Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
640 – 660

UBhekana kanjani nokuqhelelana emshadweni I

Baningi abashadile abaxakekile ebudlelwaneni babo, okugcina kubiza ukuthi ukuqhelelana noma isehlukaniso sibe yisiphetho, ukuqeda iminjunju. La ohlelweni ezomndeni sizokhuluma ngesihloko esinzima sokuthi kubhekwana kanjani nokuqhelelana emshadweni, lesihloko simahlandla mabili.
29 Dec 2020 4AM 4 min

Ukuhuhwa ngubulili-bunye kunye nobuqobo bengasese II

Ohlelweni lwethu ezomndeni oluphambilini besithula isihloko sokuhuhwa ngubulili-bunye futhi sisiza umlaleli wethu ukuba aqonde ukuthi imizwa ayiqondile ukuveza ubuqobo bomuntu nokuthi nabo ubuqobo siqu ngokwamagama ananyekwa kubo ngabantu akumele amiswe kalula nje emphakathini jikelele.
27 Dec 2020 5PM 6 min

Ukuhuhwa ngubulili-bunye kunye nobuqobo bengasese I

Miningi imicabango, imizwa nemibuzo ejikeleza emcabangweni womuntu uma ezithola ehuhwa ngubulili bunye. Abantu masisha bagxumela ekukubizeni ngamagama, kodwa empeleni lithini iqiniso nesiqu salendaba.
24 Dec 2020 5PM 5 min

Ukuhlola Izifo Zocansi Kongathembekile Emshadweni

Imithelela yomakhwapheni namashende ishiya kumanhlembethwane. Imiphumela yezenzo ezinjalo insonsotha kude le, bese kuthi lo olinyaziwe emshadweni unezizathu ezanele ukuba manqika ukuya phambili ngalomshado.
23 Dec 2020 5PM 5 min

Ukuzilungiselela Ikhaya Eligengqezayo

Uthi bewazi ukuthi kulabo abaneminyaka eko 65 nengaphezulu, izehlukaniso kubo zenyukile kusuka ngo-1990, izizathu zencike kakhulu ekugungquzeni ngabodwa emakhaya. Abazali ngaphakathi ezinhlizyweni bakhetha ukuba ndawonye kuze kube izingane ziyozisebenzela emva kwalokho bese beqala babone ukuthi umshado wabo usengxakini bagcine bephuma kuwo.
22 Dec 2020 5PM 5 min

-DELETED- Ukuzilungiselela Ikhaya Eligengqezayo

Uthi bewazi ukuthi kulabo abaneminyaka eko-65 nengaphezulu,izehlukaniso kubo zenyukile kusuka ngo-1990, izizathu zencike kakhulu ekugungquzeni ngabodwa emakhaya. Abazali ngaphakathi ezinhlizyweni bakhetha ukuba ndawonye kuze kube izingane ziyozisebenzela emva kwalokho bese beqala babone ukuthi umshado wabo usengxakini bagcine bephuma kuwo.
22 Dec 2020 5PM 1 min

Ukugudluza Ingcindezi Yokuqeqesha ingane isigcozi

Uma ungumzali wengane esisesikoleni uthi mawubuka emumva isazichamela ebusuku uthi huh! ekukhumbuleni lezonsuku usayifundisa isigcozi kanti uma kungukuthi eyakho njengamanje ikulesosigaba, usibuka njengentaba engenakunyukeka. Phela soze wabona ingane esifunda isikole igqoke amanabukeni ngoba yonke ingane isuke seyifundile ukuziyela endlini encane.
17 Dec 2020 5PM 5 min

Imicabango Ngomama Abasebenzayo

Kulezinsuku ,siphezulu isibalo somama abasebenzayo ,ngu 44% wenani lwemisebenzi ebanjwe ngabesifazane emsebenzini.Labesifazane kusenokwenzeka bangabi ngomama bonke kodwa iningi labo bayibo, futhi abalwela isifazane sebelwe kakhulu ukukhulisa lelo phesenti. Kunzima ukuba ngumama osebenzayo uphinde unakekele ikhaya, nanxa abanye bazoma ekutheni nakho ukuba ngumama ohleli ekhaya kunzima isibili. Manje simi kuphi ngalesihloko…
16 Dec 2020 5PM 5 min

Ukugwema Ukuqondisa ingane kuze kweqe

Uma sekuziwa ekuqondiseni izgwegwe ingane kumele abazali baqonde ngokucacile, izindlela ezifanele nezinhloso zokuqondisa ingane.Ukuqondisa ingane kuwukuyifundisa, yingakho ukuqina kwesandla kweqe kungenazithelo, nanxa kungalula futhi ukuwela kunoxhaka lakhona ingane ingafuni ngabomu ukulalela.
15 Dec 2020 5PM 4 min

Uyalelo lwebhayibheli olungokunikela kunye nokulindelwe KuMaKhrestu

Umyalelo wokunikela nokulindeleke kuMaKhrestu, kungatolikwa ngendlela engesiyo kwesinye isikhathi kumbe kungagqizwa qakala, lakhona aMaKhrestu esimanje ekholelwa wukuthi imithetho eyabekwa nguMose seyishanelwe nguKhrestu, qede wasishiya nemithetho emibili kuphela ukuphila ngayo. Umqondo wokukhipha okweshumi ubukeka ungasenandayo ,futhi AMaKhrestu amaningi aye aphike ubumqoka bakho kulezinsuku. Ngokuhlaba umxhwele ukuthi iThestamente elisha linokuningi elikusho ngokunikela,…
14 Dec 2020 5PM 5 min

Ukubuka kwe-bhayibheli, ubungqingili nokuganana kwabobulili bunye

Njenge ministry, siyi Focus On The Family akusiyo inhloso yethi ukukhuluma ngesimo kwizihloko ezinokuphikisana zoBuKhrestu ,nokho ,nxa sibuzwe umbuzo ngokubuka kwethu odabeni olusuke ludidana ,sokwenza okusemandleni ukuletha wonke amasu nocaciso kwesikholelwa ukuthi ibhayibheli likucacisa lithini
13 Dec 2020 5PM 5 min

Wenzenjani ngamahora amade emsebenzini

Ukusungula ibalansi ngomndeni nomsebenzi kuyinto enzima .Uma sifaka wonke umqondo wethu emsebenzini yethu, umndeni ngapha uyalimala, manje futhi sidinga ukwenza imali eyanele ukunakekela yona imindeni yethu.
10 Dec 2020 5PM 4 min

Ingxenye yokomoya yokungadli ngendlela

Akekho noyedwa umuntu la kwamhlaba ongabhekene nenselelo thizeni. Indlela esibuka ngayo lezinselelo ngokoBuKhrestu mhlampe yikho kanye okugcina kusihlukanisa emabandleni.UNkulunkulu unamathele kuzo zonke izinhla zokuphila kwethu, kuze kube ngukuthi kunzima ukumbeka eceleni.
9 Dec 2020 5PM 4 min

Uwakwakho ubhema igudu

Akulula ukushada nomuntu okinatelwe naluphi na uhlobo lwezidakamizwa, okubandakanya nensangu. Kwenza uzizwe ulahliwe, unobuhlungu ,zimpawu nje ezimbalwa lezo esizishoyo. Ngisho imisebenzi yansukuzonke iphenduka ibe yintaba, ekutholeni ukuthi uwakwakho ubhajwe ezidakamizweni. Uma sewufaka nezingane kulesimo, ingqondo idideka kakhulu
8 Dec 2020 5PM 5 min

Izimpawu zokukinatelwa ngama–video nama-computer Game

Imvamisa umkinatelwa umanqika ekuvumeni inkinga yakhe, futhi uze abe namagamana uma ezwa igama ‘umkinatelwa’. Manje ungacabanga ukuthi ngikhuluma ngomkinatelwa zidakamizwa kumbe uphuzo, kodwa namhlanje ngikhuluma ngokinatelo olubamba abantu bengazelele, lolo ngolwe midlalo ye–computer nama cellphone.
7 Dec 2020 5PM 4 min

Ukushiya Umsebenzi Uzoba NguMama Onakekela Ikhaya

Kulezinsuku mincane imindeni ekhetha ukuphila ngeholo elilodwa likababa, ngesikhathi uMama esekhaya enakekela izingane ezincane. Kuyisibindi esinqala uma uMama eshiya umsebenzi ukuze abe nezingane zakhe ekhaya,kodwa ama –study aveza ukuthi lezongane ezikhula zinoMama ekhaya ziba nokuhle okuningi ngokwemizwa yenhliziyo kaMama nobukhona bakhe eduze zikhula.
6 Dec 2020 5PM 4 min

Amahlaya Anobuhle Emndenini

Kunokwenzeka sewuke uzwe ukuthi : ukuhleka kulikhambi elihle enhlizyweni ,futhi kunokwenzeka sewezwa ngisho abezempilo beqinisa lokho .Sekushokekile lokho ,ukufaka amahlaya amahle kuhamba ibanga elide ekusigcineni sijabule siphilile.
3 Dec 2020 5PM 4 min

Izithwele intombi, ukushada njengesisombululo

Ukushelelela ekukhuleliswaneni kungayingozi othandweni olungenazinqumo. Kusuke sekuyisimo esiphuthumayo esidinga ukunakwa ngokushesha. Ngakube ukujombela emshadweni ngokushesha kuyisisombululo?
2 Dec 2020 5PM 4 min
640 – 660