Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
660 – 680

Ukumbula ukuphinga kunkosikazi wendoda ebingazi ngomnyeni wayo

Kuno kukhungatheka okuningi nokukhathazeka okwenzeka emva kokuthola bekunomakhwapheni emshadweni .Uma i –couple seyikhethe ukuxolelana bese ihlabela phambili nempilo ,lokho kungayinto enzima ,ikakhulukazi uma isenzo senzeke nomuntu osebandleni.
1 Dec 2020 5PM 4 min

Ubuzali enganeni esikhulile kube kukhona ezisencane

Uma ingane yakho ike yakhula yashiya ikhaya,ubudlelwano bakho nayo buyaguquka ,awube usaba ngumzali njengobekwejwayelekile .Manje kumele kube kanjani enganeni ekhetha ukubuya ikhaya ,esindala?
30 Nov 2020 5PM 3 min

Ukubhekana nesibhocobhoco sokungasebenzi

Uma kukhona into ecoba umoya womuntu-wukungasebenzi nomuzwa wokwazi ukuthi kawukwazi ukondla umndeni wakho. Nkashana indoda ilahlekelwa ngumsebenzi izizwa iphelelwe yisidima sayo.
29 Nov 2020 5PM 5 min

Izimpawu Zokukinatelwa Ngama-video Nama-computer Game

Imvamisa umkinatelwa umanqika ekuvumeni inkinga yakhe, futhi uze abe namagamana uma ezwa igama ‘umkinatelwa’. Manje ungacabanga ukuthi ngikhuluma ngomkinatelwa zidakamizwa kumbe uphuzo, kodwa namhlanje ngikhuluma ngokinatelo olubamba abantu bengazelele, lolo ngolwe midlalo ye-computer nama-cellphone.
24 Nov 2020 5PM 4 min

Ingane Ekhetha Ukudla

Uke uzizwe usho lamagama: “Awukwazi nje ukuyodlala ungadlile, yidla kuqala bese uyodlala” kumbe: “kungani uvese wakhetha inyama yodwa okunye wakushiya?” kumbe uthi “ake ukhohlwe ama-chips kancane” .Nebala amagama lawo owaziyo njengomzali ikakhulukazi uma kungukuthi ingane yakho iyakukhetha ukudla. Singagcina siphatheka kabi njengabazali uma izingane zethu zinganasikhathi sokudla, kokunye sigcine singqubuzana…
23 Nov 2020 5PM 4 min

Usizo koGogo Abakhulisa Abazukulu

Ezweni lakithi kunemindeni eminingi ehluthulwe ngubudlelwane obungebuhle, ukufa kwabazali bobabili kumbe abazali bobabili abakaze balokothe zisasuka ukuba babengumndeni. Inqwaba yezingane ikhuliswa ngogogo nomkhulu ngenxa yalezi zimo ezingezinhle neze nakuba khona kuba yisibusiso ukuthi izingane zigcineka kumalungu omndeni, nakanjani kuzoba nezinselelo ezingomndeni ongesiwo ubaba nomama.
22 Nov 2020 5PM 4 min

Imi kuphi i-Focus on the Family ngomshado nesahlukaniso

Abaningi abakholwayo nabangakholwayo babuza umbuzo omkhulu othi : Kungani kumele ushade? Ikuphi nje ngempela inkinga ngesahlukaniso nokuthi kungani kumele uthembeke kumuntu oyedwa impilo yakho yonke? I-Focus on the Family ihlale njalo ivikela umshado nsukuzasa.
19 Nov 2020 5PM 5 min

Izinsika zezibhalo zokuvikela ukuphila koluntu

Ngokokuqhumbuka kokuhushula izisu kwaba semthethweni, kwaqhumisa isikhalo kubameli bobuKhrestu bezinhlaka ezilwela ukuphila.I-Focus on the Family ingenye yezinhlangano esilwe iminyaka ngalesihloko yaze yetha igama elithi : “ubungcwele bempilo yomuntu” yikho okungumgogodla kwi-ministry. Ukuze aMaKhrestu aqonde ukulwela izinto ezinjalo ,adinga ukwazi ukuthi ibhayibheli lifundisani ngempilo yoluntu.
18 Nov 2020 5PM 5 min

Ukulungisela ukukhishwa ejele kowakwakho

Kwesinye isikhathi empilweni sibhekana nezinselelo esingacabanganga soke sidibane nazo. Ake ucabange nje ukungamboni uwakwakho ngenxa yokuboshwa,qede bese uyezwa ukuthi usuku lokuphuma kwakhe selusondele. Emva kweminyaka, ubudlelwano bungobungekho, manje sekumele ulungisele lesigaba esisha.
17 Nov 2020 5PM 4 min

Ukwehliswa isithunzi uwakwakho kubantu

Kuwumthetho onqala ukuba uwakwakho akwazise emphakathini, angakubukeli phansi. Lenkulumo ingezwakala ilula nje, kodwa kaningi konokwenzeka oganene naye angaqapheli izincaphephe ngezinhlamvu azishoyo, yikho-ke ukuxoxa ngokukhululeka kusemqoka.
16 Nov 2020 5PM 4 min

Imingcele emshadweni evikela ukusiza owobunye ubulili

Angeke walokotha ukuthathe kancane ukuklama umngcele emshadweni wakho. Ubudlelwano emishadweni eminingi sebube nduvunduvu ngenxa yokungakali imingcele ecacile, yagcina ingena esonweni. Ngakube indoda eshadile ingasiza owesifazane oshadile ngezinkinga zakhe zomshado bebobabili?
15 Nov 2020 5PM 4 min

Ukubhekana nobungane bokunganaki

Ukuba nengane eqhubeka njalo ngobudedengu kungaba ezinye zezinto eziqhumisa ikhanda kumzali. Buwumqansa ngokwabo ubuzali sesiyishiya ke eyokuba nengane ebudedengu.
12 Nov 2020 5PM 2 min

Uwakwami uhlukumeza izingane ngokomzimba

Izinkomba ezibikiwe ezweni lethu ngohlukumezo lwezingane luphansi uma kuqhathaniswa nobuqiniso bezibalo, lokho kungenxa yezizathu thizeni. Okokuqala, kungenxa yokwesaba okwengama izisulu uma zitshela umuntu okwenzekayo, ngeshwa kubandakanya, nomoya wokwamukela ukujezisa ngenduku kweqe nokunukubezwa ngokocansi, kungokunye kwakho osekwemukelekile emphakathini.
11 Nov 2020 5PM 4 min

Ukuphila nowakwakho onengcindezi yehaba-kucabanga

Kuye kuzwakale umuntu ekhuluma ngehaba-kucabanga, phecelezi ‘Obsessive Compulsive Disorder [OCD ]’, okusuke umuntu esekulona. Manje wenzenjani ngempela nxa uganene nomuntu okulesisimo ?
10 Nov 2020 5PM 3 min

Uwushiya kanjani umsebenzi e-office bese uba ngosemndenini

Izimfuno zemsebenzi edla isikhathi kanye nesindayo zinkulu, bese kuphenduka inselelo ukuthola isikhathi sakho nomndeni okuyinto esemqoka Esikhathini sethu esigijimayo, nala khona i-technology isigcina simatasa nangeminwe yethu sihlala sikwezokuxhumana, kubiza ukukuqonda ngqo ukwenza isikhathi nomndeni ikakhulukazi la khona ukudinga.
9 Nov 2020 5PM 4 min

UMusa, umthetho, nokukhuluma iqiniso ngothando

Uma ungumzalwane okholwa yibhayibheli futhi uyishesekela iNkosi Ukhathazekile ukubona lokho uNkulunkulu afuna ukukugcwalisa kwabanye, mawunjalo awuwedwa. Indlela oza ngayo kubantu abaseduze nawe kumele ukwenze ngobuyoninco nokuqaphela. Sesikushilo lokho ,kuncika ekutheni abantu bakuphi nohambo lwabo ekukholweni ,abayikuhlala njalo bevutha ngokokuthi yikuphi okungenziwa nokungenakwenziwa ngeBhayibheli.
8 Nov 2020 5PM 4 min

Ucansi kwezokuxhumana ,ukuthandana online,ukuphinga Nesehlukaniso

Umshado usengozini enkulu kakhulu kunakuqala ngokwesabisayo ,njengoba kude kuqhubeka ukulethwa kwezocansi ngezokuxhumana ,nakweminye iminxa e-online engocansi nemibhalo engcolile. Ngakho baningi abantu abangena emgogeni yezocansi online ngaphandle kokuqonda ubu-serious bokwenza lokho
4 Nov 2020 5PM 5 min
660 – 680