Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
340 – 360

UBhekana Kanjani Nokuqhelelana Emshadweni (Ingxenye yesibili)

Ohlelweni lwethu ezomndeni olwedlule saqala inkulumo ngokuthi ubhekana kanjani nokuqhelelana emshadweni futhi sabuka ukuthi: ukuqinisekisa ukuthi yiyona ndlela efanele ngalesosikhathi, ukuba nohlelo nokuqinisekisa uyazazisa izingane ngokokuhambisana neminyaka yazo. Sifuna namhlanje ukukhuluma ngokuthi uzinakekela kanjani izingane ngokwemizwa yenhliziyo yazo esikhathini sokuqhelelana kanjalo nokuthi zinyathelo zini okumele uzithathe nisaqhelelene.
23 Feb 2022 5PM 4 min

UBhekana Kanjani Nokuqhelelana Emshadweni (Ingxenye yokuqala)

Baningi abashadile abaxakekile ebudlelwaneni babo, okugcina kubiza ukuthi ukuqhelelana noma isehlukaniso sibe yisiphetho, ukuqeda iminjunju. La ohlelweni ezomndeni sizokhuluma ngesihloko esinzima sokuthi kubhekwana kanjani nokuqhelelana emshadweni, lesihloko simahlandla mabili.
22 Feb 2022 5PM 4 min

Ukuhuhwa ngubulili-bunye kunye nobuqobo bengasese (Ingxenye yesibili)

Ohlelweni lwethu ezomndeni oluphambilini besithula isihloko sokuhuhwa ngubulili-bunye futhi sisiza umlaleli wethu ukuba aqonde ukuthi imizwa ayiqondile ukuveza ubuqobo bomuntu nokuthi nabo ubuqobo siqu ngokwamagama ananyekwa kubo ngabantu akumele amiswe kalula nje emphakathini jikelele.
21 Feb 2022 5PM 6 min

Ukuhlukana koMzali neNgane okwesikhashana

Ngakube kube lula yini kimi ukushiya ingane yami nomzanyane kumbe ngiyishiye enkulisa amahora ? Ngisengumzali omusha ,kangikazi noma kunempilo yini ukuhlukanisa ingane yami nami kube yisikhashana .Kuthini ukubona kwenu kulokhu?
17 Feb 2022 5PM 4 min

Ukuhlola Izifo Zocansi Kongathembekile Emshadweni

Imithelela yomakhwapheni namashende ishiya kumanhlembethwane. Imiphumela yezenzo ezinjalo insonsotha kude le, bese kuthi lo olinyaziwe emshadweni unezizathu ezanele ukuba manqika ukuya phambili ngalomshado.
16 Feb 2022 5PM 5 min

Ukuzilungiselela Ikhaya Eligengqezayo

Uthi bewazi ukuthi kulabo abaneminyaka eko 65 nengaphezulu, izehlukaniso kubo zenyukile kusuka ngo-1990, izizathu zencike kakhulu ekugungquzeni ngabodwa emakhaya. Abazali ngaphakathi ezinhlizyweni bakhetha ukuba ndawonye kuze kube izingane ziyozisebenzela emva kwalokho bese beqala babone ukuthi umshado wabo usengxakini bagcine bephuma kuwo.
14 Feb 2022 5PM 5 min

Izizathu ukulubekela Imfundo Ephakeme

Kungani kumele ngiye e University ? Indlela mina engibuka ngayo ,amakolishi awabumbi isizukulwane esilandelayo ukuba sibe abadala abanokhiqhizo nobuholi,lokho okungasizi mfundi ukufinyelela ezimpokophelweni zakhe .Kungani uzicwilise ezikweletini ngenxa nje yokuthi kunomuntu olindele ube neziqu ? Kungani uchithe iminyaka yakho emide usebenzela ucwezu lwephepha nje ologcina lukubeka ezingeni lokuhola okufanayo nongenalo?…
13 Feb 2022 5PM 5 min

OGogo noMkhulu abalekelela Omama nobaba abamatasa

Kulesikhathi esikuso sekujwayelekile ukuba ubaba nomama basebenze endaweni eqhelile nekhaya,sekuyinsakavukela ukuthi ubutasa kweqe sebube yingxenye yempilo ejwayelekile emindenini eminingi. Amagama athi: “ewu asikho isikhathi impilo imatasa” angamagama ajwayelekile. Okuthi uma abazali sebephila leyompilo kugcine ubuzali babo bebethwesa ugogo nomkhulu ngezingane zabo. Lokho kungaba lusizo olukhulu emndenini, nokho akungabi sesimweni lakhona…
7 Feb 2022 5PM 4 min

Ukugudluza Ingcindezi Yokuqeqesha ingane isigcozi

Uma ungumzali wengane esisesikoleni uthi mawubuka emumva isazichamela ebusuku uthi huh! ekukhumbuleni lezonsuku usayifundisa isigcozi kanti uma kungukuthi eyakho njengamanje ikulesosigaba, usibuka njengentaba engenakunyukeka. Phela soze wabona ingane esifunda isikole igqoke amanabukeni ngoba yonke ingane isuke seyifundile ukuziyela endlini encane.
6 Feb 2022 5PM 5 min

Ukuqondisa Izigwegwe Enganeni Engekho kunyathela kunye

sihloko sokuqondisa izigwegwe ezinganeni siyisihloko esishisayo kubazali futhi bazizwa bengekho emandleni okubhekana naso. Baningi abazali abangakwazi ukuthi uqondiso oluba nomphumela omuhle lubiza amava amakhulu nokulandelela, futhi uma kungekho ukuma okuqhubekayo ,kugcina izingane zingasenaso isiqinisekiso semingcele yazo
3 Feb 2022 5PM 5 min

Imicabango Ngomama Abasebenzayo

Ninalo ukhuthazo ngomama abaqashwe ngaphandle kwekhaya ? Ngiyazi ukuthi iFocus On The Family izipha isikhathi ukugqugquzela omama abahlala ekhaya eqhazeni labo ,kodwa ngiyazibuza kazi ninalo na usizo kulabo bethu okubiza betshathe izikhwama njalo ekuseni beya emsebenzini ukuze izindleko zekhaya zifezeke.
2 Feb 2022 5PM 5 min

Akathembekanga Umlisa Obukipite Naye

Ubudlelwano obuphetha ngenxa yokungathembeki buvama ukuba inkanankana uqobo, kepha uma kukhona nezingane lokho kwenza lesisimo sedlulele ngobunzima nokusambathekisana.
1 Feb 2022 5PM 4 min

Ukugwema Ukuqondisa ingane kuze kweqe

Uma sekuziwa ekuqondiseni izgwegwe ingane kumele abazali baqonde ngokucacile, izindlela ezifanele nezinhloso zokuqondisa ingane.Ukuqondisa ingane kuwukuyifundisa, yingakho ukuqina kwesandla kweqe kungenazithelo, nanxa kungalula futhi ukuwela kunoxhaka lakhona ingane ingafuni ngabomu ukulalela.
31 Jan 2022 5PM 4 min

Ukubhekana nesibhocobhoco sokungasebenzi

Uma kukhona into ecoba umoya womuntu-wukungasebenzi nomuzwa wokwazi ukuthi kawukwazi ukondla umndeni wakho. Nkashana indoda ilahlekelwa ngumsebenzi izizwa iphelelwe yisidima sayo.
25 Jan 2022 5PM 5 min

Wenze njani ngamahora amade emsebenzini

Ukusungula ibalansi ngomndeni nomsebenzi kuyinto enzima. Uma sifaka wonke umqondo wethu emsebenzini yethu, umndeni ngapha uyalimala, manje futhi sidinga ukwenza imali eyanele ukunakekela yona imindeni yethu.
24 Jan 2022 5PM 4 min
340 – 360