Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
620 – 640

Ebuzalini i-quality time iqhathaniswa ne - quantity time

Kulezinsuku esiphila kuzo ekukhuleni kwe-technology, kanjalo nabazali besebenza amahora amade ukondla imindeni yabo, isikhathi nezingane sesiphazamisekile,ngeshwa ucwaningo lukhombisa umthelela ongemuhle, walempilo emndenini uwonkana.Abanye abazali bakholwa ngukuthi uma bengondla kahle imindeni yabo bayithengele izinto ezicelayo, benze okwanele ukuba ngabazali.
25 Jan 2021 5PM 4 min

Abazali baphikisana ukuletha usizo enganeni esikhulile

Kuhlale kunzima kumama ukuvalelisa enganeni yakhe esikhulile uma seyinquma ukuzimela, qede ibhekane nempilo injalo. Kodwa uma lengane esikhulile yehluleka ukuzimela, omama basikwa yizinseko qede bafune ukuyitakula.
24 Jan 2021 5PM 4 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki II

Phambilini ohlelweni ezomndeni sasiphendula ukububula komlaleli wethu owayefuna usizo owayezizwa njengesehluleki nawaselahlekelwe yithemba empilweni yakhe. Ukukhala okunjalo kuyithinta ngokujulile inhliziyo yethu futhi siye sifune ukungenelela sisize ngokushesha.
20 Jan 2021 5PM 5 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki I

Sewake waba sesimweni la kusengathi impilo iyama futhi ithemba liyaphela?Leyomizwa akumele neze ithathwe kalula, kumele futhi ihlaziywe ngoseceleni ongakwazi ukuletha ukubona okwehlukile esimweni.Abantu abazizwa belahlekelwe yithemba, bayinhliziyo yethu la kwa Focus on the Family
19 Jan 2021 5PM 5 min

Amantombazane nabasefazane ekugqokweni kwamabhulukwe

Ngokomlandu amasiko abe nomthelela omkhulu kwindlela yokuphila nokukhetha emndenini, nokho kunemehluko phakathi kwesiko neqiniso lebhayibheli. Uma simisa izinkolelo zethu ngezibhalo, kusemqoka ukubukisisa okwakuqondwe ngqo yilawo mavesi.
13 Jan 2021 5PM 4 min

Izizathu ukulubekela Imfundo Ephakeme

Kwisimo somnotho esizithola kuso,kulelizwe, ukushoda kwamathuba omsebenzi kwehlisa inani lobumqoka bokuba ne-Degree. Kunenqwaba yabantu abaneziqu abazijulukele kodwa abangatholi msebenzi osezingeni lazo. Ngakube lesisimo sesikhathi sehlisa ukushisekela ukuzuza iziqu eziphakeme?
10 Jan 2021 5PM 5 min

OGogo noMkhulu abalekelela Omama nobaba abamatasa

Kulesikhathi esikuso sekujwayelekile ukuba ubaba nomama basebenze endaweni eqhelile nekhaya,sekuyinsakavukela ukuthi ubutasa kweqe sebube yingxenye yempilo ejwayelekile emindenini eminingi. Amagama athi: “ewu asikho isikhathi impilo imatasa” angamagama ajwayelekile. Okuthi uma abazali sebephila leyompilo kugcine ubuzali babo bebethwesa ugogo nomkhulu ngezingane zabo. Lokho kungaba lusizo olukhulu emndenini, nokho akungabi sesimweni lakhona…
6 Jan 2021 5PM 4 min

Ukuqondisa Izigwegwe Enganeni Engekho kunyathela kunye

Isihloko sokuqondisa izigwegwe ezinganeni siyisihloko esishisayo kubazali futhi bazizwa bengekho emandleni okubhekana naso. Baningi abazali abangakwazi ukuthi uqondiso oluba nomphumela omuhle lubiza amava amakhulu nokulandelela, futhi uma kungekho ukuma okuqhubekayo ,kugcina izingane zingasenaso isiqinisekiso semingcele yazo
5 Jan 2021 5PM 5 min

Akathembekanga Umlisa Obukipite Naye

Ubudlelwano obuphetha ngenxa yokungathembeki buvama ukuba inkanankana uqobo, kepha uma kukhona nezingane lokho kwenza lesisimo sedlulele ngobunzima nokusambathekisana.
4 Jan 2021 5PM 4 min

Ubizo luqhathaniswa nokuzinikela emndenini

Njengomlandeli kaKhrestu kumele ukuthembeka okukhulu kwami kube kuphi? Nebala siyazi ukuthi uKhrestu umelwe ukuba luthando lwethu lokuqala, nokho abazalwane abasemsebenzini weNkosi baye babe nokuqophisana nokudonseka kulezizinto ngokumele kube seqhulwini.Ngakube umndeni noma ibandla kuqala, kumbe ibandla kuqala?
3 Jan 2021 5PM 4 min

Uyalelo lwebhayibheli olungokunikela kunye nokulindelwe KuMaKhrestu

Umyalelo wokunikela nokulindeleke kuMaKhrestu, kungatolikwa ngendlela engesiyo kwesinye isikhathi kumbe kungagqizwa qakala, lakhona AMaKhrestu esimanje ekholelwa wukuthi imithetho eyabekwa nguMose seyishanelwe nguKhrestu, qede wasishiya nemithetho emibili kuphela ukuphila ngayo.Umqondo wokukhipha okweshumi ubukeka ungasenandayo, futhi AMaKhrestu amaningi aye aphike ubumqoka bakho kulezinsuku .Ngokuhlaba umxhwele ukuthi iThestamente Elisha linokuningi elikusho ngokunikela, bese…
31 Dec 2020 5PM 4 min

Ukuqonda Ukuzisika Kwalaba asebancane

Ukuzilimaza kwentsha kuyinkinga enkulu futhi kudinga ukubukwa serious kakhulu. Kungakhathalekile ukuthi uzisike kangakanani, kumele kube noxwayiso olunqala ngesizathu eziyimbangela.
30 Dec 2020 5PM 4 min

UBhekana Kanjani Nokuqhelelana Emshadweni II

Ohlelweni lwethu ezomndeni olwedlule saqala inkulumo ngokuthi ubhekana kanjani nokuqhelelana emshadweni futhi sabuka ukuthi: ukuqinisekisa ukuthi yiyona ndlela efanele ngalesosikhathi,ukuba nohlelo nokuqinisekisa uyazazisa izingane ngokokuhambisana neminyaka yazo. Sifuna namhlanje ukukhuluma ngokuthi uzinakekela kanjani izingane ngokwemizwa yenhliziyo yazo esikhathini sokuqhelelana kanjalo nokuthi zinyathelo zini okumele uzithathe nisaqhelelene.
29 Dec 2020 5PM 4 min
620 – 640