Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
860 – 880

Ukubuka ngeso le-bhayibheli ukungena komkhrestu kwi – fine arts

Ngokokubuka kwebhayibheli ikhona indawo evumelanayo ne-Arts kulona, kumbe yintshisekelo nje yabantu bezomhlaba ? Singabona kanjani i-art enhle nembi? Indodakazi yethu ,ingumfundi we-art e university ,manje sinokukhathazekela ukuthi imosha nje amandla nesikhathi sayo.Ikakhulukazi sikhathazeke kakhulu ngengxenye yezokuziphatha kulokhu ekwenzayo-iclass lakhe elingokudweba izithombe zasekuphileni limdinga adwebe abantu abanqunu benotho abalwenzayo! Ninomuzwa onjani…
3 Mar 2020 5PM 5 min

Ukuya emcimbini womndeni one-couple ebulili-bunye

Siye yini emcimbini womndeni lakhona ne –couple eyizinkonkoni izobe ikhona? Udadewabo womnyeni wami ushade nenye intokazi .Lezintokazi ezinhle siyazithanda zombili kodwa asivumelani nempilo eziyiphilayo.Kunomcimbi omkhulu ekupheleni konyaka ,manje umnyeni ufuna siye nathi.Nami ngiyafuna ukuya ,kodwa sinezingane ezintathu ezisencane ,futhi angazi kuzozithinta kanjani lokhu .Ngenze njani?
2 Mar 2020 5PM 5 min

Ukuya emcimbini womndeni one-couple ebulili-bunye

Siye yini emcimbini womndeni lakhona ne –couple eyizinkonkoni izobe ikhona? Udadewabo womnyeni wami ushade nenye intokazi .Lezintokazi ezinhle siyazithanda zombili kodwa asivumelani nempilo eziyiphilayo.Kunomcimbi omkhulu ekupheleni konyaka ,manje umnyeni ufuna siye nathi.Nami ngiyafuna ukuya ,kodwa sinezingane ezintathu ezisencane ,futhi angazi kuzozithinta kanjani lokhu .Ngenze njani?
2 Mar 2020 5PM 5 min

Ukulawula ukudinwa kuma-teenager

Ngingamsiza kanjani undodana wami oseyi –adoloscent ukuba abhekane nokudinwa kwakhe? Kulula ukuphawula ukuthi uthukuthele kakhulu ngokuthizeni,kodwa nginomuzwa oqinile wokuthi ,uyayivalela ayicindezele imizwa yakhe yenhliziyo.Ngizamile ngebengingakwenza,ngehluleka ukumenza akhulume ngayo.Ngenze njani?
1 Mar 2020 5PM 5 min

Uthole ukuthi uwakwakho ube neshende - (Part 2 of 2)

Ngisanda kuthola ukuthi uwakwami ubengi – shendeza. Njengokuba nani ningazicabangela, kungikhungathe kanjani ukuthola lezondaba zokungethenbeki kwakhe, namanje angikasanguluki ekuthukeni. Angikamqondi okwamanje, futhi angikazi ngenze njani .ningangipha indlela?
27 Feb 2020 5PM 5 min

Uthole ukuthi uwakwakho ube neshende - (Part 1 of 2)

Ngisanda kuthola ukuthi uwakwami ubene shende .Njengokuba nani ningazicabangela ,kungikhungathekise kanjani ukuthola lezondaba zokungethenbeki kwakhe ,namanje angikasanguluki ekuthukeni. Angikamqondi okwamanje ,futhi angikazi ngenze njani .Ningangipha indlela ?
26 Feb 2020 5PM 5 min

Ukungena emshadweni usesikhungweni semfundo ephakeme

Ngakube mina nengizwa uthando naye, sishade phambi kokuba si thole iziqu? Sobabili singaMaKhrestu asevuthiwe, futhi senze isibophezelo sokuzigcina simsulwa ngokocansi kuze kube semshadweni.Sesixhumane emva kwezinyanga ezingu 5, okuthe emva kwesikhathi eside sithandaza ,sanquma ukushada eminyakeni emibili. Abazali bethu bavuma kodwa abami bakhalaza ngesikhathi esisinqumayo. Ngino 19 weminyaka futhi ngunyaka wokuqala…
25 Feb 2020 5PM 5 min

Ukungqubuzana kukababa nondodakazi

Ngingakuletha kanjani ukuzwana phakathi kwe- teenager yethu nomnyeni wami? Njalo uma uyise emlanda esikoleni kuba ngukuthi uqala impi naye kumbe amnike inkulumo ende ukumtshela ukuthi wehluleka kangakanani ezifundweni zakhe.Bese undodakazi akhulume kimi ediniwe kumbe ekhala .Amabanga esikole asehlale eyinkinga kundodakazi wethu, futhi ngiyaqonda ukuthi simelwe ukwenza konke esingakwenza ukumgcina ekhaliphile…
24 Feb 2020 5PM 5 min

Ukunamathela ngenhliziyo komunye oseceleni kanye nokuholela kwi-sahlukaniso

Ngakube uthando lwangasese oluncike kwimizwa yenhliziyo kuphela uma lude luphindeka ,ibhayibheli liyakuvumela ukuba uhlukanise ngenxa yalo? Ngezindlela eziningi umkhwenyana unamathele ngothando lwenhliziyo kwabanye abesifazane lokho osekulethe ufa emshadweni wethu .Okuse fresh nje okubandakanya intokazi ubesondelene nayo kakhulu ngenhliziyo .Ngikhathele ukulokhu ephika ,nanxa sesibe kwi counseling amahlandla amaningi ,alukho uphawu engilubona…
23 Feb 2020 5PM 5 min

Ukubhekana nentsha engamavila

Ngingawagqugquzela kanjani ama teenager ami amabili angamavila?Awakwazi nokungisiza ngomsebenzi wasendlini, futhi bayaziba kuze kube ngumzuzu wokugcina kuyila enza umsebenzi wawo wesikole. Njengomzali ongayedwana angibi nawo amandla okubafaka ngempoqo emsebenzini.Ikhona yini indlela yokunqamula lenqubo kubona?
20 Feb 2020 5PM 4 min

Ukulawula inzalo nokubuka okungokufa

Ngakube kukhona ukuxhumana phakathi kokulawula inzalo nokuhushula? Mina nonkosikazi wami siyathanda ukuba nomndeni lusuku lumbe, kodwa ngezizathu ezithile, sibona asikakulungeli lokho okwamanje. Kuleminyaka emibili sishadile sibufunile ubuso beNkosi ngenkombandlela futhi asizange sibe nokungabaza ngesinqumo sethu sokuthi ukuqhubela phambili kancane ukuletha izingane, ngokuthi sikwenze lokho ngendlela yokulawula inzalo okwamanje sisebasha emshadweni…
19 Feb 2020 5PM 6 min

Okumele ukucabange phambi kokuqhelelana

Ningakukhuthaza ukuqhelelana emshadweni ozizwa usufike kwangqingetshe? Iminyaka eminingi umshado wethu ubhekene nesifo esiqhubekayo sokulimala ekujuleni.Ngaphansi kwalesisimo , ngizibuza engabe kungcono yini ukuqhelelana okwesikhashana.Ngakolunye uhlangothi ngikhathazeke ngezingane zethu .Nicabanga senze njani?
18 Feb 2020 5PM 4 min

Ongumkhrestu ongena othandweni nongakholwa

Ngakube ku-right yini ukungena othandweni nowesilisa ongangeni sanhlobo kwezakwaKhrestu? Ezinyangeni ezingu 6 ezedlule wafaka isicelo sothando kimi ,nanxa ngalesosikhathi ngabona kungumqondo ongemuhle ,kodwa ngasemukela.Manje inhliziyo yami isithe neh kuyena futhi angazi ngenzenjani .Ngisothandweni kuye ngokujulile,kuphela uma engazinikela kuJesu ,ngale kwalokho ngizizwa kunzima ukuthi siqhubeke nokungena emshadweni naye .Khona lapho futhi…
17 Feb 2020 5PM 5 min

Ingane ehlale iqaphile kweqe

Ngakube simelwe ukukhathazeka ngengane esabayo ukuthatha ama risk kweqe? Umnyeni wami ucabanga simelwe ukuqinisa isandla impela -iphoqwe ukubhekana nesimo sokwesaba kwayo.Mina nginomuzwa imelwe ukunikwa ithuba ize ibe nokuzethemba ngokwayo. Nibona ndlelani ?
16 Feb 2020 5PM 5 min

Ukwenza i-valentine’s day ibe-positive ezinganeni

Ningangisiza ngomqondo onempilo ukusiza izingane zami zigubhe ngendlela i-valentine? Ngangivamise ukuwuthanda u-14 February ngiseyingane ,ngithanda nezingane zami zibe nalowomuzwa .Kodwa angifuni ukufaka umqondo ongesiwo wothando .Yikuphi eningakuphakamisa?
13 Feb 2020 5PM 5 min

Ingane enovalo ngokuba yodwa

Singabhekana kanjani nomuzwa wovalo olukhulu kwindodana yethu eno 8 weminyaka ukusala yodwa? Ilala ekamerweni elilodwa nodadewabo ngoba yesaba ukulala yodwa .Ngeke umthole edlala yedwa ekamerweni lakhe ngaphandle uma kunomuntu khona .Esikhathini esiphambilini wake wazama ukuba yedwa ,wayevevezela [ejuluka ehefuzela ] .Uhlakaniphe kakhulu ,wenza kahle esikoleni impela ,udlala nekeyboard namadrum nezemidlalo…
12 Feb 2020 5PM 5 min

Ingane enomoya ongemuhle

Yikuphi esingakwenza ukuthuthukisa umoya wokubuka impilo ngendlela enhle kundodana wethu? Uhlala ekhalaza ngayo yonke into futhi kuyathukela ebukeka ethokozile.Lomoya wakhe ongemuhle usuphazamise nomsebenzi wakhe wesikole ,futhi ngiqinisekile ukuthi umphazamise ngisho nokuxhumana nabangani.
11 Feb 2020 5PM 6 min

Ukufundisa izingane ngokuzidela

Ngakube kumele ngizifundise izingane zami ngobumqoka bokuzidela? Asizwa kakhulu ngakho ebandleni kulezinsuku ,bese kuthi isikompilo labantu basemhlabeni alikugqizi qakala sanhlobo.Kodwa anginaso isiqinisekiso ukuthi izingane zethu zizoqonda ukuthi kusho ukuthini ukulandela uJesu uma silahla lengxenye yobizo lomfundi kaJesu.
10 Feb 2020 5PM 5 min

Izimpawu zobungozi be –social media kuma –couple ashadile

Ningangipha inkombandlela ukuthi okungakanani ukuxhumana kwi - social media okufanele kumuntu oshadile uma bubandakanya umuntu wobunye ubulili? Ngakube zikhona izimpawu eziphayizayo uma ubudlelwano obu online sebunobungozi ukweqa umugqa wokungafanele?
9 Feb 2020 5PM 5 min

Ukuhlonipha i-teenager yakho

Ngingalinika kanjani iteenager lami inhlonipho elifanele? Ngingavuma ukuthi siyangqulana ngamakhanda kaningi –uluhlobo oludinga ukuqondiswa nokuholwa okuningi,okuphetha ngokuthi kungabi kuhle endlini .Kodwa angikholwa ngukuthi kukhona engikwenzile okumehlisa isithunzi njengomuntu. Kuchaza ukuthini ukuthi “umzali ahloniphe ingane?” ngakube ngingavese ngimdedele enze ngendlela yakhe –ngilokothe?
6 Feb 2020 5PM 5 min
860 – 880