
Umzali owahlukanisa unovalo ngengane yakhe esikhulile engawuzwa kahle umshado
Loading player...
Undodana wami osekhulile ngingamenza kanjani abone ukuthi umshado unenani elikhulu ekubeni owami noyise wabhidlika? Mina noyise sahlukanisa zisencane izingane zami ,ngazitshela engqondweni ukuthi yinto ezimukele nomfula nje .Manje ngithola ukuthi undodana wami ugxeka mina noyise ngesizathu sokuthi awenyanye umshado .Nanxa isikhona intokazi aseyibonile kodwa akahlose kuyishada ,kwazise ngokwamazwi akhe :’ umshado yinto enganalinani ,yisakhiwo esiwubudala ,’ futhi ‘isehlakuniso yinto vese ongenakuyivimba .’ Ngithini kuye?