
Umsiza kanjani uwakwakho onengcindezi
Loading player...
Ngingamenza kanjani umnyeni wami afune usizo ngengcindezi ebonakala imhlasela? Nginesizathu sokukholwa ukuthi uthwele kanzima kulengxenye, Kodwa uyenqaba ukuvuma ukuthi lokhu kungaba liqiniso kumbe ukukuthatha-serious lokhu okungikhathazile ngaye. Angazi noma impakamo, ukwesaba, noma okunye okumi endleleni yakhe, kodwa ngiyazi ukuthi lentaba isiqalile ukugingqikela emshadweni nasemndenini wethu. Ngenzenjani?