Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
360 – 380

Ingxenye Yokomoya Yokungadli Ngendlela

Akekho noyedwa umuntu la kwamhlaba ongabhekene nenselelo thizeni. Indlela esibuka ngayo lezinselelo ngokoBuKhrestu mhlampe yikho kanye okugcina kusihlukanisa emabandleni.UNkulunkulu unamathele kuzo zonke izinhla zokuphila kwethu, kuze kube ngukuthi kunzima ukumbeka eceleni.
20 Jan 2022 5PM 4 min

Uwakwakho Ubhema Igudu

Akulula ukushada nomuntu okinatelwe naluphi na uhlobo lwezidakamizwa, okubandakanya nensangu. Kwenza uzizwe ulahliwe, unobuhlungu ,zimpawu nje ezimbalwa lezo esizishoyo. Ngisho imisebenzi yansukuzonke iphenduka ibe yintaba, ekutholeni ukuthi uwakwakho ubhajwe ezidakamizweni. Uma sewufaka nezingane kulesimo, ingqondo idideka kakhulu
19 Jan 2022 9AM 5 min

Izimpawu Zokukinatelwa Ngama –video Nama-computer Game

mvamisa umkinatelwa umanqika ekuvumeni inkinga yakhe, futhi uze abe namagamana uma ezwa igama ‘umkinatelwa’. Manje ungacabanga ukuthi ngikhuluma ngomkinatelwa zidakamizwa kumbe uphuzo, kodwa namhlanje ngikhuluma ngokinatelo olubamba abantu bengazelele, lolo ngolwe midlalo ye–computer nama cellphone.
17 Jan 2022 5PM 4 min

Ukuvala Isikhala se-Porn Ngezithombe Zocansi Zonkosikazi

gakube kulungile yini ukuba indoda isebenzise izithombe zomkayoezithathwe nge–cell phone ezivusa imizwa yocansi ,ngenhloso yokubibiyela eze-porn ezivuthisa umzimba, futhi ngicabange lokhu kungangisiza ngidlule kulenkinga.Yikuphi enikucabangayo ngalomqondo wami?
16 Jan 2022 5PM 4 min

Ingane Ekhetha Ukudla

Uke uzizwe usho lamagama: “Awukwazi nje ukuyodlala ungadlile, yidla kuqala bese uyodlala” kumbe: “kungani uvese wakhetha inyama yodwa okunye wakushiya?” kumbe uthi “ake ukhohlwe ama-chips kancane” .Nebala amagama lawo owaziyo njengomzali ikakhulukazi uma kungukuthi ingane yakho iyakukhetha ukudla. Singagcina siphatheka kabi njengabazali uma izingane zethu zinganasikhathi sokudla, kokunye sigcine singqubuzana…
13 Jan 2022 5PM 4 min

Ukushiya Umsebenzi Uzoba NguMama Onakekela Ikhaya

Kulezinsuku mincane imindeni ekhetha ukuphila ngeholo elilodwa likababa, ngesikhathi uMama esekhaya enakekela izingane ezincane. Kuyisibindi esinqala uma uMama eshiya umsebenzi ukuze abe nezingane zakhe ekhaya,kodwa ama –study aveza ukuthi lezongane ezikhula zinoMama ekhaya ziba nokuhle okuningi ngokwemizwa yenhliziyo kaMama nobukhona bakhe eduze zikhula.
12 Jan 2022 5PM 4 min

Usizo koGogo Abakhulisa Abazukulu

Ezweni lakithi kunemindeni eminingi ehluthulwe ngubudlelwane obungebuhle, ukufa kwabazali bobabili kumbe abazali bobabili abakaze balokothe zisasuka ukuba babengumndeni. Inqwaba yezingane ikhuliswa ngogogo nomkhulu ngenxa yalezi zimo ezingezinhle neze nakuba khona kuba yisibusiso ukuthi izingane zigcineka kumalungu omndeni, nakanjani kuzoba nezinselelo ezingomndeni ongesiwo ubaba nomama.
12 Jan 2022 9AM 4 min

Amahlaya Anobuhle Emndenini

Singathokozela kanjani ingxenye yempilo yokulula ingqondo ekhaya ngamahlaya amahle aswabukilisayo? Iningi labangani bethu lithola ukuswabuluka ngokuhleka ezintweni engizithola zingezinhle.Ningaphakamisa amahlaya ahlanzekile emndenini?
11 Jan 2022 9AM 4 min

Izithwele intombi, ukushada kwiyisisombululo

Ukushelelela ekukhuleliswaneni kungayingozi othandweni olungenazinqumo. Kusuke sekuyisimo esiphuthumayo esidinga ukunakwa ngokushesha. Ngakube ukujombela emshadweni ngokushesha kuyisisombululo?
6 Jan 2022 5PM 4 min

Izinsika zezibhalo zokuvikela ukuphila koluntu

Kukuphi lakhona ibhayibheli likhuluma ‘ngobungcwele bempilo yoluntu”? Ngiyezwa nje leligama selivelele, ngokuqhubeka ngilizwa, yila khona nencazo yalo ngingayitholi. Umzekelo omuhle, yila khona ngihlale ngizwa ebandleni, emisakazweni nezinhlangano ezilwela ukuphila zisebenzisa leligama. Nanxa kunjalo kodwa angiziboni sengiliqonda kahle nokuthi liqhamuke kanjani. Ikhona insika yebhayibheli engalomqondo?
5 Jan 2022 5PM 5 min

Ukumbula ukuphinga kunkosikazi wendoda ebingazi ngomnyeni wayo

Iyiphi indlela engcono ukwembula uthando lwangasese emva kokuthi uwakwakho sewazihlanza kulolodaba kodwa inkinga kube ngukuthi umkhwenyana kumbe unkosikazi wendoda engumenzi akazi? Unkosikazi wami nenye indoda ebandleni babe sebudlelwaneni iminyaka engaphezu kwengu kwemine, ngize ngathola ezinyangeni ezintathu sekwenzeka. Unkosikazi sewabunqamula lobobudlelwano futhi sase siyokhonza kwelinye ibandla. Sisalungisa lezi londa ezibhibhayo, kodwa…
4 Jan 2022 5PM 4 min

Ukulungisela ukukhishwa ejele kowakwakho

Ninazo iziluleko zowesifazane omkhwenyana wakhe usezophuma ejele?Umnyeni wami ubetoke iminyaka emithathu, usezobuya ngenyanga ezayo. Ngilangazelele ukubuya kwakhe, ngibe sebudlwaneni obumnandi isibili naye ,kodwa khona lapho futhi ngizizwa nginovalo. Angikwazi ngqo ngqo engingakulindela.Ningangisiza?
3 Jan 2022 5PM 4 min

Ubuzali enganeni esikhulile kube kukhona ezisencane

ingaba ngumzali kanjani wengane endala kube kunezinye ezisencane ekhaya ezimbili? Zintathu sezizonke izingane zethu: umfana nentombazana esise- high school, nendodana esiphakathi ko-20. Lo omdala izinto azimhambelanga kahle ukuyobheka impilo osekumphoqe abuye ekhaya okwesikhashana.Siyabona usemdala futhi kumele simlawule ngokwehlukile ngokwemithetho, nokho sisabela umthelela engenzeka kulaba abancane. Zikhona iziluleko eningangipha zona?
2 Jan 2022 5PM 3 min

Umsebenzi owufundele, ubizo, nomsebenzi unguMKhrestu

Ngingalwazi kanjani ubizo luka Nkulunkulu empilweni yami? Kuyiminyaka ngisebenza emsebenzini onzima nongahlabi mxhwele. Akukho ntokozo nakuneliseka ongilethele khona ngaphandle kokuthi usigcina sinesinkwa etafuleni siwumndeni. Ngokwami ukubuka yikho okuseqhulwini elikhulu lokho.Khona manjalo ngiye ngizwe abashumayeli bethi uNkulunkulu unobizo oluqondene nawe nokuthi lolobizo lubandakanya nomsebenzi wami. Ngokwami ukubuka leyonkulumo ayimile ngezwi. Nicabangani…
30 Dec 2021 5PM 4 min

Izimo Zokuphazamiseka kwengqondo Kubantwana

Ikuphi engingakulindela enganeni ephazamiseke ngengqondo? Ngingazi kanjani ukuthi yikuphi ukuziphatha angakuguqula nokumele ngikwamukele okungenakuguquka? Sibhekene nalenkinga ebhungwini lethu, futhi asazi sibhekane kanjani nalesisimo. Ningasisiza?
29 Dec 2021 5PM 4 min

Ozoba ngumkhwenyana useke waba socansini phambi komshado

Njengozoba ngumakoti ngingalinqoba kanjani isemumva lami lokuphoxeka engibhekene nako njengamanje kokuthi lensizwa engizoshada nayo ayiseyona insizwa nsi!?Angimbambele lutho.Kahle hle ngizizwa nginecala ukuba nalemizwa, ngoba phela ungumzalwane ozinikele eNkosini, omnene nonobubele, nendoda enkambo eqotho. Khona manjalo, ngiyehlulwa ukuzibamba ukuthi ukukhathazeka ukuthi lokhu kunganogcobho emshadweni wethu nokuthi sixhumana kanjani njengonkosikazi nendoda. Akulaleki…
28 Dec 2021 5PM 4 min

Umsiza kanjani uwakwakho onengcindezi

Ngingamenza kanjani umnyeni wami afune usizo ngengcindezi ebonakala imhlasela? Nginesizathu sokukholwa ukuthi uthwele kanzima kulengxenye, Kodwa uyenqaba ukuvuma ukuthi lokhu kungaba liqiniso kumbe ukukuthatha-serious lokhu okungikhathazile ngaye. Angazi noma impakamo, ukwesaba, noma okunye okumi endleleni yakhe, kodwa ngiyazi ukuthi lentaba isiqalile ukugingqikela emshadweni nasemndenini wethu. Ngenzenjani?
27 Dec 2021 5PM 4 min
360 – 380