Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
520 – 540

Ukulawula ukudinwa kuma-teenager

Ngingamsiza kanjani undodana wami oseyi-adoloscent ukuba abhekane nokudinwa kwakhe? Kulula ukuphawula ukuthi uthukuthele kakhulu ngokuthizeni,kodwa nginomuzwa oqinile wokuthi ,uyayivalela ayicindezele imizwa yakhe yenhliziyo.Ngizamile ngebengingakwenza,ngehluleka ukumenza akhulume ngayo. Ngenze njani?
13 Jun 2021 3PM 5 min

Uthole ukuthi uwakwakho ube neshende - (Part 2 of 2)

Ngisanda kuthola ukuthi uwakwami ubengi – shendeza. Njengokuba nani ningazicabangela, kungikhungathe kanjani ukuthola lezondaba zokungethenbeki kwakhe, namanje angikasanguluki ekuthukeni. Angikamqondi okwamanje, futhi angikazi ngenze njani. ningangipha indlela?
10 Jun 2021 3PM 5 min

Uthole ukuthi uwakwakho ube neshende - (Part 1 of 2)

Ngisanda kuthola ukuthi uwakwami ubene shende .Njengokuba nani ningazicabangela ,kungikhungathekise kanjani ukuthola lezondaba zokungethenbeki kwakhe ,namanje angikasanguluki ekuthukeni. Angikamqondi okwamanje ,futhi angikazi ngenze njani .Ningangipha indlela ?
9 Jun 2021 3PM 5 min

Ukungqubuzana kukaBaba nondodakazi

Ngingakuletha kanjani ukuzwana phakathi kwe- teenager yethu nomnyeni wami? Njalo uma uyise emlanda esikoleni kuba ngukuthi uqala impi naye kumbe amnike inkulumo ende ukumtshela ukuthi wehluleka kangakanani ezifundweni zakhe.Bese undodakazi akhulume kimi ediniwe kumbe ekhala .Amabanga esikole asehlale eyinkinga kundodakazi wethu, futhi ngiyaqonda ukuthi simelwe ukwenza konke esingakwenza ukumgcina ekhaliphile…
9 Jun 2021 4AM 5 min

Ukubhekana nentsha engamavila

Ngingawagqugquzela kanjani ama teenager ami amabili angamavila?Awakwazi nokungisiza ngomsebenzi wasendlini, futhi bayaziba kuze kube ngumzuzu wokugcina kuyila enza umsebenzi wawo wesikole. Njengomzali ongayedwana angibi nawo amandla okubafaka ngempoqo emsebenzini.Ikhona yini indlela yokunqamula lenqubo kubona?
7 Jun 2021 3PM 4 min

Okumele ukucabange phambi kokuqhelelana

Ningakukhuthaza ukuqhelelana emshadweni ozizwa usufike kwangqingetshe? Iminyaka eminingi umshado wethu ubhekene nesifo esiqhubekayo sokulimala ekujuleni.Ngaphansi kwalesisimo, ngizibuza engabe kungcono yini ukuqhelelana okwesikhashana. Ngakolunye uhlangothi ngikhathazeke ngezingane zethu. Nicabanga senze njani?
7 Jun 2021 3AM 4 min

Ingane ehlale iqaphile kweqe

Ngakube simelwe ukukhathazeka ngengane esabayo ukuthatha ama risk kweqe? Umnyeni wami ucabanga simelwe ukuqinisa isandla impela -iphoqwe ukubhekana nesimo sokwesaba kwayo.Mina nginomuzwa imelwe ukunikwa ithuba ize ibe nokuzethemba ngokwayo. Nibona ndlelani ?
3 Jun 2021 3PM 5 min

Ingane enovalo ngokuba yodwa

Singabhekana kanjani nomuzwa wovalo olukhulu kwindodana yethu eno 8 weminyaka ukusala yodwa? Ilala ekamerweni elilodwa nodadewabo ngoba yesaba ukulala yodwa .Ngeke umthole edlala yedwa ekamerweni lakhe ngaphandle uma kunomuntu khona .Esikhathini esiphambilini wake wazama ukuba yedwa ,wayevevezela [ejuluka ehefuzela ] .Uhlakaniphe kakhulu ,wenza kahle esikoleni impela ,udlala nekeyboard namadrum nezemidlalo…
2 Jun 2021 3PM 5 min

Ukufundisa izingane ngokuzidela

Ngakube kumele ngizifundise izingane zami ngobumqoka bokuzidela? Asizwa kakhulu ngakho ebandleni kulezinsuku ,bese kuthi isikompilo labantu basemhlabeni alikugqizi qakala sanhlobo.Kodwa anginaso isiqinisekiso ukuthi izingane zethu zizoqonda ukuthi kusho ukuthini ukulandela uJesu uma silahla lengxenye yobizo lomfundi kaJesu.
1 Jun 2021 3PM 5 min

Ukuhlonipha i-teenager yakho

Ngingalinika kanjani iteenager lami inhlonipho elifanele? Ngingavuma ukuthi siyangqulana ngamakhanda kaningi –uluhlobo oludinga ukuqondiswa nokuholwa okuningi,okuphetha ngokuthi kungabi kuhle endlini .Kodwa angikholwa ngukuthi kukhona engikwenzile okumehlisa isithunzi njengomuntu. Kuchaza ukuthini ukuthi “umzali ahloniphe ingane?” ngakube ngingavese ngimdedele enze ngendlela yakhe –ngilokothe?
31 May 2021 3PM 5 min

I-teen ifuna ukusiza umama abe nokuqonda ngezinguquko ebudlelwaneni babo

Uguquko usuka ebunganeni uya ekubeni yi-teenager wuguquko olukhulu empilweni, futhi ama-teen amaningi kanye nabazali bangakufakazela lokho. Kunezinguquko zomzimba nezomqondo ezenzekayo kulesigaba, futhi kuyasiza ukuqonda lamaphuzu zisasuka nje ukuze ungazitholi usuhilelekile ungazelele. Nakhu la khona abazali nama-teens abangasebenzisana khona ukudala umoya wokuhloniphana, futhi bagcine ubudlelwane obuhle, kungakhathalekile isimo sithini ngezinguquko nakanjani…
30 May 2021 3PM 4 min

Ukulekelela izingane ebunzimeni bokungezeka kwezifundo

Ubutasa kakhulu bubukeka sebuyinsakavukela ,okuthi abanye abantu baze bazigqaje ngabo ngokokuthi bakwazi ukwenza izinto eziningi kakhulu. Nokho, ukukhulisa izingane zethu kuma-schedule anyinyithekayo akulethi ubuhle ngokwezingane.
26 May 2021 3PM 5 min

Ingane enenkani ayifuni ukulala

Impi yesikhathi sokulala enganeni iyinto evamile ekhaya, isikakhulukazi uma ingane yakho inenkani lokho okwenza ukhameke kakhulu futhi uma ungazimisele ukuba nenkani yokubekezela nawe ungagcina wehluliwe.
25 May 2021 3PM 4 min

Lithini ibhayibheli ngokuzixolela wena

Into enhle nekhululanayo ngokuba nguMKhrestu ngukuthi uKhrestu wafela ukuxolelwa kwezono zethu. Kodwa waphinde uJesu wafundisa amakholwa ukuxolelana njengokuba naye esixolele. Inkonzo yokuletha ukuthethelela kwabanye abantu, kungakhathalekile inzima kanjani, kodwa okungangabazwa ngayo la okholweni kwaKhrestu. Uma sekuziwa ekuzixoleleni ngamaphutha esiwenzile, ngolunye-ke udaba lolo. Mhlawumbe izono esezadlula ziyakwengama futhi awunasiqinisekiso ukuthi uzodlula…
24 May 2021 3PM 5 min

Ukukhuthaza umoya wokuncokola enganeni yakho

Abantu abaningi bayathanda ukuqhuma ngokuhleka izikhathi ngezikhathi, abanye ukuhleka baze bakubize ngekhambi lomphefumulo, bese khona lapho bakhona abanye abancokola nabahleka nje ngalesosikhathi, okunokwenzeka mhlawumbe i-personality yabo leyo esuke ivela.
19 May 2021 3PM 5 min

Ukubhekana nokulwa kwabandawonye

Uma kunengane engaphezu kweyodwa ekhaya, nakanjani ungangibuza ungiphale ulimi, kuzoba khona uhlobo oluthile lokulwa. Umbuzo usekuthini okungakanani ukulwa ezinganeni ekhaya okumelwe umzali akuvumele futhi abhekene nakho?
18 May 2021 3PM 5 min

Ukukhula ngokobukhrestu kunye nendlela yokukhula

Uma uzizwe untengezela mayelana nesimo sohambo lwakho lobuKhrestu awuwedwa, maningi amaKhrestu angqubuzana nalesosimo semizwa nsukuzonke. Uma kungukuthi kunokwenzeka, unentshisekelo ngokwethembeka ukubona ukukhula okubanzi, nakanjani uzokhuthazeka ngalokhu esizokusho khona la
17 May 2021 3PM 5 min
520 – 540