Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
460 – 480

Ubaba Ofuna Ukubuyisa Ubudlelwamo Nezingane Azilahla

Uma wenze amaphutha amakhulu empilweni kwenza imiphumela yawo ingagwinyeki.Ungaguqula ukuziphatha ngokuphelele kodwa inqobo nje uma amaphutha owawenza alimaza abantu,kunganzima satshe ukuphinda uthembeke futhi ube nobudlelwane nabo.
6 Sep 2021 6PM 5 min

Ubaba Odiniwe, Indodana Ediniwe

Inkambo kayifundiswa kodwa iyenziwa.Ngamanye amazwi ingane yenkalankala yabukela kunina. Lokhu-ke okungaba yinto enhle inqobo nje uma abazali behamba ngendlela abayothakasela ukuba yenziwe ngabantababo.Nokho uma ukhombise inkambo embi ,nabantabakho bazokulingisa.
5 Sep 2021 6PM 5 min

Kungani Incwadi Yomshado Nomshado Ubalulekile

Sewake wazibuza kungani amaKhrestu engena emshadweni qede abe nencwadi esemthethweni ekhomba umshado wawo njengokuzinikela eNkosini ,Ungabe usasuka nxashana sisabhunga ubumqoka bomshado nencwadi yomshado
1 Sep 2021 6PM 4 min

Ukukhulelwa Ungashadile Qede Umfana Anagfuni Ukuba Ngubaba

Ziningi kakhulu izimo lakhona abangashadile bemitha bese umfana kutholakale ukuthi akayingeni eyokuba ngubaba.Lokho okushiya intombazane esimweni esinzima,sizokhuluma ngalokho kanye la ohlelweni Ezomndeni.Ungabe usasuka.
31 Aug 2021 6PM 4 min

Ukunqubuzana nokuklwebhana kwezingane zandawonye

Ukuklwebhana nokulwa kuyenzeka kuyo yonke imindeni yabazalwane kodwa sidinga ukufundisa izingane zethu zithobelane zihloniphane.Kuwuhambo olungelula kodwa kubiza umzali asiqonde isimo
30 Aug 2021 6PM 3 min

Usizi,ukungabikho kobulungiswa nothando lukaNkulunkulu

Ngakube sewake waba nendida ngokuthi kaze uNkulunkulu unawo nje umuzwa ngawe nomhlaba wonkana? Ngosizi nobuhlungu obukhona kwamhlaba ,kugcina kuyinto enzima ukukholwa ubukhona nonakekelo lukaNKULUNKULU
26 Aug 2021 6PM 5 min

Sivikela kanAugi intsha ekuthumelelaneni ngezithombe zobunqunu

“Yiziphi izinto engingazenza ukuvimba umuntu omusha wami angazifaki ocansini ngemiqhafazo?Ngikhathazekile uma ngifunda ukuthi izinga likhula kangakanani ezinganeni ezithe shi kulolubishi ngama –phone.Ngiyaqonda futhi ukuthi imiphumela ingaba ngenzulu.Ngakolunye uhlangothi angazi ukuthi yini engingayenza ukuvikela lesisimo.Nicabangani?”
24 Aug 2021 6PM 4 min

Ukusiza umkhwenyana ongasebenzi

Siyaqonda ukuthi iqhaza lendoda ekhaya -ukondla ,ngenxa yokuthi uNkulunkulu wayicijela ukusebenza ,yingakho indoda ekhaya izizwa ihloniphekile uma igcina leliqhaza. Ngakho ke uma ubaba engasebenzi ,uye azizwe engelutho .Umama ke qhaza lini angamqinisa ngalo esafuna umsebenzi?
23 Aug 2021 6PM 4 min

Ukuqeda amahloni enganeni esafunda ecreche

Uma ingane esencane ingaxoxi nezinye ngisho nabadala siyibuka njengengane enamahloni. Isimo ke lesi esingajwayeleka kaninginingi ezinganeni ,kodwa umbuzo usekutheni umzali asemukele yini lesisimo lakhona ingane iba nezitayela ngisho sekumele iye e crèche?
22 Aug 2021 6PM 3 min

Umama ofuna uthande yena yedwa noma usumdala

“Ningangiluleka nithini ngoMawami onomona ngami ufuna ngiphathwe nguye kuphela?Nakuba nami sengagana ngathola nezingane zami kodwa nje usangiphathisa okwengane . Mina kuyangijabulisa ukunamathela kuye kodwa yena uyeqisa,futhi ufuna sibe ngabangani bomhlaba! Uze anyukubale uma ngizihlalele nobaba kumbe amanye amalunga omndeni.Ngisho omalume no anti makunezipho abafuna ukungijabulisa ngazo yena uhlale efuna sengathi…
19 Aug 2021 6PM 3 min

AmaKhrestu nophuzo oludakayo

Zininingi izimfundiso kubuKhrestu ngophuzo kubazalwane.Lesisihloko sesibe yimpikiswano kwabaningi,manje ke lithini ibhayibheli? Sizoke sibuke lokho ngokwezwi.
18 Aug 2021 6PM 3 min

Ingane ehlale ishaya abafowabo nodadewabo abancane Kanye nemfuyo

Ukuziphatha kwengane kuncike kwingaphakathi layo ,isibonelo : imizwa yenhliziyo nokubhekana nezinto eziyikhathazayo.Ingane isengafunda futhi kwabangaphandle indlela yokuziphatha engamukelekile ,sibala abangani,umndeni kumbe izithombe nemibhalo engasile kwi TV. Okusemqoka ukuthi ukuba nempi kwakhe kukhomba ingaphakathi elingalungile,okungamele kuzitshwe.
17 Aug 2021 6PM 4 min

Insizwa ozongena nayo emshadweni isanda kuphenduka

Uma kuwukuthi unembuzo ngokuthenjiswa umshado ngumzalwane osemusha eNkosini ,beka indlebe ngoba la ohlelweni Ezomndeni sibuka ubumqoka bomzalwane osemusha ukuthi ugxila kanjani esisekelweni sokholo ,kube kuqondane futhi nesikhathi sokungena othandweni
16 Aug 2021 6PM 4 min

Unkosikazi ongenkamunkamu nezingane afice umkhwenyana enazo

Izingane eziyingxubevange emndenini ,yisimo esikhula ngamalengiso leso,okwenza emshadweni kube khona ezithandwayo nezingathandwa .Nkashana abashadene bezinikela ezinganeni zabo ezehlukene kungayisimo esinzima futhi esingahhedlezelisa ubudlelwano bomshado wabo
15 Aug 2021 6PM 4 min

Okweshumi nokunikela ngesikhathi unezikweletu

Ngenxa yokubiza kokuphila ,lokho sekwenze izikweletu zayinjwayelo kwabaningi,ukuklinywa yizo sekwenze abazalwane abaningi babe bamanqika ngokweshumi nokunikela eMbusweni kaNkulunkulu.Siyaqonda imiphumela yokungazikhokhi izikweletu iyasinda ,nokho limi kuphi ngokunganikeli ebandleni?
11 Aug 2021 6PM 3 min
460 – 480