Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
380 – 400

Ukwakha ikhaya nokubuka kwebhayibheli ukusebenza

Ukuba sekhaya kungenakanjani ngokwebhayibheli eszihlokweni zokusebenza nokufuzula? Ngihlale ngikuthokozele ukuba sekhaya njengonkosikazi nomama ekhaya. Ngabe sengizwa izinkulumo eziningi ngeqhaza lokusebenza okuwumkhiqhizo ngokwecebo likaNkulunkulu ngoluntu.Kusuka lapho sengibe manqika.Ngisebenzisa isikhathi sami ngilungisa ukudla ,ngisulana namakhala avuzayo odado, ngisulana nekhishi. Ngokwami ukubona akukho nto engiyilethayo ngokomnotho, ngakho angazi noma lokusebenza kwami kunaqhaza lini…
26 Dec 2021 5PM 5 min

Ungqubuzano Nabazali Ngamalungiselelo Omshado

Singabhekana kanjani nokungaba ngamathuba okungavumelani aqhumayo kubazali bami ngomshado wethu ozayo?Bagcizelele ukumelana kokuba khona kwamawayini nokudansa kwi -reception.Mina nozoba ngumkhwenyana wami sizimele ngokwezimali futhi sikulungele ukuzikhokhela thina izindleko zonke zomshado. Nokho lokho kungelungise lenkinga, njengoba uMawami esekucacisile ukuthi ngeke beze bona emshadweni wethu uma kuneziphuzo ezihlohlozayo nemidanso.Eqinisweni lezozinto azikho mqoka…
23 Dec 2021 5PM 5 min

Umkhuba wokuba izingane zihlale zicabanga sakukhathazeka

Ngakube umkhuba oqhubekayo wokuhlala ingane ikhathazekile ngengqondo, ungaba nobungozi ekuhambeni kwesikhathi? Ingane yami inalowomkhuba, sengenze okuningi ukuqeda lokho kodwa lutho ngehlulekile .Kuyangisanganisa lokhu. Yikuphi okumele ngikwenze?
22 Dec 2021 5PM 4 min

Umndeni oxubile ogcina ungophumelelayo

Njengoba ngishada isibili, ngiwumzali wezingane ezizalwa nezingazalwa yimi,yikuphi engingakwenza ukuba isimo sokungena emndenini oxubile sibe ngesenzeka ngesihle,ezinganeni zami, ezomkami, nawo wonke umuntu othintekayo kulendaba?
21 Dec 2021 5PM 5 min

Ukuhlobonga nomfowabo kamkhwenyana wakho

Ngimtshele yini umnyeni wami ngokushelela engaba nakho ngagcina ngiya enkonzweni yekamero nomfowabo phambilini? Kunonyaka kwenzeka lokhu ,esikhathini engangibuthaka ngaso. Sobabili naye sabona ku-wrong esakwenza, asabe sisaphinda ukukwenza lokho. Imindeni yethu iyabonana futhi isondelene. Akekho kithi osetshele uwakwakhe. Sibatshele?
20 Dec 2021 5PM 5 min

Ingane Esikhulile Esekhaya Eshaya Inkambiso Yabazali

Luhloboluni lwenkambiso yomthetho okumele ulushayele ingane esindala ehlala kwakho ungumzali? Undodakazi wethu oneminyaka ewu-29 uhlala muzi munye nathi.Uyazi ukuthi simiphi ngomshado, njengoba sikholwa yiyona ndlela kuphela yokuya enkonzweni, kodwa inkinga usenyonyobisa isoka lakhe lilale endlini yakhe layikhaya. Ngiyazi ngingemphoqe ukuguqula ingqondo, futhi angifuni ukulimaza ubudlelwane bami naye .Kodwa lokhu kuyasikhathaza…
19 Dec 2021 5PM 4 min

Kunini La Kungamele Uthobe Kumnyeni Wakho

Kuhloniphekile yini ukuba owesifazane abuze izahlulelo zomkhwenyana wakhe kumbe aphikisane nezinqumo zakhe lakhona ekholelwa ukuthi zi –wrong? Uma kunjalo ,lokho kungena kanjani KwabaseFesu 5: 22, lakhona uPawuli ethi , “Bafazi ,thobelani amadoda enu ,ngokungathi kuseNkosini?” Zikhona izibonelo zamakhosikazi ebhayibhelini ama kulokho?
16 Dec 2021 5PM 5 min

Izidingo Zengane Engahluphi Ezikhethekile

Ingane ephakathi nje nendawo nelaleyo ihambisane nawe, ithelelwa kanjani ngeyakwabo engezwa sanhlobo? Undodakazi wami omdala uyisibonelo sengane-emnandi, ethokozile nevumelana nawe. Umfowabo yena uhluke ngamalengiso. Kunokwenzeka nginithinte ngaye kwesinye isikhathi; kholwani yimi kuningi engingakusho! kodwa okwamanje, ngehlulwa ukuzibamba ngokomthelela omubi awufaka kudadewabo. Yikuphi engidinga ukukwazi ngengane ezithulelayo engaphikisani nomzali?
15 Dec 2021 5PM 4 min

Uphindaphindo Lohlubuko KuMKhrestu uzibuza kaze selweqile yini kwiNtethelelo kaNkulunkulu

Kukangaki ukuba uNkulunkulu angithethelele angibuyisele kuye futhi? NginguMkhrestu, kodwa uhambo lwami neNkosi lungugqamincishi. Kukaningi ngiyidela iNkosi, okuthi ngingahuhluzeka phansi ngobuso bese ngibona iphutha lesinqumo sami. Kuyinhlalayenza lokhu empilweni yami. Ekuqaleni angicabanganga kabanzi ngakho, kodwa manje sekuyangikhathaza: ngakube sengiseqile isikali sentethelelo ekalelwe mina? Ngabe sengimqede ukubekezela uNkulunkulu? Ngakube yinto le okumele…
14 Dec 2021 5PM 5 min

Ukuhlabela Phambili Emumva Kwesahlukaniso

Ngingabhekana kanjani nobuhlungu be divosi ngicabe indlela entsha yezingane zami name siqu? Ngiyavuma ukuthi ngakhetha kabi. Esibi kunazo zonke ukuthi ngaqhela emndenini wami ngesikhathi kushuba emshadweni wami sengehlulwa ukubhekana nakho.Ngibona manje ukuthi ukuqhela kwami akulethanga kimi kuphela ubuhlungu, kodwa nasezinganeni zami. Osekwenzekile kwenzekile, futhi akukho osekungaguqula ubuhlungu engabudala.Ngizizwa nginecala elikhulu!…
13 Dec 2021 5PM 5 min

Ukukinatelwa zidakamizwa Ukukhetha uwakwakho othembekile

Njengomuntu osohambweni lokusinda kwi addiction ,ngingamthola kanjani ozohamba nami kumagxathi anzima okuqala ohambweni lokulapheka? Ninazo iziluleko ekukhetheni umsizi othembekile nokuthi lobobudlelwane bubukeke kanjani ? Ngothokoza kakhulu kweningakuphakamisa ngalesimo.
12 Dec 2021 5PM 4 min

Ubudlelwane BomKhrestu Nohulumeni OngenabuNkulunkulu

Kungani kumele ukuba ‘ngithobele’ uhulumeni engikholwa uhamba lugugube? Ngiyalithanda izwe lakithi futhi ngithanda ukuzibandakanya nombusazwe wezwe wakithi, kodwa ngiyadideka okushiwo yibhayibheli ngalesihloko.Kodwa kwenzeka kanjani ukuthi uPhawuli atshele aMaKhrestu ukuba athobele [Kwabase Roma 13 : 1-7] nxashana kusicacele kahle ukuthi ohulumeni bomhlaba bonakele abanabulungiswa? UmKhrestu enze njani uma ebona ukuthi uhulumeni…
9 Dec 2021 5PM 5 min

Inkonzo yekamero eqophelweni eliphezulu layo

Ngakube ucansi emshadweni luyanelisa ngempela? Ngisemshadweni onzima, isilonda esikhona phakathi kukankosikazi wami name- wudaba lwenkonzo. Ngizizwa ngincintshiwe. Kwesinye iskhathi ngize ngibe nezilingo zokufisa izidingo zami zigcwaliseke ngaphandle. Ngifunde umbhalo othi abantu abasemshadweni yibo abaneliseke kakhulu ngenkonzo yekamero emhlabeni –akwenzeki nakoyedwa ukweneliseka kothandana nabantu abaningi. Ngithola kunzima kimi ukukholwa yilokho! Angifuni…
8 Dec 2021 5PM 6 min

Ukubhekana nobunzima bokuhuhwa ngobulili bunye

Ikhona indlela enginganqoba ngayo umzabalazo wami weminyaka ngokuhuhekela ebulilini bunye nobami? Sengizamile ukulwa,kodwa kubukeka kwehlulekeka ngigcina ngenze ngokuzenzakaleka ngokwalemizwa. Ngenzenjani?
6 Dec 2021 5PM 6 min

Ukukhuluma Nezingane Ngezimo Ezihlasimulisayo

Njengomzali ngingabhekana kanjani nengane yami ,ngezikhathi la khona kunobududu bobuqhuqhu bezibhamu,izimbubhane zemvelo, nezinye izimo ezihlasimulisayo ezingokuthatheka kwempilo ?Ngabe kumele ngenze okuseqophelweni ukubasitha kulololwazi-okuyinto engelula neze ngokwezindaba ezingena zilekanyana kwezokusakaza kulezinsuku? Kumbe ngizame ukukhulama nabo ngakho ?
5 Dec 2021 5PM 4 min

Umphostoli Phawuli ngomshado nokuba wedwa

Kanti ibhayibheli alibuki yini umshado njengeqophelo eliphezulu lesibili ? Njengosemdala engashadile,angizwa neze kahle uma ngibona amakholwa egcizelela kangaka ubumqoka bomshado.Utadisho lwami lomlando lungiholela ekukholweni ukuthi ukuba wedwa kwakuvelele phambilini kunamanje.Izingcindezelo zokubuka kwesiko lamanje lisivala amehlo ukugqqama kwesitatimende sikaPhawuli : “Ngifisa sengathi bonke abantu benganjengami” [ 1KwabaseKhorinte 7: 7] .Ngikholwa ngumunxa…
2 Dec 2021 5PM 5 min

Ukusebenzisa amaphilisi okuhlela inzalo emshadweni

Uthini umbono wenu ngokusebenzisa amaphilisi okuhlela ? Sisanda kushada sizama ukucabangisisa ngendlela eseqophelweni eliphezulu ukuthi siwabuke kanjani,kodwa sithola umyalezo ohlukene kubahlobo bethu,amalunga omndeni ,nodokotela.Omunye umzalwane esimaziyo ukholwa ukuthi naluhlobo luni lokuhlela umndeni lumelene necebo likaNkulunkulu. Asazi sicabange kuphi.
2 Dec 2021 2AM 5 min

Umama akabazwile kahle abangani womkhwenyana wakhe

Yikuphi engingakwenza ngokungabi kwami nkamu nkamu ngabangane bomkhwenyana wami? Sithokozile futhi sisebudlelwaneni obuhle kakhulu,ngaphandle kwento eyodwa : angizwani nabangane bakhe.Ikhona indlela yokusombulula lenkinga? Isiholela ekuphikisaneni nongqubuzano
1 Dec 2021 2AM 4 min
380 – 400