
Osekuse emehlweni kuye ngophuzo ufuna ubudlelwane bubuye nabantabakhe
Loading player...
Njengomzalwane omusha osohambeni lokukhahlela lomkhuba omdala wokucwila ezinkambeni ,ngingabubuyisa kanjani ubudlelwano bami nezingane zami ? Eminyakeni edlule ukucwila ophuzweni kwami kwaphetha ngokuchitha umshado nomndeni wami .Ngiyazisola ngobishi engangena kulo ,kodwa nje nje ngihlangane neNkosi futhi sekusile kimi.Manje sengifisa ukuxhumana nezingane zami ,kodwa azifune kuzwa lutho ngami .Ngenze njani?