
Iyiphi indlela yokubhekana nomama osebenzayo ozizwa enecala
Loading player...
Ngingazimisa kanjani ekuzizweni nginecala futhi ngimelane nesilingo sokuba ‘umama ozibambe zonke’ ? Ngingumama osebenzayo onengane ese crèche nezinye esezisesikoleni ezidinga ukunakwa ngemisebenzi eminingi yesikole.Kumele ngivume ukuthi ngizizwa kabi uma ngingenzi into ewukuya phambili.Inhlelo zomndeni ziningi ,futhi kuningi okudinga ukwenziwa ,yikho ngizibona ngiphoqelekile ukusebenza –kwesinye isikhathi okubandakanya ukwenza izinto eziningi sikhathi sinye –ngazo zonke izikhathi.Uma ngingakwenzi lokho ngibanjwa uvalo lokuthi angeke zenzeke izinto.