
Usizo koGogo Abakhulisa Abazukulu
Loading player...
Ezweni lakithi kunemindeni eminingi ehluthulwe ngubudlelwane obungebuhle, ukufa kwabazali bobabili kumbe abazali bobabili abakaze balokothe zisasuka ukuba babengumndeni. Inqwaba yezingane ikhuliswa ngogogo nomkhulu ngenxa yalezi zimo ezingezinhle neze nakuba khona kuba yisibusiso ukuthi izingane zigcineka kumalungu omndeni, nakanjani kuzoba nezinselelo ezingomndeni ongesiwo ubaba nomama.