Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
780 – 800

Ukukhulelwa ungashadile qede umfana anagfuni ukuba ngubaba

Isoka lami ngingalikhuthaza kanjani liqonde sekuyaphoqa libe ngubaba?Inyanga yokugcina le ngikhulelwe ,kodwa kuze kube manje akukho akwenzayo.Wangiqonda ngqo!wangitshela emehlweni ukuthi akakaziboni ewubaba.Emva kweminyaka emibili usede eqhela kimi ,bese ngithi mhlampe ingane izosihlanganisa.Ngimdinelwe ,futhi ngifuna ukuhlukana naye ,inkinga nje ingane.Angikwazi ukukhulisa ingane yethu ngedwa ,ngisho kuthiwa ngingakwazi angeke ngikwenze .Ningangisiza?
18 Jun 2020 6PM 4 min

Ukunqubuzana nokuklwebhana kwezingane

Singamisa kanjani ngamadodakazi ethu enye ino 13 enye ino 7 weminyaka Bengahlali belwa.Ngibona imiphumela yakho konke lokulwa kwabo iyogcina inokulimala .Siwumndeni okholwayo ngakho ke sesibafundise kaningi ukuba mnene ,nothando nokuthethelelana .Emva kwalesosifundiso baye bathembise bazoshinstha kodwa emva kwesikhathi ubone ukuthi bekuyiculo nje.Kunini lakhona okumele sibone lokhu kulwa kwabo, sekuphimile esandleni…
17 Jun 2020 6PM 3 min

Umkhwenyana wami uhlukumeza izingane zami ngamazwi nengaphakathi

Umkhwenyana wami akakaze asihlukumeze ngokomzimba ,kodwa uhlale njalo engcofa izingane ukuba zizizwe zingelutho.Isibonelo ;uzitshela ziyiziphukuphuku namavila.Umfana wethu akamkhuthazi kwezemidlalo.Utshela undodakazi ukuthi mubi unemicondo .Ziyazama izingane ukumziba ziqinise ubuso kuye.Kodwa mina ngiyabona izingqondo zazo ziyezwela kulokhu kugxekwa.Ngifuna ukuzisiza kodwa ngifuna futhi ukuba umama othobekile.Ngikhathazekile uzophendula kanjani uma ngimqonda .Ngenzenjani?
16 Jun 2020 6PM 4 min

Sivikela kanjani intsha ekuzifakeni ocansini online

Yiziphi izinto engingazenza ukuvimba umuntu omusha wami angazifaki ocansini ngemiqhafazo?Ngikhathazekile uma ngifunda ukuthi izinga likhula kangakanani ezinganeni ezithe shi kulolubishi ngama –phone.Ngiyaqonda futhi ukuthi imiphumela ingaba ngenzulu.Ngakolunye uhlangothi angazi ukuthi yini engingayenza ukuvikela lesisimo.Nicabangani?
15 Jun 2020 6PM 4 min

Umama ofuna uthande yena yedwa noma usumdala

Ningangiluleka nithini ngoMawami onomona ngami ufuna ngiphathwe nguye kuphela?Nakuba nami sengagana ngathola nezingane zami kodwa nje usangiphathisa okwengane . Mina kuyangijabulisa ukunamathela kuye kodwa yena uyeqisa,futhi ufuna sibe ngabangani bomhlaba! Uze anyukubale uma ngizihlalele nobaba kumbe amanye amalunga omndeni.Ngisho omalume no anti makunezipho abafuna ukungijabulisa ngazo yena uhlale efuna sengathi…
14 Jun 2020 6PM 3 min

Unkosikazi ongenkamunkamu nezingane afice umkhwenyana enazo

Unkosikazi engishade naye manje akanaluzwelo ngezingane zami engangizithole konkosikazi wokuqala.Sezizonke izingane zethu ziwu -4 –Eziwu 2 ezami zomshado wokuqala-eziwu 2 ezethu kulo-Kodwa ukhonze ezizalwa nguye kuphela.Sisaqala wayekhombisa ukuzimukela,kodwa manje akasazizwa sanhlobo enhlizyweni yakhe.Loluhlobo lwento luyenzeka kuyo yonke imindeni enabantwana abahlukene? Ngenze njani ngalesisimo?
11 Jun 2020 6PM 4 min

Ukubuyisa ukuthembana emshadweni

Singenze njani ukubuyisela ukuthembana emva kweminyaka ebe nezimo ezibuhlungu emshadweni wethu ebezidinga ukuthethelelana sobabili? Singakubuyisa kanjani ukuthembana ebudlelwaneni bethu?
10 Jun 2020 6PM 5 min

Ubuzali obuqotho phakathi ezihlotsheni eziziphilelela ngenkambo ephansi

Ingempela ngempela sizikhulisa kanjani izingane zethu la khona abangani nozalo bephila ngendlela ephambene nezinkambiso zethu? Singumndeni oqatha okholwayo sifuna izingane zethu ziphila ngenkambo yobuKhrestu.Nokho akusibo bonke abaphila njengathi,ngisho o anti,obaba nomakhelwane bamelene nenkambo yoBuKhrestu futhi bafuna ukukhipha konke esikufaka ezinganeni zethu.Senzenjani kulesosimo?
9 Jun 2020 6PM 3 min

Ukuqondisa ingane ehlale ibaleka

Ubhekana kanjani nengane ezenzela okwayo ,okuthi mase uyibiza ivese ibaleke ngoba ibona izojeziswa?Makuke nje kwanenkinga uyanyamalala ,sekomele side simjaha,ungasayiphathi eyokumqondisa.Ngakube lokhu kujwayelekile ,sibhekane kanjani nakho?
8 Jun 2020 6PM 3 min

Ukuchama njalo ebusuku kwengane esikhulile

Singammisa kanjani umfana wethu ukuchama njalo? Singathola kanjani umnyombo walokhu kuchama esemdala? Kuyakhathaza ukuwasha njalo izingubo zakhe zokulala esezibhukudise ngomchamo.Sengilahlakelwe ukubekezela futhi naye ngiyambona ulimele ngokuthi sengidiniwe.Sikhona isisombululo kulenkinga?
7 Jun 2020 6PM 4 min

Ukufundisa izingane inhlonipho esikhathini engasangenwa khona

Ngingafundisa kanjani isizotha ezinganeni zami ngoba sekubukeka kuyinto esikhohlakala ezinganeni nakwabadala.Kusemqoka kimi kodwa ngibuka ubunzima besikhathi esikuso. Ngingabafundisa kanjani abami bebe nomozwa ngomunye umuntu njengoba sesiphila nje esikhathini lakhona abantu bengesenandaba nomunye?
4 Jun 2020 6PM 3 min

Umnyeni wami uyahlukumezana emzimbeni

umkhwenyana wami usebe nomkhuba wokuba wudlame emshadweni wethu wonke.Ngizizwa ngagaxela la.Kwezinye izikhathi ngisabela ukuphepha kwami,kodwa angazi ngintunte ngiyephi.Ningangisiza’
3 Jun 2020 6PM 4 min

Ukubhekana nomamezala ohluphayo

Ngibhekane kanjani nomamezala wami ekungangikholweni kwakhe ukukhulisa izingane zami ,uvese angihahabeze phambi komyeni wami nezingane.Sekwenele manje! Ngenze njani?
2 Jun 2020 6PM 3 min

Ingane enenkinga yokuqamba amanga

Kodwa intombazane yami ngingayimisa kanjani amanga? Ngimbamba njalo esungula izinganenkwane ekhaya kodwa nguye futhi kimi ode ekhala ngokuthi izingane eskoleni azikholwa yilutho alushoyo.Ngakube unesipho sokusungula ingxoxo noma inkinga yamanga nje?
1 Jun 2020 6PM 3 min

-DELETED- Izeluleko Kuma-Teenager Noku Nokuxoxa Online

Uthini umbono wenu nge –teenager ezibandakanye ne –social network kunye ne –online chat rooms?Sengike ngafunda izinkulumo zamanye ama teen kuma –sites indodakazi yami efuna ukungena kuwona ,futhi abukeka engenabungozi .Nokho nginokusabela ukulahlekelwa ngukulawula ingane yami ,igcine iphethwe ngontaka bayo.Ngakube kumele ngikhathazeke?
31 May 2020 6PM 5 min

Ngakube ingcindezi iyisono

Umbuzo othi ngakube ingcindezi iyisono ,abaningi imvamisa bazibuza wona uma bebhekene nemizwa ebuhlungu enhlizyweni.
31 May 2020 6PM 5 min

Ukubuka ukugembula ngokwebhayibheli

Ngakube ngempela ibhayibheli lithi kubi ukugembula? Ngiyabona ukuthi nakho kunjengoku dansa nokudlala amakhadi –amakholwa aqinisa kakhulu, amelene nakho.nokho angikholwa kunezisekelo zezwi azisebenzisa ukumelana nakho mina engikubuka kuwumdlalo nje ongenabungozi.
28 May 2020 6PM 6 min

Hleze umkhwenyana ubishe ezithombeni zobunqunu

Ngenze njani uma ngikholwa ukuthi umkhwenyana wami ubuka izithombe zobunqunu ezixakile? Kanginabo ubufakazi obuqanda ikhanda kodwa nginazo izinsolo eziseka lokhukwesaba enginakho.Uvese abhoke ngolaka uma ngike nje ngathi ngakhuluma ngalesihloko athi ngidlala imicabango nje .Ningiluleka nithini?
27 May 2020 6PM 5 min

Ibhayibheli nocansi phambi komshado kunye nokuziphatha ngokozwecansi

Yikuphi ngempela la khona ibhayibheli lithi kuyicala ukulala ngaphandle komshado? Abazali bami bahlala bengiyala njalo ngokuthi izwi lisiyalela singayi ocansini phambi komshado.Manje ngoba sengikhulile sengikwazi ukuzicabangela ,sengiqala ukuyingabaza leyonto.Angikakaqondani nento ebhayibhelini evumelana nalombono wabo.Okwedlulele ukuthi angikatholi simo lakhona ibhayibheli likhuluma ngomshado wasesontweni! UIsaka no Rebheka abazange bashade esontweni.Bazihlanganela bazilalela kwaphela…
26 May 2020 6PM 5 min

Oshadile uthola imiyalezo ehuhanayo engokocansi

Ngibhekane kanjani nesimo lakhona uwakwami ethola imiyalezo ehuhanayo nengalungile kw- social media? Ngizithele kulokho ekhasini lakhe ,kusukela lapho ngikhathazekile.Ngenzenjani ngalesisimo?
25 May 2020 6PM 5 min
780 – 800