
Ingane enovalo ngokuba yodwa
Loading player...
Singabhekana kanjani nomuzwa wovalo olukhulu kwindodana yethu eno 8 weminyaka ukusala yodwa? Ilala ekamerweni elilodwa nodadewabo ngoba yesaba ukulala yodwa .Ngeke umthole edlala yedwa ekamerweni lakhe ngaphandle uma kunomuntu khona .Esikhathini esiphambilini wake wazama ukuba yedwa ,wayevevezela [ejuluka ehefuzela ] .Uhlakaniphe kakhulu ,wenza kahle esikoleni impela ,udlala nekeyboard namadrum nezemidlalo ,futhi unabangani abaningi .Akakaze abhekana nokuthuthumela okwamehlela thizeni futhi mina nonkosikazi wami sinobudlelwane obuhle .Kwenzekani ingempela?