
Lithini ibhayibheli ngokuzixolela wena
Loading player...
Ukuzixolela ngakube kusezwini? Ngingenakusho imininingwane yonke ,kodwa ukwenzeka kwezinto kwangishiya ngithwele umthwalo.Ngiyakholwa nguKhrestu nokufa kwaKhe esiphambanweni ,kodwa kulesigaba ukholo lwami alubukeki lunamandla okuguqula imizwa yami.Uma bekuthiwa benisazi isimo sami beningaqonda kungani .Abantu bangitshela ukuthi ngidinga ‘ukuzixolela mina’ kodwa ngivese ngihleke uma besho lokho.Ngingubani ukuzithethelela mina ? Futhi kukuphi lakhona ibhayibheli lingitshela ukwenza into enjalo ? Sengicwaninge izibhalo kaningi ,akukho engikutholayo okusho njalo.