Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
560 – 580

Ukukhonza izinto zabesifazane kunye nokuzazi ukuba ngowesilisa

Amagama abizwa ngawo umuntu kuyathukela elusizo ,ikakhulukazi lakhona ubuwena busesitikini kunye nobulili bakho.Igama “inkonkoni” liwu-mthiks wegama elasungulwa yingqondo nje :igama elisho lokhu abanye abantu abathi lichaza khona –okungekho lutho olungale ,olutheni.Ohlelweni Ezomndeni sizoxoxa ngokuziqonda kobulili kowesilisa bese sisiza insizwa esencane iqonde ukuba ngowesilisa ngokweqiniso ,hlala ungasuki.
18 Apr 2021 3PM 5 min

Ubuzali ngokubambisana nokungabambisaneki naye owake waganana naye

Uma ubaba noMama bemqondo munye kwinqubo yokuphila kuye kwakekhe indawo enhle yezingane futhi ziqonde imingcele yazo kanti uma abazali bebuka ngendlela ehlukene ebuzalini babo, lokho kungabanga izinkinga eziningi nezingane ziba nokudideka okuningi.
15 Apr 2021 3PM 5 min

Izinsolo Zokuhlukumeza Ngomzanyana

Mzali,ake ucabange ngomoya wemizwa wokuba semcabangweni wokuthi umzanyane wakho uhlukumeza ingane yakho.Ukushiya izingane zethu nabanye abantu kubiza ukubethemba ,kodwa uma lokho kubethemba makuke kwaba nongabazane yilapho okudaleka ukukhathazeka okukhulu .Sizokuxoxa lokhu kabanzi la ohlelweni Ezomndeni ,ngakho hlala nathi.
14 Apr 2021 3PM 5 min

Ukugcina Ubudlelwano Nezingane Emva Kwe-Divosi

Akulula kumzali odivosile ukuxhumana kahle nezingane zakhe uma kungukuthi inkantolo ivune ukuthi izingane azibe sesandleni sodivose naye ,bese wena ukwazi ukuzibona kabili noma kathathu kuphela esontweni .Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizokhuluma ngokuthi ubaba engenza kanjani isikhathi esihle kakhulu nezingane zakhe ,ungabe usasuka .
13 Apr 2021 3PM 5 min

Friend Request Kwi Social Media Evela Othandweni Lwakudala

Ngakube kuyinhlakanipho kuwe ukumukela i-social media friend request kowake wathandana naye phambilini? Abanye bangathi akukho bungozi ukuxhumana,khona manjalo abanye bangaba nezinqinamba eziningi abathi zabangwa yilawo ma –friend request emshadweni.Sizokhuluma umqondo wethu ngaloludaba la ohlelweni Ezomndeni,ungabe usasuka.
12 Apr 2021 3PM 5 min

Unkosikazi Ongasenkamunkamu KuMkhwenyana OsewuSteteleku.

Amakhosikazi namadoda amelwe ukuqaphela izidingo zenkonzo yekamero zabaganane nabo qede bazifezekise kahle ngawo wonke amandla.Kodwa wenze njani uma umuntu oshadene naye engasakulangazalele ngenxa yokuthi usevese waziyekelela ? Kuloluhlelo Ezomndeni namhlanje sizosiza owesifazane okulesisimo ,hlala nathi .
11 Apr 2021 3PM 5 min

Ukuchazela Izingane I-Addicton Yezithombe Zobunqunu

Ucabanga ukuthi ungaba sesimweni sokuvuma ezinganeni zakho ukuthi usohambweni lokusizwa ukuphuma kwi-addiction yezithombe zobunqunu[porn]? Abazali abaningi bangasho u ‘chabo’ omkhulu kulowombuzo. Manje ungathini mangase sikutshele ukuthi udaba olufuze lolu luba namava amakhulu amahle ekukhuleni kwezingane zakho.
8 Apr 2021 3PM 5 min

Ingane Ethi Ifuna Ukufa

Seyake ingane yakho yavese yaqhuma yasho into, eyakushokha kwabanda amathumbu? Imvamisa amagama awanaso isisekelo esikhulu futhi angadluliselwa kwimizwa yenhliziyo ezogalopha, kodwa kunini lakhona okumele siqaphele ukuthi kunotho oluyinkinganyana enkulu la?
8 Apr 2021 4AM 5 min

Ukuzibuza ngonakekelo lukaNkulunkulu

Wenze njani uma izethembiso zikaNkulunkulu zibukeka zingelona iqiniso kuwe? Ngakube ukholo lwakho uyalulahla kuYe kumbe ulubekela ukuqonda kangcono iQiniso laKhe na?
6 Apr 2021 3PM 5 min

Indodakazi Engena Ebuntonjini Enokujwayelana Nowesilisa Osemdala

Singawaxwayisa kanjani amadodakazi ethu ngamathuba ezikhisi uma emningi ekubeni nabesilisa asebekhulile, ngisho ethi kithi, ayi bajwayelene nje nabo? Imvamisa amantombazane angama-teenager awafuni ukuzwa loluhlobo lwezeluleko ,ngakho kumelwe umuntu aqikelele kakhulu indlela eza ngayo.
5 Apr 2021 3PM 5 min

Ukusebenzisa Imali Yokweshumi Ukusiza Abazali Asebekhulile

Ukubhekana nezezimali zethu ngokwezinsika zoBuKhrestu kufaka izinto ezithile. Okunye kwakho ngukuthi AmaKhrestu alindeleke ukunikela okweshumi, bheka ku-2 Izikronike 31:4&5.AmaKhrestu atshelwa ukunakekela izintandane nabafelokazi.Aphinde ayalwe ukwazisa oyise nonina ,nokunakekela abendlu yabo, funda-1 Thimothewu 5:8.
4 Apr 2021 3PM 5 min

Abazali Bavimba Ubudlelwano Bogogo Nezinganeni zabo

Uqhelelano emndenini ngeshwa lwenzeka zikhathi zonke, kwesinye isikhathi ngisho kungekho nento ephathekayo edala ukwehlukana. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizokhuluma ngokuthi ungawubuyisela kanjani umndeni osuhlukene.
31 Mar 2021 3PM 5 min

Ukusiza intombazane eyi-teen ibe ngowesifazane (Ingxenye yesibili)

Ohlelweni lwethu olwedlule Ezomndeni sasinqamulela izinto ezingu-12 ezidingwa yiyo yonke intombazane encane ze ifinyelele ohambweni lwayo lokuba ngowesifazane okhulile, ngokuzizwa ephephile enokuthula komphefumulo. Sizoqhubeka ngalolo luhla kuloluhlelo Ezomndeni namhlanje.
30 Mar 2021 3PM 6 min

Ukusiza intombazane eyi-teen ibe ngowesifazane (Ingxenye yokuqala)

Kuningi ukukhuluma okuphezulu nokubuka mqondo mningi ngesihloko sobulili kulezinsuku kwezokusakaza.Izingane zikhula esimweni esehlukile kakhulu uma usiqhathanisa naleso sezakhula eminyakeni engu-50 eyadlula. Ngakho,kulesisimo izingane zethu ezizithola zithe shuthe kusona ,umuntu ingempela angayisiza kanjani intombazane esathomba ukube idlulele ikhulele ekubeni ngowesifazane? Sizodingida lesihloko ezihlokweni ezibili kusuka namhlanje.
29 Mar 2021 3PM 6 min

Ukuxoxa ngokudideka kobulili nentsha

Kwisikompilo lanamuhla lakhona sibondwe saphekwa, intsha ibhekene nezinselelo ezingaphezu kwezethu, cishe mhlampe mina nawe esingazange sibhekane nazo sikhula.Ukudideka kobulili yinqubo le engenisile impela okwenza intsha eningi iqale izibuze ubuyona nangendlela enhle uNkulunkulu ayidala ngayo.Manje abazali bangaxoxa kanjani nezingane zabo ngaloludaba lokudidwa ngubulili entsheni? Sifuna ukuzoletha izinkombandlela namasu angukhiye ukukwazi ukwenza…
28 Mar 2021 3PM 6 min

Isikole esiyi-bording ezinganeni zezisebenzi zeNkosi

Miningi imibono ngokuthi yiziphi izinqubo ezingcono ngemfundo yezingane zethu. Eminye imindeni ephume uphumo lomsebenzi weNkosi kuye kubize yenze izinqumo ezinzima ezincike ekutheni ithunyelwe kuphi.Sizobhunga lokhu kabanzi la ohlelweni Ezomndeni.
25 Mar 2021 3PM 5 min

Ukubhekana nokugeleza kwemiqhafazo yezocansi entsheni

Ukuqhumbuka kwemiqhafazo yezocansi [sexting] yinto e serious kakhulu entsheni ezibandakanya nezithola ezindleleni ezehlisa ukuziphatha.Abazali ngeke empeleni bakwazi ukuvikela lesisenzo, kodwa badinga ukuqonda ngezingozi qede bathathe igxathi eliqinile ekutholeni ukuthi kusenokwenzeka ukuba ingane yakho ikinateleke kulokhukuziphatha okucekayo.Sizokhuluma ngezindlela zokubhekana nokugeleza kokuqhuma kwemiyalezo yezocansi ,khona la ohlelweni Ezomndeni .Ngakho hlala nathi.
24 Mar 2021 3PM 5 min

Ukuqonda i-sexting yentsha

Njengomzali we-teen ngakube I –sexting yinto okumele ngikhathazeke ngayo ? Sengizwe kaningi ngalokhu ezindabeni, kodwa angikaze ngicabange ukuthi ingane yami ingaqoleka yilesilingo.Asikaze sikhulume ngakho ngoba angisheshi kweze technology,futhi angazi ngqo kubandakanyi ini.Ngale kokuthi ,uyingane enhle.Nicabanga ngimelwe ukusimungunya lesihloko naye?
23 Mar 2021 3PM 5 min

Onomgudu wokuzitshela

Sewake wezwa ngomuntu okuthiwa uyazitshela? Leligama livamisa ukusetshenziswa kumuntu ozibona emqoka nozazi yena. Akulula ukushadana nomuntu onalemigudu, nokho leligama lokuzitshela kuyenzeka lisetshenziswe ngendlela okungeyona. Kuloluhlelo Ezomndeni namhlanje sizomchaza kangcono lomuntu.
22 Mar 2021 3PM 4 min
560 – 580