Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
720 – 740

Ukusebenzisa amaphilisi okuhlela inzalo emshadweni

Uthini umbono wenu ngokusebenzisa amaphilisi okuhlela ? Sisanda kushada sizama ukucabangisisa ngendlela eseqophelweni eliphezulu ukuthi siwabuke kanjani,kodwa sithola umyalezo ohlukene kubahlobo bethu,amalunga omndeni ,nodokotela.Omunye umzalwane esimaziyo ukholwa ukuthi naluhlobo luni lokuhlela umndeni lumelene necebo likaNkulunkulu. Asazi sicabange kuphi.
10 Sep 2020 6PM 5 min

Umama akabazwile kahle abangani womkhwenyana wakhe

Yikuphi engingakwenza ngokungabi kwami nkamu nkamu ngabangane bomkhwenyana wami? Sithokozile futhi sisebudlelwaneni obuhle kakhulu,ngaphandle kwento eyodwa: angizwani nabangane bakhe.Ikhona indlela yokusombulula lenkinga? Isiholela ekuphikisaneni nongqubuzano.
9 Sep 2020 6PM 4 min

Isehlukaniso nofa lwaso ezinganeni

Sisemalungiselelweni okuhlukanisa kodwa kubukeka kuza mawala emndenini wonke.Izingane zethu sezenza izinto ngendlela ehlukile. Ezinye zezindlela zazo ngalesimo zenza ngikhathazeke ngazo. Yikuphi okuthathwa njengokulindelekile nokuphilekayo nakho esimweni esinjengalesi? Yikuphi okungenziwa ukubhekana naloludaba?
8 Sep 2020 6PM 6 min

Ukuzibuza kaze uwakwakho wakuyeka ngempela ukukuhamba ngemumva

Ngingakholwa kanjani wukukuthi umnyeni wami usephendukile ebuhlungwini angidalele khona? Onyakeni owodwa odlule, ngithole ukuthi sekube ngeside isikhathi esothandweni nomunye wesifazane ngenhliziyo ejulile. Unokhondolo futhi lokuvese aqhume ngokudinwa okugcina kuholela ekuhlukunyezekweni ngamagama.Kaninganyana engijikijela ngezinto. Nakuba esaphuma kulobubudlelwane bokungibhaqa, kwathi ukwehlisa umoya wakhe, waze wathi ufisa siyothola nabaluleki ukuze sikhande umshado wethu,…
7 Sep 2020 6PM 4 min

Obaba bafundisa kanjani amadodakazi abo isizotha?

Obaba bangasiza kanjani amadodakazi abo afunde isizotha? Ngifuna indodakazi yami ikubambe lokhu phambi kokuba ibe yi-teenager. Kodwa ngizwa kuseceleni kimi ukukhuluma ngalesosihloko. Ngibona ukuthi kimi njengoyise ngingaba lusizo kuyo kulesisihloko kumbe ngibe wukuyidumaza, ingazizwa kahle. Yiliphi iqhaza eliqondile kubaba la?
6 Sep 2020 6PM 4 min

Ingane yesaba usathane

Ngingehlisa kanjani ukwesaba enganeni yami ngoSathane? Ezinyangeni ezimbalwa umtanami ona 5 uyaqhaqhazela ngalesihloko. Uhlale njalo ebuza imibuzo ngoSathane, bese ebukeka ehlasimula ngalokhu angakwenza kuye.Uyaya kuSontoskole, siyathandaza sifunde ibhayibheli sonke ndawonye. Okwamanje, kubukeka konke lokho kungasizi. Ngizamile okusemandleni ukumqinisa, kodwa kumele ngivume ukuthi kwamina akukuningi engikwaziyo ngoSathane. Ningangitshela ngqo ukuthi zithini…
3 Sep 2020 6PM 5 min

Ukuhuheka kumngani wowakwakho

Ngingamtshela yini umnyeni wami ukuthi ngihuheka ngomngani wakhe oseduze naye? Ngike ngezwa kuthiwa loluhlobo lolwazi lungaxoxwa abaganene ngenhloso yokuvulekelana, nokho ngimanqika ukuthi kuwubuhlakani lokho. kulamadoda omabili akekho owaziyo ngofudulo lwami lwangaphakathi futhi angifuni ukulimaza ubungani babo. Ngenzenjani?
2 Sep 2020 6PM 5 min

Umkhwenyana ongathembekile ufuna ukuba sothandweni nomunye wesifazane

Ngibhekane kanjani nokungethembeki komkhwenyana wami osekwenzeke ngokuphindaphindwa aze angiqonde angicele ngqo ukuthi ufuna ukuba nothando lwaseceleni nomunye wesifazane? Yonke leminyaka umshado usube sesivunguvungwini. Ekugcineni nje useze wavuma ukuthi usothandweni nomunye ngasitha. Ngimthethelele ukuphinga kwakhe,kodwa manje uthi ufuna ukukhulisa ubudlelwano anabo bangaphandle ebe eqhubeka elayikhaya. Ngizimisele ukutakula umshado wethu, nokho angifuni…
1 Sep 2020 6PM 5 min

Umfana ona-3 udlala ngokugqoka izingubo nosisi bakhe

Ngingamvumela yini umfana wami ona 3 weminyaka ukuba adlale ngokugqoka izingubo nodadewabo? Akajabuliswa nje kuphela ukugqoka amalokwe abo odadewabo, kodwa uze agqoke nobucwebe bamantombazane. Kimi loluphawu alwehli kahle.Ngingalumisa kanjani?
31 Aug 2020 6PM 4 min

Ukubuka ngokwebhayibheli-Ubumqoka benkonzo yekamero emshadweni

Ngakube inkonzo iseqhulwini kangako emshadweni onempilo? Nakhu okwenza ngibuze. Siyaphikisana nowakwami. Ungitshela ukuthi inkonzo ingcwele yisacramente futhi luyimfihlakalo engcwele, nokuthi imelwe ukuba yindikimba yobudlelwano bethu. Uze asebenzise kwabaseFesu 5: 30-32 ukweyamisa lenkulumo yakhe.Angivumi mina, emva kwakho konke ,kuningi okungomshado ngaphezu kwenkonzo. Ngaphandle kwebhayibheli uqobo [1 Khorinte 7 :3-5] kubukeka lencwadi…
30 Aug 2020 6PM 5 min

Ubungani bobulili obuhlukene emshadweni

Kunecala yini koshadile ukuba nomngani wobulili obuhlukile ? Ngesikhathi umkhwenyana wami esohambweni lwesonto ,ngicele uzakwethu wesilisa emsebenzini ukuba azongisiza ngengane yami enonyaka nengxenye .Sagcina sesibuka i-TV nokusebenza eminye imisebenzi yasemsebenzini emva kokuthi lengane yami ibisilele.Ekubuyeni komkhwenyana wami ,uphatheke kabi ,wathi unovalo lokuthi ngingase ngishendeze .Ngokwakhe ubona kungenakwenzeka ukuba abantu abadala…
27 Aug 2020 6PM 4 min

Wenza isikhathi nabangani bakhe ubaba nomama wenza esabakhe

Nicabanga kuwumqondo omuhle kobaba nomama ukuba nezinto abavama ukuzenza nabangani babo bobulili bunye ngaphandle komunye? Umkhwenyana wami uzizwela isidingo esinqala ukuba ndawonye njalo ngenyanga ,kodwa mina ngixolela ukusebenzisa isikhathi sami esiningi naye .Nami ngiyazikhipha izikhashanyana nabangani bami besibhuda ,kimi ngiye ngibone kwenele .Kuthini ukucabanga kwenu?
26 Aug 2020 6PM 5 min

Umkhwenyana ukhathazekile ngengcindezi ngesikhathi umakoti ezithwele

Kumele ngiphatheke kabi uma ngibona umkhwenyana wami aze aphendule ikhanda –amehlo ethe njo komunye wesifazane? Ube ngothembekile kimi nohlale engithembisa njalonjalo.Ngiyamethemba futhi ungowokugcina kwabesilisa engingambiza ngonoziketi .Nokho kuyangikhathaza ukumbona enze njalo ,ikakhulukazi uma sisebantwini.Ngakube ngenziwa yisikhwele ngaye?
25 Aug 2020 6PM 4 min

Ingane esikhulile yenze izinqumo ezingezinhle

Yikuphi esingakwenza ukukhuthaza undodana wethu omdala ukuba akhule manje? Wenze izinqumo ezibi ngokwempilo ,umsebenzi ,indawo yokuphila ,nangabangani .Emva kokumkhulisa ngobuKHRESTU siphoxekile kakhulu .Khona manjalo asikwazi ukuzixolela ngomuzwa wecala wokuthi sehluleka kuphi .Kukhona esingakwenza ukubuyela emumva ,ngaphandle kokugxoba imingcele efanele?
24 Aug 2020 6PM 5 min

Osekuse emehlweni kuye ngophuzo ufuna ubudlelwane bubuye nabantabakhe

Njengomzalwane omusha osohambeni lokukhahlela lomkhuba omdala wokucwila ezinkambeni ,ngingabubuyisa kanjani ubudlelwano bami nezingane zami ? Eminyakeni edlule ukucwila ophuzweni kwami kwaphetha ngokuchitha umshado nomndeni wami .Ngiyazisola ngobishi engangena kulo ,kodwa nje nje ngihlangane neNkosi futhi sekusile kimi.Manje sengifisa ukuxhumana nezingane zami ,kodwa azifune kuzwa lutho ngami .Ngenze njani?
23 Aug 2020 6PM 5 min

Umzali owahlukanisa unovalo ngengane yakhe esikhulile engawuzwa kahle umshado

Undodana wami osekhulile ngingamenza kanjani abone ukuthi umshado unenani elikhulu ekubeni owami noyise wabhidlika? Mina noyise sahlukanisa zisencane izingane zami ,ngazitshela engqondweni ukuthi yinto ezimukele nomfula nje .Manje ngithola ukuthi undodana wami ugxeka mina noyise ngesizathu sokuthi awenyanye umshado .Nanxa isikhona intokazi aseyibonile kodwa akahlose kuyishada ,kwazise ngokwamazwi akhe :’…
20 Aug 2020 6PM 5 min

Umfana ozothile nozwelayo

Kuhle yini ukuba umfana abe ngozolile nozwelayo ? Amadodana ethu amancane azihlukele .Omdala uzihlukele nje naye-unomsindo uhlale esemoyeni.Kodwa lo umfowabo ona 4 ,yena uyazithulela ,ngiye ngingazi noma ekhona.Ngesikhathi lo omdala eba nesikhathi noyise benza izinto ezisindayo zamadoda.Lo omncane uxolela ukuba sekhoneni ,azidwebele izimbali .Ngakube wutho lolu okumele lungikhathaze?
19 Aug 2020 6PM 5 min

Umkhwenyana ojeqeza abanye besifazane

Kukhona engingakwenza ukusiza unkosikazi wami ozithwele ekubhekaneni nomoya oguquguqukayo kuye? Usengasekugcineni kwezinyanga zakhe ,kodwa usebukeka enengcindezi .Osekuba yisiphazamiso ebudlelwaneni bethu .Kukaningi ngizwa ngengcindezi eba kumama emva nje kokuteta ,manje ngakube kujwayelekile yini ukuba umama avese acindezeleke engakateti?
18 Aug 2020 6PM 5 min

Ukungethembeki-Ukwehlukanisa phakathi kokuthethelela nokubuyisana

Kwezokungathembeki emshadweni ukhona yini umehluko phakathi kokuthethelela nokubuyisana ? Emva komunyaka odlule ,ngithole ukuthi umkhwenyana wami waba nothando nomngani wami engimkhonze kakhulu .Konke lokhu sekukonke kuthathe iminyaka ewu 10 .Emva kokumqonda ngokwesibili ,wakhala wathi ubuhlungu ngakwenza.Ungiqinisekisile- futhi ngiyakholwa usho ngempela-ukuthi ubudlelwane babo sebabunqamula.Ngikholwa ukuthi enhlizyweni yami ngimthethelele umkhwenyana wami ,kodwa…
17 Aug 2020 6PM 5 min

Ukholo Nokuzibulala kwabasha Nabasafika Ebudaleni

Ngakube abangakholwa, yibo abasemathubeni okuzibulala kunamakholwa? Ngibuza ngoba indodana yethu ishiye ukholo lwayo emva nje kokungena emfundweni ephakeme.Emva kwalokho usehlala nje engaqondakali.Ngakube usencupheni yokuzibulala? Bukuphi ubudlelwane phakathi kokholo lomuntu omusha nomqondo wezwe futhi kanjalo nokubukeka kwakhe kwempilo?
16 Aug 2020 6PM 6 min
720 – 740