
Ukubhekana nowakwakho onganaki
Loading player...
Yikuphi engingakwenza ngobuhlaphahlapha bowakwami nengqondo yakhe engahlelekile? Uyidlabha lempela,okwenza impilo yami ingayi ndawo. Akusikho nje kuphela ukuthi udusa izinto endlini ( izincwadi ze- bill ,amaphepha asemqoka , njll) ,kodwa uhlale ehamba njengoba kuyingxenye yomsebenzi wakhe,futhi sihlale njalo sithenga kabusha izinto asezilahlile – ama cellphone,ama laptop –akulahla ekuhambeni.Konke lokhu kuyangisanganisa phela imali le ! Uma ngizama ukuxoxa loludaba naye uvese azivikele abhoke ngolaka ,”nawe ulahla inqwaba yezinto !” Niphakamisa nithini makunje?