Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
480 – 500

Ukubuyisa ukuthembana emshadweni

Ukuthembana emshadweni kusemqoka ukuze buphumelele ubudlelwano benu. Uma kuke kwanezimo ezenze kwanqamuka ukuthembana ,kunzima kakhulu ukukubuyisa.
8 Aug 2021 6PM 5 min

Ubuzali obuqotho ngenkathi abomndeni nezihlobo benemibono ehlukile

Uma ungumzali uyaqonda ukuthi kakusiniswa amahleza ukuba ngumzali ,futhi uyabuqonda ubumqoka bokuqhakambisa ubuqotho emndenini .Indaba isekutheni wenze njani –ke uma uphila phakathi kwabantu abangenankambo bese bafune ukufaka lowomoya ezinganeni zakho?
4 Aug 2021 6PM 3 min

UKukhulelwa emva kuka 40 weminyaka

Abanye abashadikazi bayalinda ukuthola abantwana.Yebo baningi omama abathola abantwana beko 40 weminyaka.Namhlanje kweZomndeni sizobhekisisa omama abangakulindela ekuzithwaleni eminyakeni eko 40 .
3 Aug 2021 6PM 4 min

Ukuqondisa ingane ehlale ibaleka

Ukuqondisa ingane esencane kuyijoka ,singasayiphathi ke eyokubaleka uma eke wezwa uzobhekana nemiphumela yesenzo sakhe ,sekumele ke manje uhubhane naye. La ohlelweni Ezomndeni sizoke sithi ukuyibukisisa lendaba.
1 Aug 2021 6PM 3 min

Ukuchama njalo ebusuku kwengane esikhulile

Kukhathaza umzali nengane ukuqhubeka ichama noma isidlulelwe yisikhathi sesigcozi.Mhlawumbe kungenzeka ukhathazekile ngomtanakho ongedlulwa wubusuku engawumanzisanga umbhede. Ohlelweni Ezomndeni, sithanda ukunithobisa ingqondo ngokuthi sibuke indlela izitho zomzimba ezisebenza ngayo.
29 Jul 2021 6PM 4 min

Umama oxinwa umsebenzi aswele isiskhathi nabantwana

Ngakube ubutasa bempilo bukuncisha isikhathi nabantwana? Unokufisa nga ubudlelwano nabantabakho bujulile buqhakile? Ngokuphazima kweso sivese sibone ingane isiqede unyaka bese siyabuza isikhathi. Lokho ke kuyivusamqondo kithi singabazali ukuba sishintshe indlela esihlela ngayo isikhathi nezinto eziseqhulwini kithi.
28 Jul 2021 6PM 3 min

Ukufundisa izingane inhlonipho esikhathini engangenwa khona

Emphakathini nasesikhathini esiphila kuso inhlonipho isiphenduke inganekwane, manje-ke wenze njani mawufuna ukukhulisa eyakho ngenhlonipho nesizotha? Namhlanje kweZomndeni sifuna ukubuka kabanzi lithini iBhayibheli ngenhlonipho.
27 Jul 2021 8AM 5 min

Ukuvuleleka ngama-account nama-passwords e-social media emshadweni

Esikhathini esikuso ukuvula i-social media account kulula kunokuvula i-bank account futhi wona maningi kakhulu. Kuwubuhlakani ukubuka umthelela lama-account anganawo emshadweni. Siluleka ukuvulekelana emshadweni ngawo ngenhloso yokuvimbela inhlese engangena.
26 Jul 2021 8AM 4 min

Ukubuyisela ukukitazeka emshadweni

Ubudlelwano emshadweni buhle kakhulu njengokubekwa kwakho nguNkulunkulu nokho kubuye kube nempicabadala kuloluhamba. Kuyamanagaza ukuthi bangaki abashadile abazibuza beziphendula ngemishado yabo. Baningi besixoxela ngokukhathazeka ngezimo zeyabo qede bacele usizo.
23 Jul 2021 8AM 3 min

Ukuzivikela kunye nomshado wakho ungaphathwa yi social media

Ngakube ezokuxhumana emoyeni zihlafuna kwasani eyisikhathi sakho nowakwakho nomndeni? Ngakube uhlala ku Facebook ngaphezu kokuba nomkhwenyana wakho? Ohlelweni Ezomndeni sikulethela amasu namuhla ukuthi ungayiphatha kanjani i-social media?
21 Jul 2021 6PM 3 min

Ukuqopha izikhathi ezingenakukhohlakala emndenini

Unyaka odlula ngokuphazima kweso, nokho sidinga ukukuhlosa ukuqopha okuyohlala kukhumbuleka emindenini yethu. La ohlelweni Ezomndeni sifuna ukukucobelela ngezindlela ezilula ukuqopha izikhathi eziyohlala zikhumbuleka njalonjalo.
18 Jul 2021 6PM 3 min

Emva kokungathembeki kukamama kusebukhuni satshe kubaba

Uma ukungethembeki kuhlasele umshado, izibazi kosemshadweni zingathatha isikhathi ukulapheka. Namuhla sikhuluma ngokushiywa, nangokulahleka kokwethembana, la ohlelweni Ezomndeni sizozama ukubukisisa ukulapha umshado emva komunye engathembekanga.
15 Jul 2021 6PM 4 min

Ukubhekana nomamezala ohluphayo

Isihloko sikamakoti nomamezala siyiva emishadweni eminingi. Ubudlelwano babo buvamisa ukuhhadlazela uma kungenamincele ecacile, sizokhuluma ngalo kanye loludaba lapha ohlelweni Ezomndeni.
14 Jul 2021 6PM 3 min

Ingane enenkinga yokuqamba amanga

Ngabe ingane yakho seyake yakuqambela amanga emehlweni libalele, kumbe inonge udaba ngamanga ukuze izuze inhliziyo yakho? Kubazali abaningi into sebeke babhekana nayo le.Umbuzo usekutheni kunini lakhona lelihaba kumele likukhathaze?
13 Jul 2021 6PM 3 min

Ngakube incindezi isono

Kunendida yombuzo aMaKhrestu amaningi azikhuxuza ngawo othi ’ingcindezi iyisono na’? Kuloluhlelo Ezomndeni sizobhunga lombuzo nezindlela zokwelapha ingcindezi,okwakho lalela ungabe usasuka.
12 Jul 2021 6PM 5 min
480 – 500