
Ukhuluma kanjani nezingane ngobaba ongekho
Loading player...
Ngiyiphendula kanjani imibuzo enzima enganeni yami mayelana nobaba wayo ongekho? Ngahlukana noyise, cishe eminyakeni ewu 8-ngesikhathi esimuncu - futhi akakaze ambone. Kodwa mumva nje usebuza izinto ezinjengokuthi: ‘usamthanda ubaba Mah?’ futhi: “Kungani engasifoneli –akangithandi yini nami?” nokuthi “ngingazama ukumcinga ngelinye ilanga?” Nicabanga ngimphendule ngithini?