Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
880 – 900

Ubuzali emva kwesahlukaniso

Ngingabuletha kanjani ubuzali obunqala uma kungukuthi umndeni wethu uqhekezwe yi –divorce? Ngingumama ongayedwana onendodana eko 4 weminyaka.Uye ahambe ayohlala noyise njalo ngempelaviki ,owangishiya ngikhulelwe yena ,.Uma eke wabuya ekhaya uyakhala akhalele uyise.Lokhu kuyangilimaza ngempela ngoba ngimkhulise ngingedwa ,okwenze kwayimi obhekane nomsebenzi wonke onzima ngisho nokumqondisa.Ngiphinde ngibe nezingane ezimbili komunye wesilisa…
5 Feb 2020 5PM 6 min

Indodakazi yethu ishada nongakholwa

Njengobaba onguMKhrestu ngakube ngingayibamba ingane yami ngesandla ngiyedlulisele ensizweni engakholwa ngomshado ? Phezu kweminyaka engu 20 sinonkosikazi siyikhulise ngezindlela zikaNkulunkulu.Isinqumo sayo size kithi njengenkulu indumalo lena.Siyayithanda indodakazi yethu ,kodwa kithina lo ngumbuzo wonembeza nokwethembeka emigudwini yebhayibheli . Ngokokucaciswe zibhalo ngokuboshelwa jokeni linye nabangakholwa , ngakube mina ,njengoyise ngiwunike I –support…
4 Feb 2020 5PM 5 min

Ukulekelela uwakwakho akwazi ukuphatha kahle ezezimali

Ngingamkhuthaza kanjani unkosikazi wami ukuba aqaphele ekusebenziseni imali ? umndeni wethu uthwale kanzima phambilini.Ngalahlekelwa ngumsebenzi iminyaka ewu 2 yonke nokho ekugcineni sengiwutholile umsebenzi o full time . Unkosikazi wami yena ubamba amatoho lapha nalaphayana ,kodwa sinezindleko eziningi kuwo lowo mnyama. Uvese athenge izingubo ezibizayo zakhe nezingane ,ngisho kungathiwa singalala sidlile…
3 Feb 2020 5PM 5 min

Imilingo kuma-movie nezokuzithokozisa

Nithini ngokuvezwa kobuthakathi ,imilingo nokuloya kuma storybooks ,amafilimu ,nezinhlelo ze TV nezinye izingxenye ze –entertainment ? Kubukeka sengathi izingane zethu zithululelwa wonke lomkhuba ,kungengebe nje kuphela ko -Harry Potter kodwa ngisho nakuma movie ase Afrika ngokuhlukana kwawo .Okwenza izinto zehluke kakhulu ibandla lethu lisanda kwenza inkundla yokuzobuka i-film engemilingo bayibize…
2 Feb 2020 5PM 5 min

Ongumkhwenyana nobaba onomakhwepheni obulili bunye naye

Ngingazizekela kanjani kodwa izingane zami ezisafunda isikole ukuthi uyise usesishiyile uphululana nenye intshebe ? Ukulahlekelwa ngumnyeni wami sekube ngukukhungatheka kimi ,njengoba nani ningazicabangela ,kodwa manje nginomthwalo ngezingane .Angikazitsheli lutho okwamanje .Kunzima kakhulu ngokwakho ukuzitshela ukuthi uyise uselihuzu ,ngesaba kakhulu ke manje le yokuthi uthathwe enye intshebe enjengaye lokho kovese kulethe…
30 Jan 2020 5PM 6 min

Ukusiza intombazane eyi-teen ibe ngowesifazane - (Part 2 of 2)

Yikuphi engingakwenza nginomnyeni wami ukukhulisa ingane yethu yentombazane ibe ngowesifazane uNkulunkulu afuna ibe nguyena? Kulomphakathi ogwegwile ngubulili ,sihlale njalo sikhathazekile ukuba ibugcine ubufazane bayo sikhathi sinye ibe ikhula ibe ngoqinile nomuntu omdala onelisekile .Kukhona enikuphakamisayo?
29 Jan 2020 5PM 6 min

Ukusiza intombazane eyi-teen ibe ngowesifazane - (Part 1 of 2)

Yikuphi engingakwenza nginomnyeni wami ukukhulisa ingane yethu yentombazane ibe ngowesifazane uNkulunkulu afuna ibe nguyena? Kulomphakathi ogwegwile ngubulili ,sihlale njalo sikhathazekile ukuba abugcine ubufazane bakhe sikhathi sinye ebe ekhula abe ngoqinile nomuntu omdala onelisekile .Kukhona enikuphakamisayo?
28 Jan 2020 5PM 6 min

Ukuxoxa ngokudideka kobulili nentsha

Ngingenza kanjani mina nomnyeni wami ukusondela kundodana nondodakazi bethu abasebasha njengokuba bebhekene nezimo zokudideka kobulili e -high school yabo? Ungeke ukukholwe ukuthi udaba olunje seluqhumbukile lwavela ekukhanyeni ngonyaka odlule .Omunye okulona ngomunye ongumngane omkhulu wendodakazi yami ,okuyimanje oziphathisa okomfana nofuna ukuphathwa kanjalo.Izingane zami zizama ukungayinaki yonke lendaba uma ubuka ukude,kodwa…
27 Jan 2020 5PM 6 min

Ingane engafuni uMawayo oyi-single-mother angene othandweni olusha

Njengowesifazane odivoziwe ,ngenze njani ngengane yami eyala kwasani ewubungani nanoma ubani omunye omusha empilweni yami ,ngisho nobudlelwane bothando obuqalayo nowesilisa ? Indodana yami ayifuni sanhlobo ukuthi ngibe ngowayo nabanye abantu.Ngingamchazela kanjani ngalesikhala esiba sebudaleni sowesifazane ukuba abe naye owesilisa empilweni yakhe? Wayengafuni noma ambone owesilisa phambili okwase kukhomba sizoshada impela…
26 Jan 2020 5PM 4 min

Isikole esiyi-bording ezinganeni zezisebenzi zeNkosi

Uthini umbono wenu nge bording school ezinganeni? Ngiye ngibone sengathi iyalimaza ngokwemindeni. Kodwa nje nje mina nomnyeni wami sisanda kuthola ubizo lokuyosebenzela iNkosi phesheya kwezilwandle ,okubukeka kuyilona luhlelo kuphela oluphambi kwethu yilo lolu.Anginasiqiniseko lokhu kuhle yini ezinganeni nasemndenini wethu,kodwa futhi asifuni futhi ukudela ubizo lwethu lokuhambisa ivangeli.Lukhona ululeko la?
23 Jan 2020 5PM 5 min

Izingane ezingabazayo ngoNkulunkulu

Singayisiza kanjani ingane yethu encane esangqubuzana nokholo lwayo? Emkhulekweni wakusihlwa izolo undodana wami omncane uvume ngezinyembezi unenkinga ekukholweni nguNkulunkulu .Lesisimo ngisixoxe kanjani naye?
22 Jan 2020 5PM 5 min

Ukubhekana nokugeleza kwemiqhafazo yezocansi entsheni

Lokhona utho mina nomnyeni wami esingalwenza ukwehlisa ukukhungatheka nge -teenager yethu ebhekane nakho ngenxa yokuzigaxa kwayo kwi –sexting? Impilo yakhe neyomndeni wethu yaphenduka yabheka phansi ngamhla kuqhumbuka izithombe zayo inqunu zijikeleziswa esikoleni sayo electronically.Njengokuba nawe ungazicabangela ubuhlungu benhliziyo busankentenketha kakhulu. Ngaphezu kwalokho isibhekene necala lobugebengu . Lukhona usizo eninalo ngathi?
21 Jan 2020 5PM 5 min

Ukuqhumbuza ezomshado kwi-social media

Kukhona okuyiphutha uma ngixoxa nabangani bami ku facebook uma ngifuna ukuthimula umkhuhlane ohlasele umshado wami? Kwesinye isikhathi ngiye ngikhungatheke ,ngiphatheke kabi ngowakwami ,bese kuthi kulezokhathi ngizizwe sengathi ngingakhuluma nomuntu onomuzwa ngami nozoqonda . Nicabanga ngakube yindlela enempilo le ukubhekana nalemizwa yenhliziyo?
21 Jan 2020 5AM 5 min

Ukuqonda i-sexting yentsha

Njengomzali we-teen ngakube I –sexting yinto okumele ngikhathazeke ngayo ? Sengizwe kaningi ngalokhu ezindabeni, kodwa angikaze ngicabange ukuthi ingane yami ingaqoleka yilesilingo.Asikaze sikhulume ngakho ngoba angisheshi kweze technology,futhi angazi ngqo kubandakanyi ini.Ngale kokuthi ,uyingane enhle.Nicabanga ngimelwe ukusimungunya lesihloko naye?
19 Jan 2020 5PM 5 min

Izimpawu zenhlese embi emshadweni nge-social media

Ngingabona kanjani uma kungukuthi ukuzibandakanya kwami kwi social media ,facebook,twitter nokunye .- kuyincuphe emshadweni wami ? Angikacabangi yisona simo njengamanje,kodwa angifuni futhi ukuqhamuka sengithuswa yi -surprise. Ninawo amazwi enhlakanipho eningangipha wona?
16 Jan 2020 5PM 4 min
880 – 900