
Umama nobaba baphikisana ngokuqondisa izigwegwe enganeni
Loading player...
Singafika kanjani ekuvumelaneni nonkosikazi wami mayelana nokuqondisa izingane? Ngizamile ukufundisa indodana yami uqondiso oluqinile,kodwa unkosikazi wami uhlale ephikisana nezindlela zami. Uthi nginesandla esiqinile kumfana.Njengoba ungazicabangela,lokho kungaba yisilonda emshadweni wethu.Ngingafeza kanjani engikholwa kuyiqhaza lami njengobaba emshadweni wethu ngibe futhi ngiqhubeka nokwazisa umkami nezimvo zakhe?