Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
680 – 700

Izingungquko ezenzeka ekungeneni ekuthombeni nasebubhungwini

Ezinye zezingungquko ezizokwenzeka ezinkulu emzimbeni nasemizweni yenhliziyo yengane yakho zizokwenzeka nxa iqeda ukuthomba. Kuba yisikhathi lesi esingaqondakali kumzali ukuthi yikuphi ukuziphatha okwemukelekile nokusuka kukusha kwethusa
3 Nov 2020 5PM 4 min

Umsebenzi owufundele, ubizo, nomsebenzi unguMKhrestu

Kuvamisa ukuba impilo noNkulunkulu ibe ngengemnandi uma impilo yakho yansuku zonke inesibhocobhoco. AmaKhrestu avamisa ukuzibuza anamava amangakanani embusweni ka Nkulunkulu, ngesikhathi emsebenzela esezwa nemisebenzi eyifundele ingasemnandi.
2 Nov 2020 5PM 4 min

Amakhrestu nengcebo kanye nombuzo wokunikela ngakho konke

Wayeqonde ukuthini uJesu uma ethi : “Hamba uthengise konke onakho, bese uphe abampofu, uyoba nengcebo ezulwini?” Ngibe nguMkhrestu onyakeni nengxenye owedlule, okwamanje kuseluhambo oluhle kimi lolu.Yebo ngibile nazo izinselelo endleleni yami, nanxa kunjalo iNkosi ingibusisile nebala ngezindlela eziningi. Kodwa ngamhla ngihlangana nomuntu owangikhombisa lelovesi ebhayibhelini laletha ukudideka kimi, ngakube kumele…
29 Oct 2020 6PM 4 min

Ake uyozicinga njengendlela yokuqondisa izigwegwe

Ukuyozicinga kwengane kunamandla kangakanani? Usana lwethu seluthe klwi manje angazi ukuthi yiluphi uhlobo lokuqondisa oluhambisana nesigaba sokukhula.Abahlobo bami bona bakhonze kakhulu ukuthi ingane "ake iyozicinga". Anginaso isiqiniseko ukuthi iyona ndlela engcono le. Kunini la khona "ukuyozicinga" kuyindlela eshaya khona yokuqondisa izigwegwe? Kunini la ingesiyo khona? Umehluko ngingawubona kanjani?
28 Oct 2020 6PM 5 min

Indoda esebenzisa izithombe zobunqunu ngoba unkosikazi engasayinelisi

Kumele yini indoda ifune ukuzinelisa ngokocansi ngokuthi ibuke izithombe zobunqunu uma kuwukuthi unkosikazi wayo akasazithandi akazinaki, useyahubazela nje? Ngisemshadweni onzima.Kusuka emva nje sashada, umkami akasawunaki sanhlobo umzimba wakhe, futhi yinto anganandaba nayo leyo manje. Angifuni ukumdivoza, kodwa ngisenayo imizwa yenkonzo yekamero. Umqondo muni ongasiza la?
26 Oct 2020 6PM 4 min

Ukhuluma kanjani nezingane ngobaba ongekho

Ngiyiphendula kanjani imibuzo enzima enganeni yami mayelana nobaba wayo ongekho? Ngahlukana noyise, cishe eminyakeni ewu 8-ngesikhathi esimuncu - futhi akakaze ambone. Kodwa mumva nje usebuza izinto ezinjengokuthi: ‘usamthanda ubaba Mah?’ futhi: “Kungani engasifoneli –akangithandi yini nami?” nokuthi “ngingazama ukumcinga ngelinye ilanga?” Nicabanga ngimphendule ngithini?
25 Oct 2020 6PM 4 min

Ukusiza izingane zibhekane nobhongoza

Ngingabona kanjani ukuthi ingane yami inenkinga yokubhongozwa? Zikhona izimpawu zalokho? Uma kuwukuthi ,ukulenkinga ,pho ngingamsiza kanjani kulesisimo?
22 Oct 2020 6PM 4 min

Ukunqamuka kokuphinga, ukuzenyeza nokuthethelela

Ngakube umuzwa wokuzenyeza uxhumene nesimo sami sokungathetheleli umnyeni wami ekungathembekini nomngani wami oseduze kimi? Lokhu kuphinga kwenzeka nyakenye, sabuyisana, futhi nomshado wethu uqhakambile kunakuqala. Nanxa kunjalo ngisenomuzwa wokuzenyeza nokungazethembi. Kukhona ukuxhumana kulezizinto?
21 Oct 2020 6PM 4 min

Obaba namadodakazi anama-mood

Njengobaba ngingabugcina kanjani ubudlelwano nentombazane evese inyukelwe yinhliziyo esikhaleni ngenxa yobutshitshi? Lonyaka odlule ube ngonzima kimi. Ngiyiqaphelile indodakazi isuka esigabeni sokuba yintombazanyana ehlale imamatheka ithokozile manje esisesigabeni sokuhlala ixhukile iletha izimpikiswano.Ubudlelwano bethu babuyintokozo kimi. Manje sekunzima. Ngingasiguqula kanjani lesisimo?
20 Oct 2020 6PM 4 min

Ingane ebuka ama-movie anocansi anodlame kubo kamngani

Ngakube ukubona kanye i-movie noma isithombe esinodlame kwi –TV sithikameza impilo yengane eside isikhathi? Ngisanda kuthola ukuthi ingane yami esese-primary ibuke isithombe esingesihle ngenkathi ikwamngani wayo. Yikuphi okumele ngikwenze nokuthi ngingavikela kanjani ukuthi lokhu kungenzeki kokuzayo?
19 Oct 2020 6PM 4 min

Imi kuphi i-Focus on the Family ngomshado nesahlukaniso

Abaningi abakholwayo nabangakholwayo babuza umbuzo omkhulu othi : Kungani kumele ushade? Ikuphi nje ngempela inkinga ngesahlukaniso nokuthi kungani kumele uthembeke kumuntu oyedwa impilo yakho yonke? I-Focus on the Family ihlale njalo ivikela umshado nsukuzasa
19 Oct 2020 6PM 5 min

Umthetho wokusebenzisa kahle icellphone ezinganeni

Ngingawasiza kanjani ama - teen ami ukuhlanganisa ukusebenza okufanele kwe - cell phone kunye nokuhlonipha abanye? ekuqaleni ngangithakasile ukunika undodana nondodakazi wami ama phone ngoba ngangifuna sihlale sixhumana. Kodwa nje sengiqala ukuphatheka kabi ngendlela ama phone abo asebaphethe ngayo. Singaba endlini eyodwa nabo – kodwa uma nje begqolozele ama phone…
18 Oct 2020 6PM 4 min

Izimo zokuphazamiseka kwengqondo kubantwana

Ikuphi engingakulindela enganeni ephazamiseke ngengqondo? Ngingazi kanjani ukuthi yikuphi ukuziphatha angakuguqula nokumele ngikwamukele okungenakuguquka? Sibhekene nalenkinga ebhungwini lethu, futhi asazi sibhekane kanjani nalesisimo. Ningasisiza?
15 Oct 2020 6PM 4 min

Umsiza kanjani uwakwakho onengcindezi

Ngingamenza kanjani umnyeni wami afune usizo ngengcindezi ebonakala imhlasela? Nginesizathu sokukholwa ukuthi uthwele kanzima kulengxenye, Kodwa uyenqaba ukuvuma ukuthi lokhu kungaba liqiniso kumbe ukukuthatha serious lokhu okungikhathazile ngaye. Angazi noma impakamo, ukwesaba, noma okunye okumi endleleni yakhe, kodwa ngiyazi ukuthi lentaba isiqalile ukugingqikela emshadweni nasemndenini wethu. Ngenzenjani?
14 Oct 2020 6PM 4 min

Ukwakha ikhaya nokubuka kwebhayibheli ukusebenza

Ukuba sekhaya kungenakanjani ngokwebhayibheli eszihlokweni zokusebenza nokufuzula? Ngihlale ngikuthokozele ukuba sekhaya njengonkosikazi nomama ekhaya. Ngabe sengizwa izinkulumo eziningi ngeqhaza lokusebenza okuwumkhiqhizo ngokwecebo likaNkulunkulu ngoluntu. Kusuka lapho sengibe manqika. Ngisebenzisa isikhathi sami ngilungisa ukudla, ngisulana namakhala avuzayo odado,ngisulana nekhishi. Ngokwami ukubona akukho nto engiyilethayo ngokomnotho, ngakho angazi noma lokusebenza kwami kunaqhaza…
13 Oct 2020 6PM 5 min

Izidingo zengane engahluphi ezikhethekile

Ingane ephakathi nje nendawo nelaleyo ihambisane nawe, ithelelwa kanjani ngeyakwabo engezwa sanhlobo? Undodakazi wami omdala uyisibonelo sengane-emnandi, ethokozile nevumelana nawe. Umfowabo yena uhluke ngamalengiso. Kunokwenzeka nginithinte ngaye kwesinye isikhathi; kholwani yimi kuningi engingakusho! kodwa okwamanje, ngehlulwa ukuzibamba ngokomthelela omubi awufaka kudadewabo. Yikuphi engidinga ukukwazi ngengane ezithulelayo engaphikisani nomzali?
12 Oct 2020 6PM 4 min

Uphindaphindo lohlubuko kumkhrestu uzibuza kaze selweqile yini kwintethelelo kankulunkulu

Kukangaki ukuba uNkulunkulu angithethelele angibuyisele kuye futhi? NginguMkhrestu, kodwa uhambo lwami neNkosi lungugqamincishi. Kukaningi ngiyidela iNkosi, okuthi ngingahuhluzeka phansi ngobuso bese ngibona iphutha lesinqumo sami. Kuyinhlalayenza lokhu empilweni yami. Ekuqaleni angicabanganga kabanzi ngakho, kodwa manje sekuyangikhathaza: ngakube sengiseqile isikali sentethelelo ekalelwe mina? Ngabe sengimqede ukubekezela uNkulunkulu? Ngakube yinto le okumele…
11 Oct 2020 6PM 5 min

Inkonzo yekamero eqophelweni eliphezulu layo

Ngakube ucansi emshadweni luyanelisa ngempela? Ngisemshadweni onzima, isilonda esikhona phakathi kukankosikazi wami name - wudaba lwenkonzo. Ngizizwa ngincintshiwe. Kwesinye iskhathi ngize ngibe nezilingo zokufisa izidingo zami zigcwaliseke ngaphandle. Ngifunde umbhalo othi abantu abasemshadweni yibo abaneliseke kakhulu ngenkonzo yekamero emhlabeni – akwenzeki nakoyedwa ukweneliseka kothandana nabantu abaningi. Ngithola kunzima kimi ukukholwa…
8 Oct 2020 6PM 6 min
680 – 700