
Ukukipita nesoka elihlukumezayo
Loading player...
Ninazo izimpendulo ngomuntu ogaxele ebudlelwaneni obuyimbidlizo? Esokeni lami leminyaka eyisithupha ngiqeda kuthola nje umntwana. Besihlala sinqubuzana ,kodwa ligaye ngomunye umhlathi ,nje ,ekutheni sihlale ndawonye onyakeni nengxenye odlule.Icebo lethu kwakuwukuhlanganyela izindleko ze-rent nokunye,okugcine kwenziwa yimi konke.Kade ngangifuna ukuphuma kulesimo.Kodwa kuthe mangikhulelwa ngabona kusemqoka ingane yami ikhule siwumndeni.Sisendawonye namanje kodwa izinto zimaxhapheshu.Uyangihlukumeza enhlizyweni futhi useke wangishaya kabili.Ngokweqiniso nje ngiyesaba ukushiya indodana yethu naye.Uthi uma ngimshiya ngeke ayondle ingane .Anginamndeni engingabuyela kuwo.Ngenzenjani?