Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
540 – 560

Ubudlelwano obuguqukayo kwi-teen

Ngesikhathi ingane yakho ingena eminyakeni yobu-teenager, kunokwenzeka sewuqaphelile kunoguquko olukhona ngesondele kubona. Lakhona owake waba yindawo ephephile neyisifuba sengane yakho, usungakubona ukuthi sewugudluziwe, kwasekuba ngabangani bengane yakho asebethathe indawo empilweni yayo.
16 May 2021 3PM 5 min

Ukunakekela izingane sikhathi sinye nabadala ungalindele

Kuvamisa ukuba nezigaba zempilo ekukhuleni kwethu, siphakathi nezingcindezi zezidingo zobuzali, sizithole ukuthi nabazali bethu sebesekukhuleni okudinga unakekelo lwethu. Yisimo leso okungelula neze ukubhekana naso, Kodwa khona simile.
13 May 2021 3PM 5 min

Ukuya emcimbini womndeni wabashadile ababulili-bunye

Njengabazali abangaMakhrestu sifuna ukuhlala siqinisekisa ukuthi izingane zethu ziyazazi izinsika zokuphila uKhrestu asifundise ukuphila ngazo. Nokho sidinga futhi ukuzenza ziqonde umhlaba lo owele esonweni, esiphila kuwona.
12 May 2021 3PM 5 min

Ukungena emshadweni usesikhungweni semfundo ephakeme

Imishado ezweni lakithi iyehla ngamazinga asheshayo, bangu 30% kuphela abasesigabeni sokushada abashadile. Ngakho uma sizwa abasha bethi balungisela ukungena emshadweni kuyasijabulisa lokho kakhulu, nokho ,ngakube kungubuhlakani yini ukushada ngesikhathi usese university?
11 May 2021 3PM 5 min

Ukunamathela ngenhliziyo komunye oseceleni kanye nokuholela kwi-sahlukaniso

Ziningi izinhla eziholela ekwakheni ukuthembana emshadweni, futhi okuthi uma abashadene bezibambe kahle, nakanjani kuzoba nokuqina kokukhula kobudlelwane. Uma ngencaphephe kube ngukuthi uwakwakho usenamathele komunye ngenhliziyo, kulapho kanye ozozwa kwehla ngokushesha izinga lokwethembana phakathi kwenu.
10 May 2021 3PM 5 min

Ukulawula inzalo nokubuka okungokufa

Isihloko sokulawula inzalo sesibe ngesinempikiswano ndlelaningi kuleminyaka. Baningi abaphikisana naso ngoba bethi sitshala isiko elingokufa.
9 May 2021 3PM 6 min

Ingane enomoya ongemuhle

Uma ingane inokuziphatha okunganamisi futhi ibuka yonke into empilweni iyimbi, ingamnandi iyimfithimfithi, lokho kungaluphawu lokuthile oku serious kakhulu, kodwa kusenokwenzeka futhi ukuthi uguquko lokuziphatha lusekuhlelekeni.
5 May 2021 3PM 6 min

Izimpawu zobungozi be-social media kwabashadile

Ngakube unabo ubungani kwezokuxhumana nabantu bobunye ubulili?Uxhumana nalaba bantu ngaphezu kokuxhumana nowakwakho? Yimibuzo esemqoka ukuzibuza yona uma uthemba ukuvikela umshado wakho ekuqhekezekeni.
4 May 2021 3PM 5 min

Ubuzali emva kwesahlukaniso

Esigabeni sesahlukaniso, ubuzali buba ngobunzima, lakhona nezingane zibhekene nokuba ngubhandemtshelekwane; ngelinye ilanga zikumama ngelinye zikubaba. Kwezomndeni namhlanje sethembe ukukulethela izinkombandlela eziphilile ukuthi ungabugcina kanjani ubudlelwane obunempilo nemingcele emva kwesahlukaniso ,ukuze izingane zinonophale ngawe.
3 May 2021 3PM 6 min

Ukulekelela uwakwakho akwazi ukuphatha kahle ezezimali

Uma sihlaziya abashadile kuye kubukeke ukuthi udaba lwezimali luyinkinga ephezulu emshadweni. Kulesimo esinzima somnotho miningi imindeni eqhukuza kanzima ukuxosha ikati eziko. Ukuze kuphilwe kahle kubiza ukuba I –couple ibe mqomndomunye ekwenzeni I budget nokusebenza kwemali . Kungaba lukhuni satshe uma omunye kwi-couple engasiboni isimo umndeni okuso ngokwezimali.
2 May 2021 3PM 5 min

Ukulekelela uwakwakho akwazi ukuphatha kahle ezezimali

Uma sihlaziya ama-couple ashadile kuye kubukeke ukuthi udaba lwezimali luyinkinga ephezulu emshadweni. Kulesimo esinzima somnotho miningi imindeni eqhukuza kanzima ukuxosha ikati eziko. Ukuze kuphilwe kahle kubiza ukuba laba abashadile babe mqomndomunye ekwenzeni I-budget nokusebenziswa kwemali. Kungaba lukhuni satshe uma omunye kwi-couple engasiboni isimo umndeni okuso ngokwezimali.
29 Apr 2021 3PM 5 min

Ongumkhwenyana nobaba onomakhwepheni obulili bunye naye

Ukuqhumisa izindaba ezinganeni zakho zokuthi uwakwakho usenekhwapha noma uyashendeza, ngumthwalo ongelula neze loyo nakunoma imuphi umzali.Bese kuthi uma kungukuthi kanti lobushwampeshwampe akubona uwakwakho bungobulili obubodwa nobakhe ivese ingazekeki ke leyo.
28 Apr 2021 3PM 6 min

Ingane engafuni uMawayo oyi-single mother angene othandweni olusha

Akulula ukungena othandweni olusha emva kokudivoswa uma uyi-single mother. Uma ingane yakho kade iqhelile kumzali, bese ingathi ingaseduze bese yaziswa ngophila nabo engabazi, kungebe lula kuyo ukuzoqala leyompilo. Umuntu engenza kanjani ukuthi izingane zibe sisemweni esihle ngenkathi engena ebudlelwaneni obusha?
27 Apr 2021 3PM 4 min

Izingane ezingabazayo ngoNkulunkulu

Uma ungumzali onguMKhrestu othandazela izingane zakhe, ucela uNkulunkulu ukuba azembule kuzona abe ngophilayo, angicabangi uwedwa kulowomsebenzi. Kungumthandazo osezindebeni zamakholwa amaningi angabazali. Wonke umzali onguMKhrestu ufuna ukunethezeka ekwazini ukuthi ingane yakhe ishisekela uNkulunkulu futhi imkholwa ngenhliziyo yayo yonke ebuNkulunkulunkulwini baKhe. Ukukhuthazeka kuziletha ngesikhathi ingane yakho izibuza ngokholo nobukhona bukaNkulunkulu. Umuntu wenzenjani…
26 Apr 2021 3PM 5 min

Ukuqhumbuza ezomshado kwezokuxhumana (social media)

Uma izinkinga ziqhumbuka emshadweni wakho uya kubani? Abashadile abaningi banenkinga yokungaxoxi ngokunganeliseki emishadweni yawo. Kungaba nzima ukuba nalezongxoxo ubuso nobuso nowakwakho, yingakho abanye abantu baye bethi ukuphefumula kubangani ekuveleni kwethuba yindlela yokuxosha intuthu. Kwabanye lolohlobo lwabangani lukwezokuxhumana, ngakho ukuphefumula kwenzeka khona lapho. Kodwa ngeshwa loukuthi i-social media yibhodwe lomhlaba wonke…
25 Apr 2021 3PM 5 min

Izimpawu zenhlese embi emshadweni nge-social media

I-social media isihluzwe njengenye yengxovane esibe nenhlese embi emshadweni yokudala izingxabano ngisho nezehlukaniso imbala. Kulolulwazi oselushiwo, kungaba ngubuhlakani ukuzipha isikhathi sicwaninge kahle nesixhumana nabo kuma-social media ukuze sivikele imishado yethu. Sijula kancane ngalendaba khona la ohlelweni Ezomndeni.
22 Apr 2021 3PM 4 min

Ukuvuselela umshado wenu senizihlalele nodwa

Abashadile abaningi bawela kunoxhaka wokufaka umdlandla wawo ezinganeni, kangangokuthi uma sezihamba, basala umama nobaba sekuheleza umoya emshadweni wabo. Kuloluhlelo Ezomndeni sikhuluma ngemininingwane yongakulindela uma izingane zakho zingasekho.
21 Apr 2021 3PM 4 min

Ukuvangela isizukulwane se-technology

Siye sikhulume ngesizukulwane sanamhlanje nokuthi impilo isibe ngenzima kanjani kulabo abazalwe manje esikhathini se-simanje. Kushukumbisa ubuzali, ukukhetha izifundo, inkambiso yokuxhumana nabanye abantu nokuningi.Kodwa sona lesizukulwane sithinteke kanjani ekubukeni kwaso uNkulunkulu neBandla? Amabandla amaningi azibuza lemibuzo futhi afuna izimpendulo ukuthi engenza kanjani ukufinyelela kangcono kulesizukulwane ngevangeli.
20 Apr 2021 3PM 6 min

Osekuthombeni ucabanga ukuthi abamhloniphi abazali bakhe

uyi-teenager ezwa sengathi ibanjwe wulawulo lwabazali ,ngakho hlala nathi. Kusenokwenzeka ungayithandi imibono yabo kunye nezinqubo zokukuholela endleleni enhle okusengabukeka kuyinto efile kuwena, kodwa amathuba amakhulu aveza ukuthi balangazelela okuhle kuwena.
19 Apr 2021 3PM 5 min
540 – 560