
Ukulawula inzalo nokubuka okungokufa
Loading player...
Ngakube kukhona ukuxhumana phakathi kokulawula inzalo nokuhushula? Mina nonkosikazi wami siyathanda ukuba nomndeni lusuku lumbe, kodwa ngezizathu ezithile, sibona asikakulungeli lokho okwamanje. Kuleminyaka emibili sishadile sibufunile ubuso beNkosi ngenkombandlela futhi asizange sibe nokungabaza ngesinqumo sethu sokuthi ukuqhubela phambili kancane ukuletha izingane, ngokuthi sikwenze lokho ngendlela yokulawula inzalo okwamanje sisebasha emshadweni. Ngolunye usuku safunda I –article eyayingokumelana ngokunqamula impilo esesibelethweni eyenza umehluko omkhulu kithina ukuthi ukulawula inzalo nokuhushula isisu zinhlobo ezimbili ezehlukene zendlela efanayo.Umbhali wathi zombili ziveza umqondo wokumelana nempilo esibelethweni. Waze wabhala I–aguement ethi lokhu okunye kuholela kokunye ,wathi uma nawe ulawula inzalo ukhuthaza isiko lokufa. Lokhu kwasifaka ekudidekeni. Manje asisazi sicabange ndlelani.