
Ubuzali emva kwesahlukaniso
Loading player...
Ngingabuletha kanjani ubuzali obunqala uma kungukuthi umndeni wethu uqhekezwe yi –divorce? Ngingumama ongayedwana onendodana eko 4 weminyaka.Uye ahambe ayohlala noyise njalo ngempelaviki ,owangishiya ngikhulelwe yena ,.Uma eke wabuya ekhaya uyakhala akhalele uyise.Lokhu kuyangilimaza ngempela ngoba ngimkhulise ngingedwa ,okwenze kwayimi obhekane nomsebenzi wonke onzima ngisho nokumqondisa.Ngiphinde ngibe nezingane ezimbili komunye wesilisa ,okwenza kube nzima kimi ukunika lengane uthando olwanele nokunakwa ndlelanye njengoyise.Ukusho iqiniso nje ,ngicabanga uyamtotosa.Emva kokubuya kwakhe kuyena ngiye ngibe nemizwa ebuhlungu enhliziyweni ngigcine ngikhala izinsuku ezinde.Ngingaluthokozela usizo lwenu ngalokhu.