Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
220 – 240

Umkhwenyana akafuni ukuyosebenza

Kukhona kodwa engingakwenza ngendoda enqaba ukuthola umsebenzi ? Sineminyaka ewu 12 sishadile ,kwewu 10 yonke ubezihlalele ekhaya engenzi lutho lonke usuku ngesikhathi mina ngisemsebenzini .Akafaki lutho ekhaya nasemndenini wethu .Kuye akuthi shu .Enye yezingane zethu yatholakala nesifo okubizayo ukuselapha manje umsebezni wami wodwa angeke ukwazi ukubhekana nalezondleko.Nanxa kunjalo ufuna ukuqhubeka…
25 Aug 2022 6PM 5 min

Ukubuka ezezimali kwabasanda kushada

Ningangisiza nomkhwenyana wami sihlele izimpokophelo zempilo ngokwezimali ezihambisana nathi sindawonye? Akukudala sishadile,umkhwenyana wami useqalile ukukhuluma ngokuthenga umuzi nokusungula isikhwama somhlalaphansi.Kanti mina ngisakhathazwe nje uku- renta nokudla .Kuyaphatheka akushoyo ? Ngakube ngizikhathaza ngobala? Ikhona yini indlela yokubhalansisa lokhubuka kwethu ?
24 Aug 2022 6PM 5 min

Ukukhuthaza Ingxoxo niwumndeni

Kusemqoka kanganani ukuhlale kuhlale umndeni ube nethuba lokuxoxa? Emshadweni wethu ukuxoxa sekube yingwadla eside isikhathi,kodwa mumva nje sengiqaphele ukuthi lenkinga isithungele nasezinganeni: kubukeka akasekho layikhaya onesikhathi sokuxoxa nomunye.Angazi lokhu kwenzeke kanjani ,futhi ngiyamangala ngokukushoyo ngempilo yomndeni kwezobudlelwane.Kodwa ngingenze njani ukucima lomhlolo?
23 Aug 2022 6PM 5 min

Unkosikazi unongakuqondi ngezocansi ngomkhwenyana wakhe

Ngingamenza kanjani umkhwenyana wami aqonde ukuthi angiyena umuntu ofuna ukuba senkonzweni njalo njengaye? Uma ngimtshela angikho semoyeni wenkonzo ,uvese acasuke athi ,ziningi kabi izinto naye angenzela zona noma engekho semoyeni ngalesosikhathi -njengokuya emsebenzini,ukusiza emsebenzini wasekhaya ,nokuwasha izitsha.Ngizamile ukumtshela ,akuyona into efanayo leyo ,kunalokho akangikholwa futhi akangilaleli .Kukhona okungalungile kimi?
22 Aug 2022 6PM 5 min

Ukusungula Izindlela ezihlabela phambili zokuxhumana nezingane

Singabafundisa kanjani abantwana bethu ubuciko bokulalela? Babukeka behluleka ukulandela ulayelo .Odabeni lwendodakazi yami ngicabanga iyaziba izikhathi eziningi.Okukandodana wami khona ,ubukeka eziqinisa ezakhe izindlebe bese abe matasa nomabonakude,izincwadi nama video game,noma yini enye ayenzayo okwenza engasuseki kuyo.Ngizithola sengide ngiphinda phinda into eyodwa.Zikhona iziluleko eningangipha zona?
16 Aug 2022 6PM 4 min

Umkhwenyana ohlulwa ukuthethela unkosikazi

Ngingadlula kanjani ebucayini bomkami enza ngabo, futhi ngikhohlwe okuningi okuhlasimulisayo akusho kimi phambilini ? emva kweminyaka sisemshadweni,sengifike lakhona ngingesenakukuthwala.Angikholelwa kwisahlukaniso ,yikho sesiphila impilo eqhelelene sibe sindlwinye ,naye uzilalela kwelakhe ikamero.Manje ufuna ngimthethelele ukuze sihlabele phambili nomshado wethu ,kodwa ngokwami akukho kalula kanjalo nje .Amagama akhe ahlabayo asenkenketha emicabangweni yami ,futhi…
15 Aug 2022 6PM 5 min

Umama nobaba baphikisana ngokuqondisa izigwegwe enganeni

Singafika kanjani ekuvumelaneni nonkosikazi wami mayelana nokuqondisa izingane? Ngizamile ukufundisa indodana yami uqondiso oluqinile,kodwa unkosikazi wami uhlale ephikisana nezindlela zami. Uthi nginesandla esiqinile kumfana.Njengoba ungazicabangela,lokho kungaba yisilonda emshadweni wethu.Ngingafeza kanjani engikholwa kuyiqhaza lami njengobaba emshadweni wethu ngibe futhi ngiqhubeka nokwazisa umkami nezimvo zakhe?
14 Aug 2022 6PM 5 min

Ukuqhubekela phambili emva kokushonelwa ngothandiweyo

Ngingenzenjani ukunqoba usizi olungengamile emva kokufa komnyeni wami ? Walwa nokugula eminyakeni yokugula kwakhe emibili.Ngenxa yalokho impilo yami yonke yabe isingukunakekela yena . Manje lowomzabalazo usudlule , ngizizwa ngiyigobolonde nosizi. Angazi ngijikele kuphi kumbe ngenzeni elandelayo .Ningangisiza?
11 Aug 2022 6PM 5 min

Ukubuka ukugembula ngokwebhayibheli

Ngakube ngempela ibhayibheli lithi kubi ukugembula? Ngiyabona ukuthi nakho kunjengoku dansa nokudlala amakhadi –amakholwa aqinisa kakhulu, amelene nakho.nokho angikholwa kunezisekelo zezwi azisebenzisa ukumelana nakho mina engikubuka kuwumdlalo nje ongenabungozi.
9 Aug 2022 6PM 6 min

Imikhakha yezemfundo ethatheka njengengeyona eyabesifazane

Uma kuwukuthi kusemqoka ukuhlukanisa umehluko ngokobulili-engikukholwayo kunjalo-singayikhuthaza yini indodakazi yethu esesikoleni ,ekucabangeni ukukhetha umkhakha othathwa njengowabesilisa ngokwenjwayelo? Le ntombazane yethu ihlale ikhuluma ngokuba umcimimlilo mayesikhulile.Kweminye imiphakathi ezikhululekele ngeke ibe nenkinga nalokho kodwa kithi esingamaKholwa omthetho kakhulu kwenza ngide ngizibuza: engabe impokophelo yaloluhlobo iyahambisana yini nowesifazane ngokwasebhayibhelini? Ngizame yini ukuthatha amehlo…
8 Aug 2022 6PM 5 min

Ibhayibheli nocansi phambi komshado kunye nokuziphatha ngokozwecansi

Yikuphi ngempela la khona ibhayibheli lithi kuyicala ukulala ngaphandle komshado? Abazali bami bahlala bengiyala njalo ngokuthi izwi lisiyalela singayi ocansini phambi komshado.Manje ngoba sengikhulile sengikwazi ukuzicabangela ,sengiqala ukuyingabaza leyonto.Angikakaqondani nento ebhayibhelini evumelana nalombono wabo.Okwedlulele ukuthi angikatholi simo lakhona ibhayibheli likhuluma ngomshado wasesontweni! UIsaka no Rebheka abazange bashade esontweni.Bazihlanganela bazilalela kwaphela…
7 Aug 2022 6PM 5 min

Ukuzibuza ngonakekelo lukaNkulunkulu

Singathembela kuNKULUNKULU ezidingweni eziphathekayo kubantwana bakhe abathembekile? kwabaseFiliphu 4:19 kubukeka ethembisa kanjalo .Selokhu ngalahlekelwa ngumsebenzi nganamathela kulelivesi,kodwa alibukeki lingisize ngantoni nomndeni wami. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule silahlekelwe umuzi wethu,imoto nezinto eziningi .Kube nzima kakhulu lokhu kodwa okweqile imibuzo okunginike yona engqondweni.Ngibonile ukuthi amaKhrestu amaningi athembekile endulo aphila nanxa izidingo zawo zingafezekile.Anqubuzana…
4 Aug 2022 6PM 5 min

Iyiphi indlela yokubhekana nomama osebenzayo ozizwa enecala

Ngingazimisa kanjani ekuzizweni nginecala futhi ngimelane nesilingo sokuba ‘umama ozibambe zonke’ ? Ngingumama osebenzayo onengane ese crèche nezinye esezisesikoleni ezidinga ukunakwa ngemisebenzi eminingi yesikole.Kumele ngivume ukuthi ngizizwa kabi uma ngingenzi into ewukuya phambili.Inhlelo zomndeni ziningi ,futhi kuningi okudinga ukwenziwa ,yikho ngizibona ngiphoqelekile ukusebenza –kwesinye isikhathi okubandakanya ukwenza izinto eziningi sikhathi…
3 Aug 2022 6PM 5 min

Uwakwakho Uthola Izithombe Ezimhuha Ngocansi

Ngibhekane kanjani nesimo lakhona uwakwami ethola imiyalezo ehuhanayo nengalungile kw- social media? Ngizithele kulokho ekhasini lakhe ,kusukela lapho ngikhathazekile.Ngenzenjani ngalesisimo?
2 Aug 2022 6PM 5 min

Ukukhuleka Ndawonye Njengomnden

Singawenza kanjani umthandazo womndeni ube seqhulwini ? Siwumndeni okholwayo ,mina nowakwami sishisekela ukukhulisa izingane zethu ngezindlela zeNkosi.Ningasipha izinkombandlela ezingasisiza kulengxenye yempilo? Izingane zethu zisencane okwenza kube nzima ukubabandakanya emthandazweni . Nicabanga siqhubeke sizame? Kumbe silinde baze bakhule?
1 Aug 2022 6PM 5 min

Igunya Lobuzali Enganeni Esikhulile

Manje njengoba indodana yethu isangaphezu kuka 18 ,iqhubeke isithobele? Ibhayibheli lithi izingane ‘azilalele’ futhi ‘zithobele ‘ abazali bazo (kwabase Fesu 6:1 , KwaBase Kolose 3:20 ) ,kodwa yena uthi ngoba usemdala lomyalelo awusaqondile kuyena.Nizwa kanjani lendaba? Kukusiphi isigaba lakhona ingane esikhulile esuke isizimele khona ngokuphelele ingasaludingi ulawulo lwabazali?
31 Jul 2022 6PM 6 min

Izidakamizwa nokuzibulala kwentsha

Bukuphi ubudlelwane phakathi kwezidakamizwa ,wuphuzo nokuzibulala kwentsha ? Yikuphi okumele sikwenze uma sisola ukuthi ingane yethu ikwinkinga -yokunye kwalokhu kuziphatha?
29 Jul 2022 9AM 6 min
220 – 240