6PM 5 min

Uwakwakho Uthola Izithombe Ezimhuha Ngocansi

Ngibhekane kanjani nesimo lakhona uwakwami ethola imiyalezo ehuhanayo nengalungile kw- social media? Ngizithele kulokho ekhasini lakhe ,kusukela lapho ngikhathazekile.Ngenzenjani ngalesisimo?
2 Jul 2020 6PM 5 min

Ukukhuleka Ndawonye Njengomnden

Singawenza kanjani umthandazo womndeni ube seqhulwini ? Siwumndeni okholwayo ,mina nowakwami sishisekela ukukhulisa izingane zethu ngezindlela zeNkosi.Ningasipha izinkombandlela ezingasisiza kulengxenye yempilo? Izingane zethu zisencane okwenza kube nzima ukubabandakanya emthandazweni . Nicabanga siqhubeke sizame? Kumbe silinde baze bakhule?
1 Jul 2020 6PM 5 min

Igunya Lobuzali Enganeni Esikhulile

Ngingazi kanjani ngokungangabazisi ukuthi ingane yami iyinhlwa yenhlekisa kwimiqhafazo kumbe amahebezi amabi kwi social media? Zikhona yini izimpawu ? Uma kuwukuthi ngempela ingane yami yenziwa umantindane kwezokuxhumana ,ngingayisiza ngani mina?
30 Jun 2020 6PM 6 min

Igunya lobuzali enganeni esikhulile

Manje njengoba indodana yethu isangaphezu kuka 18 ,iqhubeke isithobele? Ibhayibheli lithi izingane ‘azilalele’ futhi ‘zithobele ‘ abazali bazo (kwabase Fesu 6:1 , KwaBase Kolose 3:20 ) ,kodwa yena uthi ngoba usemdala lomyalelo awusaqondile kuyena.Nizwa kanjani lendaba? Kukusiphi isigaba lakhona ingane esikhulile esuke isizimele khona ngokuphelele ingasaludingi ulawulo lwabazali?
29 Jun 2020 6PM 4 min

Ukukipita nesoka elihlukumezayo

Ninazo izimpendulo ngomuntu ogaxele ebudlelwaneni obuyimbidlizo? Esokeni lami leminyaka eyisithupha ngiqeda kuthola nje umntwana. Besihlala sinqubuzana ,kodwa ligaye ngomunye umhlathi ,nje ,ekutheni sihlale ndawonye onyakeni nengxenye odlule.Icebo lethu kwakuwukuhlanganyela izindleko ze-rent nokunye,okugcine kwenziwa yimi konke.Kade ngangifuna ukuphuma kulesimo.Kodwa kuthe mangikhulelwa ngabona kusemqoka ingane yami ikhule siwumndeni.Sisendawonye namanje kodwa izinto zimaxhapheshu.Uyangihlukumeza…
28 Jun 2020 6PM 4 min

Izindlela zokubhekana nobudlelwano obu online

Uthini umbono wenu ngokungena othandweni online? Ngineminyaka nje eko 20 manje kunentokazi engihlangane nayo kwi –internet .Ihlala kwesinye isifundazwe sesinakhashanyana sixoxa nayo ngocingo kusuka sahlangana. Sobabili sizimisele ukuhlumisa lobudlelwano bethu ,kodwa inqaba asikaze sibonane ngobuso .Ninazo iziyalo siqhubeke kanjani?
25 Jun 2020 6PM 4 min

Ukukhuthaza imikhuba enempilo ekhaya

Ngingawusiza kanjani umndeni wami ube nenqubo yokuzigcina uphilile? Sinezingane ezincane ,futhi ngithanda konke engingakwenza kuleminyaka sisaqala ,ukukhuthaza wonke umuntu layikhaya –umama-ubaba nezingane ukuqopha umkhuba oyosigcina siphilile sijabulile qede usiphe iminyaka emide sindawonye.Ningangipha amasu okwenza lokhu?
24 Jun 2020 6PM 5 min

Ukubhekana nowakwakho osewadlula ngokuba

Ngibhekana kanjani nomkhwenyana ongenandaba nesikhathi? Kuyo yonke into uhlale e late ngaphandle kwasemsebenzini.Ngiyazi akulona icala lami ,kodwa kwenza namI ngibe late uma ngihamba naye ,lokho okudicilela phansi isithunzi.Okusemqoka ,ukuthi ukuqhubeka kwakhe nokuba late kwenza bangasihloniphi abantu futhi sibalindise njalo nje . Umngani wami uthe angiyizibe lenkinga ukuze kube nokuthula emshadweni…
23 Jun 2020 6PM 4 min

Ubaba odiniwe, indodana ediniwe

Ngingancedakala kanjani ekulawuleni ukucasuka kumadodana ami? Umkhwenyana wami uzalwa olibweni olude lokhokho ababehlala bediniwe ,sengiqala ukubona nezingane zami zingena kulowomgudu.Ngenzenjani?
22 Jun 2020 6PM 5 min

Kungani incwadi yomshado nomshado ubalulekile

Kwenziwa yini amakholwa egcizelela ukuba ‘nalelipheshana’ okuthiwa incwadi yomshado ukuze umshado wabo ube semthethweni? Mina nesancinza sami siyakholwa futhi sizimisele ukuba ndawonye impilo yethu yonke.Side sizibuza kungani kumele senzane nencwadi yomshado .Umshado kanti awukho yini phakathi kwabantu ababili ,isivumelwano sabo ngqo? Uma nivumelana ngokomoya pho uhulumeni ulandeni? Uma sihambisana sivumelana…
21 Jun 2020 6PM 4 min
760 – 780