
Ukuvangela isizukulwane se-technology
Loading player...
Siye sikhulume ngesizukulwane sanamhlanje nokuthi impilo isibe ngenzima kanjani kulabo abazalwe manje esikhathini se-simanje. Kushukumbisa ubuzali, ukukhetha izifundo, inkambiso yokuxhumana nabanye abantu nokuningi.Kodwa sona lesizukulwane sithinteke kanjani ekubukeni kwaso uNkulunkulu neBandla? Amabandla amaningi azibuza lemibuzo futhi afuna izimpendulo ukuthi engenza kanjani ukufinyelela kangcono kulesizukulwane ngevangeli.