Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
840 – 860

Izidakamizwa nokuzibulala kwentsha

Bukuphi ubudlelwane phakathi kwezidakamizwa ,wuphuzo nokuzibulala kwentsha ? Yikuphi okumele sikwenze uma sisola ukuthi ingane yethu ikwinkinga -yokunye kwalokhu kuziphatha?
29 Mar 2020 6PM 6 min

Ingane enenkani ayifuni ukulala

Singamnqoba kanjani umankanise owutakalani wethu ukuthi alale ebusuku? Uhlala elwa nobuthongo kungakhathalekile kunjani,kunjalo nje ayikho into engamenza anqobeke alale.Ngisho singambeka kangaki embhedeni ,uyavuka .Ngizizwa sengathi ingqondo iyangibalekela ngenxa yokungalali. Yikuphi esingakwenza ngalokhu?
26 Mar 2020 6PM 4 min

Umzali oyedwana olangazelele ukusizwa, kanye nokuthola ozobambisana naye

Njengomama o-single nezingane ezintathu ezisencane,ngakube kuhle kimi ukufuna omunye umuntu ongaba yi-support kimina ukuthwala lomthwalo? Ngangivamise ukuzizwa nginelisekile ,kodwa umthwalo wokukuthwala konke ngingedwa ,uya ngokuya ungisinda.Ngisebenza fulltime ,ngiyafunda online futhi ,ngiphinde ngibe semsebenzini webandla engikulona.Zikhona izeluleko eninazo kumuntu osesimweni sami?
25 Mar 2020 6PM 5 min

Lithini ibhayibheli ngokuzixolela wena

Ukuzixolela ngakube kusezwini? Ngingenakusho imininingwane yonke ,kodwa ukwenzeka kwezinto kwangishiya ngithwele umthwalo.Ngiyakholwa nguKhrestu nokufa kwaKhe esiphambanweni ,kodwa kulesigaba ukholo lwami alubukeki lunamandla okuguqula imizwa yami.Uma bekuthiwa benisazi isimo sami beningaqonda kungani .Abantu bangitshela ukuthi ngidinga ‘ukuzixolela mina’ kodwa ngivese ngihleke uma besho lokho.Ngingubani ukuzithethelela mina ? Futhi kukuphi lakhona ibhayibheli…
24 Mar 2020 6PM 5 min

Intsha negebe lomuzwa wezocansi

Kungani uNkulunkulu wanika ama-teenager ukulangazelela okukhulu kwezocansi ,bese aphinde engaba esawanika indlela enempilo yokukunelisa ? Kubukeka lokhu kungekho -fair. Ezikhathini zasebhayibhelini abantu babeshada bebancane. Ngenxa yalokho ,kwakuyimpilo ukushesha ungene kwezocansi nokukhulisa izingane usemncane. Kodwa kulezinsuku ,abantu abaningi bayanyukubala uma ama- teenager eshesha engena ocansini. Kungani uNkulunkulu asinike lemizwa uma singeke…
23 Mar 2020 6PM 5 min

Imingcele enganeni egula ngengqondo esikhulile

Singasungula kanjani inqubo yokuziphatha ngengane esikhulile ,ephazamiseke engqondweni? Ngakube imingcele yethu imelwe ukufana naleyo yezingane ezejwayelekile? Kumbe kunendlela ekhethekile yesimo sayo?
22 Mar 2020 6PM 5 min

Abazali bakhathazekile nge-homework eningi

Ngenze njani uma ingane yami esafunda e-primary ine- homework eningi kakhulu ,okugcina kwehlisa nesikhathi sokuba ndawonye siwmundeni? Njalo ntambama uba namahora amaningi awasebenzisa enza ama-assignment. Ngokokubuka kwami kwamanje akathathi kancane ekuqedeni emsebenzini. Yingoba muningi kakhulu umsebenzi wakhe. Ngakube wonke lama –homework amangaka adingekile ekufundeni nasekuthuthukeni kwempilo yengane esakhula?
19 Mar 2020 6PM 5 min

Impi yokugqoka ngokuhlonipheka kunye nezingubo kubazali nentsha

Ngibhekene kanjani nodaba lokuphikisana ngezezingubo namafeshini nondodakazi wami oyi -teenager ? Sekuphenduke impi yangempela ekhaya kwami. Ufuna ukuqhubeka ngenkani ukugqoka izingubo ezingenasidima,ezingafanele neziveza umzimba. Nginamahloni nokusho ukuthi zinto zini lezi afuna ukuzithenga zangasese uma sisuke sisetolo. Ngenze njani ?
18 Mar 2020 6PM 5 min

Ukusiza ingane ibhekane nempilo yesahlukaniso

Ngingawasiza kanjani ama teenager ami abhekane nokuklayeka komshado wami? Kubuhlungu kithi sonke,kodwa ngikhathazeke kakhulu ngondodana wami omdala .Kusuka uyise wangishiya emva konyaka,ubukeka ezifaka engcindezini enkulu ukuba yindoda layikhaya.Lokhu kunzima kakhulu kuyena ngoba ngonyaka ozayo ubebheke ukuya e –university .Manje ubona kumphoqa alekelele ekhaya.Ngenze njani ngaye nazo zonke ezinye izingane?
17 Mar 2020 6PM 5 min

Ukukhuthaza umoya wokuncokola enganeni yakho

Siyisiza kanjani ingane ebukeka ingenawo umoya wokuncokola?Umndeni wethu uhlale njalo uthokozela ukubuye uphubuke wuhleko ,ngaphandle kwalondodana wethu omdala osemaklasini aphakathi eprimary.Izingane zethu ezincane zihlale zigcwele ukuntela ,okwenza kuhlale kuhlekwa ekhaya.Kodwa ngokuphambene,ubhuti wabo omdala soze walibona elakhe izinyo .Uhlale e -serious kakhulu yena.Ngangithi yisikhathi esizodlula,kodwa kuze kube yimanje kuthe gqwa gqwa…
16 Mar 2020 6PM 5 min

Ukuthandana ngenhliziyo kunye nobungane obuqhubekayo

Ngakube mina nomnyeni wami sibunqamule ubungani nenye i-couple ngenxa yokuthi nje lendoda nami sivese sangena ekuthandaneni ngokwenhliziyo kuphela ? Sekwadlula manje,futhi nowakwami nonkosikazi walendoda bathatha isinqumo esiqinile , esigcwele umoya wokubuyisana kuyo yonke lento eyenzeka.Ngazizathu thizeni ,sesamisa nokuhlanganyela ndawonye okwesikhashana.Ngisho ngokwethembeka nje ,sekube yingxenye le ebe ngenzima kulo lonke loludaba.Kungukulahlekelwa…
15 Mar 2020 6PM 5 min

Ukubhekana nokulwa kwabandawonye

Ngenzenjani mayelana nokulwa okuqhubeka njalo phakathi kwamadodakazi ami? Umuzi wethu usuyinkundla yamaboxer uqobo.Umawami uthi kumele ngingenelele,kodwa umnyeni wami uthi kuyinto eyejwayelekile ezinganeni ezisesigabeni salezi.Ngakube kumele kungihluphe emoyeni lokhu?
12 Mar 2020 6PM 5 min

Inkambo enhle yobukhrest iqhathaniswa nengcindezi yezocansi

Ngakube ukuziphatha kahle ngokwezocansi ngokobuKhrestu akunampilo futhi akukho oemvelweni? Ngingowesifazane ozama ukuphila impilo emsulwa ,kodwa owesilisa engingena naye othandweni uhlala njalo engicindezela.Uthi umuzwa wami ngobumsulwa kwezocansi kungumuzwa nje ongenampilo wokwesaba –ngokuthi ngokuzama ukugculisa uNkulunkulu ,ngilahala ubuhle bemvelo nezinjabulo zokuphila njengokokuba uNkulunkulu wazidala .Ngiya ngokuya ngikuthola kunzima ukumphendula uma ekhuluma ngalendlela.Ningangipha…
11 Mar 2020 6PM 5 min

Ukukhula ngokobukhrestu kunye nendlela yokukhula

Kungani kudonsa kimi ukukhula njengoMKhrestu? Sengibe yikholwa isikhathi impela ,futhi ngimelwe ukuvuma ukuthi izinga lokukhula kwami kwezikamoya lingithena amandla.Ngamhla ngizalwa ngokusha ,ngakithi impilo izoba ngenzima kusuka lapho kuya phambili,kodwa emva kweminyaka ngizithola ngingakabi yilomuntu engangifuna ukuba nguyena.Angibuzwa ubukhona bukaNkulunkulu ndlelanye engangibuzwa ngayo ekuqaleni.Ngiyazi ukuthi enhlizyweni yami ukwesaba nokuzicabangela mina ,kuyisikhisi…
10 Mar 2020 6PM 5 min

Ingane izibuza ukuthi engabe izilwane ziyaya yini ezulwini

Ngakube izilwane zami o-doggy doggy bayoya nami eZulwini? Ngiphatheke kabi ngoba inja yami isandanakufa .Sesibe naleyonja ekhaya ,kusuka ngazalwa ,manje angiyiboni impilo eyoba mnandi lo -doggy doggy engekho .Ngike ngabuza uMawami ukuthi soyibona yini eZulwini ,uvese wathi angiyobuza uthisha wami kasontoskole,ovese wathi yena ,cha iZulu elabantu akulona elezilwane.lokho kungiphathe kabi.Nicabanga…
9 Mar 2020 6PM 5 min

Ubudlelwano obuguqukayo kwi-teen

Ngakube kungokwejwayelekile ukuthi ubudlelwano bengane nomzali buguquke uma isiyi-teen? Bengihlala njalo ngiseduze kundodakazi wami,kodwa izinto azisefani njengokuba eseyi-teeanger.Angisakwazi ukuxhumana naye-Uhlale njalo e-texter kumbe exhumana nabangani bakhe nge- cellphone yakhe .Ngizizwa sengathi ngilahlekelwe yinto eligugu kimi.Ngenzenjani?
8 Mar 2020 6PM 5 min

Ukubuka ngokwebhayibheli ukuzikhipha ekwakheni nabantu

Nicabangani ngamaKhrestu athatha inqubo yokuzikhipha kubantu ayokwakha wodwana?Adayise imizi yawo ,ayokwakha ehlane wodwa ezintabeni,alayishe ukudla ,ayozitshalela izitshalo zawo ,ayophila njengabasunguli bese elwela ngawo wonke amandla ukuzimela kwinqubo yokuphila yomhlaba? Baninganyana abantu engibaziyo asebethathe lendlela.Angibaphikisi ngokuphelele ekugcineni,ngikholwa sonke singangcono uma singathi ukuzihlubula ubuntofontofo bobumnandi bempucuko bese sifunda ukuphila ngendlela elula nje…
5 Mar 2020 5PM 5 min

Ukunakekela izingane sikhathi sinye nabadala ungalindele

Ngakube siwacabange yini amathuba okuthatha uMawethu simlethe ekhaya ,sikhathi sinye sisanakekela izingane zethu ezintathu ? Sinama teenager amabili noyedwa osamncane .Asiwuthandi umqondo wokuyisa uMawami ekhaya labadala,kodwa asifuni futhi ukuzithola esimweni esicindezelayo okwesikhashana njengoba sisabhekene nokukhulisa lezingane. Luhloboluni lwezinselelo enicabanga ukuthi singase sibhekene nalo?
4 Mar 2020 5PM 5 min

Ukubuka ngeso le-bhayibheli ukungena komkhrestu kwi – fine arts

Ngokokubuka kwebhayibheli ikhona indawo evumelanayo ne-Arts kulona, kumbe yintshisekelo nje yabantu bezomhlaba ? Singabona kanjani i-art enhle nembi? Indodakazi yethu ,ingumfundi we-art e university ,manje sinokukhathazekela ukuthi imosha nje amandla nesikhathi sayo.Ikakhulukazi sikhathazeke kakhulu ngengxenye yezokuziphatha kulokhu ekwenzayo-iclass lakhe elingokudweba izithombe zasekuphileni limdinga adwebe abantu abanqunu benotho abalwenzayo! Ninomuzwa onjani…
3 Mar 2020 5PM 5 min
840 – 860