Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
800 – 820

Ukusiza umfana ukuba abe yindoda

Mina nomyeni wami senze njani ukukhulisa indodana yethu ibe yindoda, uNkulunkulu afuna ibe yiyo?Kwesinye isikhathi ubukeka ekwesaba ukukhula ,nokuhambisana nakho ,sifuna aqunge isibindi .Kodwa futhi asifuni abe yibhubesi .Senze njani ukuletha i balance kulesisimo?
24 May 2020 6PM 5 min

Usizi ukungabikho kobulungiswa nothando lukaNkulunkulu

uma kuwukuthi uNkulunkulu unobulungiswa futhi unothando kungani pho kube nosizi olungaka emhlabeni?Ngifuna ukukhulwa ubuhle bakhe ,nokho ukungabi bikho kobulungiswa kulokhukuphila kungenza ngicabange noma ekhona kodwa akanake lutho.Kungekudala nje umakhelwane wami ,indoda enomoya omuhle ilahlekelwe ingane yayo engozini yemoto ,kumshayeli obezidakelwe.LoNkulunkulu uvume kanjani umshayeli oyisidakwa aphume engenamyocu ? Engikushoyo kuncane nje…
21 May 2020 6PM 5 min

AmaKhrestu nophuzo oludakayo

Lithini izwi ngokuthi qhabu? Ngibuziswa ukuthi sekuyanda emakholweni,kuyangena impela nje. Angazi noma ngizizwa kahle yini ngalesisimo ,yikho ngibuza izimvo zenu?
20 May 2020 6PM 3 min

Okweshumi nokunikela ngesikhathi unezikweletu

Singaqubeka yini sikhiphe okweshumi ebandleni lethu ngesikhathi sisanciphisa izikweletu?Sinomkhwenyana wami sibhekene nentaba yesikweletu esiqonge kakhulu emva kweminyaka.Singakumisa kancane ukunikela size sinelise esibakweletayo?
19 May 2020 6PM 3 min

Ucansi olunyamanye nocansi oluhlukumeza umqondo emshadweni

Uma kuwukuthi ucansi luyingxenye enamathele ebudlelwaneni obuphilile emshadweni-Ngakube lokho kuchazani emshadweni la khona ucansi seluwubuhlungu emqondweni wonkosikazi? Ngikulesosimo.Ziningi izizathu zalokhu ,kuzo asikho esithinta ukuhlukunyezwa phambilini kumbe ukuphatheka kabi ngokwenkonzo.Ingxenyana ingombuzo wezinhlungu nokungazizwa kahle ngokwenyama ,nokho inking ‘enkulu ucansi olunganabumsulwa umkhwenyana wami angifaka kulo . Kade wakinatelwa yi-pornography ngakho-ke uye afune…
18 May 2020 6PM 4 min

UKukhulelwa emva kuka 40 weminyaka

Ikuphi esingakulindela ngokukhulelwa usumdala? Siqeda kuthola ukuthi umkami ukhulelwe ,kanti useko 40.Sijabule nokho sinovalo.Sesivele sinabo abantwana abathathu sebengama teenager ,so ke asethesiwe ukukhulelwa.Kodwa ngakube kukhona yini okusemqoka okumele sikwazi ngokukhulelwa emva kuka 40?
17 May 2020 6PM 4 min

Unkosikazi ukhathazekile ngomkhwenyana ode eba nemihlangano ngasese nomqashi wesifazane

Umkhwenyana wami axhumane kanjani nomqashi wakhe wesifazane? Kancane kancane nje udinga ukuxoxa naye ngomsebenzi kodwa kube sesitha ,so uyaye abhukhe I lunch naye bobabili.Hhayi mina angiyizwa kahle lendaba kodwa yena akanankinga ngoba uthi esikhundleni akuso kuyinjwayelo.Hle hle mangase ngiveze ukukhathezeka kwami ngizomkhuba ngokomsebenzi wakhe.Nicabanga kanjani futhi enze njani?
13 May 2020 6PM 3 min

Ingcindezi nokuzibulala kwamabhungu namatshitshi

Sengizwe kaningi ngenkinga yabasha abazibulalayo .Ngakube loluchungechunge olukhombisa ukuba kwabo nengcindezi ,lungenza ibhungu lami nalo libe kulencuphe yokuzibulala na? Yibuphi ubudlelwane obuphakathi kwengcindezi nokuzibulala? Ngingayitholaphi indawo engasiza undodana wami?
12 May 2020 6PM 4 min

Ukugqugquzela izingane ukunyakazisa umzimba

Yikuphi esingakwenza umfana wethu angade egqolozelene ne TV kodwa simbone futhi esemnyango enyakazisa nomzimba.Sikhathazwa umphumela wezempilo azoba nawo mayehlala ehleli nje .Singamshukumbisa kanjani anyakanyakaze,maside simbelesela nje hhayi ukuthela amanzi emhlane wedada.Akhona amasu eningasipha wona?
11 May 2020 6PM 3 min

Ukugcina umuzwa wocansi useqophelweni emshadweni

Indoda ingazigcina kanjani isogqozini locansi nomkayo emumva kweminyaka bashada? Uthi UJesu osebuke owesifazane ngenkanuko ,usemphingile enhliziyweni [NgokukaMathewu 5:28],manje kimi akuwenzi umqondo ngoba ukulangazelela kocansi kuhlale kuyimfihlo yokuzwayo.Intokazi enhle engiyiqalayo nje ukuyazi ivese ingihlabe umxhwele .Ngakwelinye icala unkosikazi wami angabi namxhwele ngoba vele sengiyamazi. Kuyazenzakalela ngemvelo ,ngisizeni bazalwane ngenze njani ngoba…
10 May 2020 6PM 5 min

Ukuhlela isikhathi sokuqala ukuthola abantwana makuqedwa ukushadwa

Mhalmbe singake siqale sizinze emshadweni bese kuyila sithola abantwana? Sisebasha nje sisekuma 20 s.Umakoti wami yila eqeda izifundo zakhe nami ngisasungula kahle ibhizinisi lami.Sisatatazela ,anginaso isiqiniseko sengikulungele ukuba wubaba.Kukhona umqondo eninawo osivuna ukuqala umndeni mase sizinzile
7 May 2020 6PM 4 min

Ukuthemba uNkulunkulu ezikhathini ezinzima

Uma izinto zingahambi kahle ngibambelela kanjani eNkosini? NjengoMKhrestu ngiyaqonda kumele ngibonge konke futhi ngibheke eNkosini ngezidingo zosuku nosuku.Nokho ngiqhamuka nyakenye esimweni esimanhlembethwane.Kulezikhathi ke ngimbonga kanjani uNkulunkulu? Ohlelweni Ezomndeni sizozama ukukuphendula kafuphi.
6 May 2020 6PM 4 min

Indoda nesimo sokungasebenzi

Ngakube ubaba ongasebenzisi’ mubi kunongakholwayo’,njengoba kungathi uPawuli ubeka kanjalo ku 1 Thimothewu 5:8? Angiqondi ngempela? Nginezinyanga eziwu 8 ngadilizwa ,okwamanje iholo lalayikhya litholakala kumama ngisho nangesikhathi ngisasebenza ngangehluleka ukondla ngelami lodwa.Manje ke abafundisi nabasakazi bathi yithi okumele sondle imindeni yethu.Kuyiva kimi lokhu ,nisho ukuthi iNkosi ingibona ngiyisahluleki?
3 May 2020 6PM 4 min

Ukubheka izimpendulo emkhulekweni

UNkulunkulu ukuphendula kanjani ukunxusa? Angiboni zithelo ezitheni ngokunxusa kwami ngomtanami owukhandalimtshelokwakhe.Futhi sekuguge amadolo.Kukhona yini la ngingakhuleki kahle ? Ngiwajikisele kwenye indawo amehlo kulezimpendulo na?
30 Apr 2020 6PM 4 min

Izimangaliso-izimpawu nezimanga zakulezinsuku

Ngakube niyakholwa ukuthi uNkulunkulu usazenza izimanga ? Amakholwa akholelwa ezimangalisweni athi simelwe ukwenza imisebenzi uJesu ayeyenza , ‘nemikhulu kuleyo” [Johane 14 : 12]. Abanye bakholelwa ngukuthi kwafika ekuphetheni okwezimangaliso sekugoqwa ngeThestamente Elisha . Kuthini ukubuka kwenu?
29 Apr 2020 6PM 5 min

Umshado emva kokuphela kwempilo

Ngakube ngiyoba ndawonye nomnyeni wami eZulwini ? Wedlule emhlabeni kulonyaka ,okwenze kwanzima ukuphila impilo ngaphandle kwakhe .Umngani wami ungiduduze ngokuthi angikubeke enhliziyweni ukuthi siyobonana nomnyeni wami eZulwini lusuku lumbe .Kodwa masisha omunye umngani wathi kimi ,cha ubudlelwano esinabo la abuyikufana mase siseZulwini ngokwamazwi ashiwo nguJesu .Kusuka lapho inhliziyo yami inkenkethe…
28 Apr 2020 6PM 5 min

Amantombazane amancane namaphupho ngosaziwayo

Ngakube kuhle yini entombazaneni esencane ukuba ithathwe ngosaziwayo abathile kwi-TV ? Undodakazi uyazifela ngabo useze wanameka izithombe zabo zagcwala ikamero lakhe lonke .Lokho okungenza ngiphatheke kabi ngoba angazi ukuthi inqubo yabo ixhumana kanjani nokuziphatha kwentombazane nowesifazane ngokwebhayibheli .Okudlulele ngukuthi angimfuni ukumbona elubekela empilweni naye ukuzokwangiwa yilama –Charmer avezwa kulabosaziwayo bamantombazane…
27 Apr 2020 6PM 5 min
800 – 820