Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
200 – 220

Ukuhlobonga nelunga lomndeni

Ngimtshele yini umnyeni wami ngokushelela engaba nakho ngagcina ngiya enkonzweni yekamero nomfowabo phambilini? Kunonyaka kwenzeka lokhu, esikhathini engangibuthaka ngaso. Sobabili naye sabona ku wrong esakwenza ,asabe sisaphinda ukukwenza lokho. Imindeni yethu iyabonana futhi isondelene. Akekho kithi osetshele uwakwakhe. Sibatshele?
22 Sep 2022 6PM 5 min

Ingane esikhulile esekhaya eshaya inkambiso yabazali

Luhloboluni lwenkambiso yomthetho okumele ulushayele ingane esindala ehlala kwakho ungumzali ? Undodakazi wethu oneminyaka ewu 29 uhlala muzi munye nathi.Uyazi ukuthi simiphi ngomshado ,njengoba sikholwa yiyona ndlela kuphela yokuya enkonzweni ,kodwa inkinga usenyonyobisa isoka lakhe lilale endlini yakhe layikhaya.Ngiyazi ngingemphoqe ukuguqula ingqondo,futhi angifuni ukulimaza ubudlelwane bami naye .Kodwa lokhu kuyasikhathaza…
21 Sep 2022 6PM 4 min

Kunini la kungamele uthobe kumnyeni wakho

Kuhloniphekile yini ukuba owesifazane abuze izahlulelo zomkhwenyana wakhe kumbe aphikisane nezinqumo zakhe lakhona ekholelwa ukuthi zi –wrong? Uma kunjalo ,lokho kungena kanjani KwabaseFesu 5: 22 ,lakhona uPawuli ethi , “Bafazi ,thobelani amadoda enu ,ngokungathi kuseNkosini?” Zikhona izibonelo zamakhosikazi ebhayibhelini ama kulokho ?
20 Sep 2022 6PM 5 min

Ukuhlabela phambili emumva kwesahlukaniso

Ngingabhekana kanjani nobuhlungu be divosi ngicabe indlela entsha yezingane zami name siqu? Ngiyavuma ukuthi ngakhetha kabi .Esibi kunazo zonke ukuthi ngaqhela emndenini wami ngesikhathi kushuba emshadweni wami sengehlulwa ukubhekana nakho.Ngibona manje ukuthi ukuqhela kwami akulethanga kimi kuphela ubuhlungu ,kodwa nasezinganeni zami .Osekwenzekile kwenzekile ,futhi akukho osekungaguqula ubuhlungu engabudala.Ngizizwa nginecala elikhulu!…
19 Sep 2022 6PM 5 min

Ukukinatelwa zidakamizwa ukukhetha uwakwakho othembekile

Njengomuntu osohambweni lokusinda kwi addiction ,ngingamthola kanjani ozohamba nami kumagxathi anzima okuqala ohambweni lokulapheka? Ninazo iziluleko ekukhetheni umsizi othembekile nokuthi lobobudlelwane bubukeke kanjani ? Ngothokoza kakhulu kweningakuphakamisa ngalesimo.
18 Sep 2022 6PM 4 min

Ubudlelwane bomkhrestu nohulumeni ongenabunkulunkulu

Kungani kumele ukuba ‘ngithobele’ uhulumeni engikholwa uhamba lugugube ? Ngiyalithanda izwe lakithi futhi ngithanda ukuzibandakanya nombusazwe wezwe wakithi ,kodwa ngiyadideka okushiwo yibhayibheli ngalesihloko.Kodwa kwenzeka kanjani ukuthi uPhawuli atshele aMaKhrestu ukuba athobele [Kwabase Roma 13 : 1-7] nxashana kusicacele kahle ukuthi ohulumeni bomhlaba bonakele abanabulungiswa? UmKhrestu enze njani uma ebona ukuthi…
15 Sep 2022 6PM 5 min

Ukulungisa isimo mqondo esibizwa nge

Yimuphi umehluko phakathi kwe OCD ne OCPD? Ngididwa yilamagama, okwenza kube nzima ukuthola usizo lokusiza uwakwami, osesimweni [ngokubona kwami] okhombisa ukuba sehabeni ukwenza izinto ngengqondo yakhe.Ningangipha umehluko?
14 Sep 2022 6PM 6 min

Ukukhuluma nezingane ngezimo ezihlasimulisayo

Njengomzali ngingabhekana kanjani nengane yami ,ngezikhathi la khona kunobududu bobuqhuqhu bezibhamu,izimbubhane zemvelo, nezinye izimo ezihlasimulisayo ezingokuthatheka kwempilo ?Ngabe kumele ngenze okuseqophelweni ukubasitha kulololwazi-okuyinto engelula neze ngokwezindaba ezingena zilekanyana kwezokusakaza kulezinsuku? Kumbe ngizame ukukhulama nabo ngakho ?
13 Sep 2022 6PM 4 min

Ukusebenzisa amaphilisi okuhlela inzalo emshadweni

Uthini umbono wenu ngokusebenzisa amaphilisi okuhlela ? Sisanda kushada sizama ukucabangisisa ngendlela eseqophelweni eliphezulu ukuthi siwabuke kanjani,kodwa sithola umyalezo ohlukene kubahlobo bethu,amalunga omndeni ,nodokotela.Omunye umzalwane esimaziyo ukholwa ukuthi naluhlobo luni lokuhlela umndeni lumelene necebo likaNkulunkulu. Asazi sicabange kuphi.
12 Sep 2022 6PM 5 min

Umama akabazwile kahle abangani womkhwenyana wakhe

Yikuphi engingakwenza ngokungabi kwami nkamu nkamu ngabangane bomkhwenyana wami? Sithokozile futhi sisebudlelwaneni obuhle kakhulu,ngaphandle kwento eyodwa : angizwani nabangane bakhe.Ikhona indlela yokusombulula lenkinga? Isiholela ekuphikisaneni nongqubuzano
11 Sep 2022 6PM 4 min

Ukuzibuza kaze uwakwakho wakuyeka ngempela ukukuhamba ngemumva

Ngingakholwa kanjani wukukuthi umnyeni wami usephendukile ebuhlungwini angidalele khona? Onyakeni owodwa odlule ,ngithole ukuthi sekube ngeside isikhathi esothandweni nomunye wesifazane ngenhliziyo ejulile.Unokhondolo futhi lokuvese aqhume ngokudinwa okugcina kuholela ekuhlukunyezekweni ngamagama.Kaninganyana engijikijela ngezinto . Nakuba esaphuma kulobubudlelwane bokungibhaqa ,kwathi ukwehlisa umoya wakhe ,waze wathi ufisa siyothola nabaluleki ukuze sikhande umshado wethu,konke…
8 Sep 2022 6PM 4 min

Isehlukaniso nofa lwaso ezinganeni

Sisemalungiselelweni okuhlukanisa kodwa kubukeka kuza mawala emndenini wonke.Izingane zethu sezenza izinto ngendlela ehlukile.Ezinye zezindlela zazo ngalesimo zenza ngikhathazeke ngazo.Yikuphi okuthathwa njengokulindelekile nokuphilekayo nakho esimweni esinjengalesi ? Yikuphi okungenziwa ukubhekana naloludaba?”
7 Sep 2022 6PM 6 min

Obaba bafundisa kanjani amadodakazi abo isizotha?

Obaba bangasiza kanjani amadodakazi abo afunde isizotha ? Ngifuna indodakazi yami ikubambe lokhu phambi kokuba ibe yi- teenager.Kodwa ngizwa kuseceleni kimi ukukhuluma ngalesosihloko .Ngibona ukuthi kimi njengoyise ngingaba lusizo kuyo kulesisihloko kumbe ngibe wukuyidumaza, ingazizwa kahle.Yiliphi iqhaza eliqondile kubaba la?
6 Sep 2022 6PM 4 min

Ingane yesaba usathane

Ngingehlisa kanjani ukwesaba enganeni yami ngoSathane? Ezinyangeni ezimbalwa umtanami ona 5 uyaqhaqhazela ngalesihloko.Uhlale njalo ebuza imibuzo ngoSathane ,bese ebukeka ehlasimula ngalokhu angakwenza kuye.Uyaya kuSontoskole ,siyathandaza sifunde ibhayibheli sonke ndawonye.Okwamanje ,kubukeka konke lokho kungasizi .Ngizamile okusemandleni ukumqinisa,kodwa kumele ngivume ukuthi kwamina akukuningi engikwaziyo ngoSathane .Ningangitshela ngqo ukuthi zithini izibhalo ngaye
5 Sep 2022 6PM 5 min

Ukuhuheka kumngani wowakwakho

Ngingamtshela yini umnyeni wami ukuthi ngihuheka ngomngani wakhe oseduze naye ? Ngike ngezwa kuthiwa loluhlobo lolwazi lungaxoxwa abaganene ngenhloso yokuvulekelana ,nokho ngimanqika ukuthi kuwubuhlakani lokho .kulamadoda omabili akekho owaziyo ngofudulo lwami lwangaphakathi futhi angifuni ukulimaza ubungani babo.Ngenzenjani?
4 Sep 2022 6PM 5 min

Umkhwenyana ongathembekile ufuna ukuba sothandweni nomunye wesifazane

Ngibhekane kanjani nokungethembeki komkhwenyana wami osekwenzeke ngokuphindaphindwa aze angiqonde angicele ngqo ukuthi ufuna ukuba nothando lwaseceleni nomunye wesifazane ? Yonke leminyaka umshado usube sesivunguvungwini .Ekugcineni nje useze wavuma ukuthi usothandweni nomunye ngasitha.Ngimthethelele ukuphinga kwakhe,kodwa manje uthi ufuna ukukhulisa ubudlelwano anabo bangaphandle ebe eqhubeka elayikhaya.Ngizimisele ukutakula umshado wethu ,nokho angifuni ukumchukuluza…
1 Sep 2022 6PM 5 min

Umfana ona-3 udlala ngokugqoka izingubo nosisi bakhe

Ngingamvumela yini umfana wami ona 3 weminyaka ukuba adlale ngokugqoka izingubo nodadewabo? Akajabuliswa nje kuphela ukugqoka amalokwe abo odadewabo, kodwa uze agqoke nobucwebe bamantombazane. Kimi loluphawu alwehli kahle.Ngingalumisa kanjani?
31 Aug 2022 6PM 4 min

Unkosikazi wami uyahlukumeza ngokwenyama

Ngiphendule kanjani kunkosikazi ode eba nomoya wadlame? Kanye nakabili ngonyaka mina nonkosikazi wami siye sibe nokuphikisana okuze kuphume esandleni .Ezikhathini ezithile ,usho izinto ezicofayo ngami okubandakanya ukuthi ,’ngiyakuzonda’.Ngiye ngibeke phansi umoya ,lokho okugcina kumenza agcine esenodlame imbala.Angijikijele ngezinto aze azame ukungishaya angikhahlele .okwamanje angikaze ngibhekane nokulimala okukhulu ,nokho ngikhathazekile uma…
30 Aug 2022 6PM 5 min

Ukuhushula nezempilo zikamama

Kuyenzeka ngempela ube ngolwela ukuphila, ube futhi uvumelana nokuhushula esimweni lakhona impilo kamama isencupheni ? Kuthini ukubuka kwenu kulumbuzo wezobuqotho onzima ?
29 Aug 2022 6PM 5 min

Uku ‘adopter’ ingane ehlukumezekile

Yikuphi esidinga ukukwazi kuqala uma sizo adopter umntwana oseke wahlukumezeka? Sicabanga uku- adopter ingane engaphansi kuka 2 weminyaka eyasuswa kubo isenezinyanga ngenxa yohlukumezeko .Ibisabekwe kwi-system ye foster care unyaka wonke odlule .Yikuphi okuyincuphe esizibeka kukho ?
28 Aug 2022 6PM 5 min
200 – 220