Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
600 – 620

Ukuhlakulela ubundawonye bomndeni

Uthi bewazi nje ukuthi izingane zithola injabulo enkulu ngisho ezintweni ezincane, nanjengokuba zijabulela nezinkulu futhi? Ngakho uma ukuqondile ukuhlakulela ubundawonye nezingane zakho, izinto ezifana nokudla isidlo sasekuseni nindawonye, imidlalo ukuziculela amaculo asamdlalwana nisemotweni noma nizihlalele, lokho kusengaphenduka kube yinto izingane zakho ezingasoze zayikhohlwa ekukhuleni kwazo.
21 Feb 2021 5PM 5 min

Ngakube ngicwile ezinkambeni?

Kugcine sekukholakala ukuthi ukuze ube ngumcwili ophuzweni umelwe ukushona ngamadevu ophuzweni usuku nosuku. Kodwa lokho akusilo iqiniso neze. Kahle hle kuyenzeka ube ngocwile ezinkambani ngisho kwawena ungaziboni.
18 Feb 2021 5PM 4 min

Ingcindezi nokuzibulala: Izimpawu nezexwayisayo

Uma kukhona omaziyo oseduze nawe onengcindezi, nakanjani umelwe ukulalela loluhlelo Ezomndeni lakhona namhlanje sizobe sixoxa ngamaphuzu ambeka engozini kunye nezimpawu ezexwayisayo ngengcindezi nokuzibulala.Ungabe usaya ndawo.
17 Feb 2021 5PM 5 min

Ingane enekhanda eliqinile iveza umoya wokukulumana

Ukuqondisa imigilingwanyana yengane esencane kuwumqansa ngempela,singasayiphathi eyengane ebukeka ingezwa mshini. Abazali abaningi babhekana nobunzima ngezingane zabo ezincane, ngesikhathi zisafunda ukuphila nabantu futhi zibuke impilo ngokwazo ekuphaphameni kwengqondo.Okusifikela emqondweni njengamanje yingane eqhubeka iluma abantu okusuke kuluphawu lokuzilawula.Akekho umzali othokozela ukubona ingane yakhe iluma enye ingane noma umuntu kungekho cala, kodwa lokhu…
16 Feb 2021 5PM 5 min

I-adoption nokwelapha i-Sensory Processing Disorder

Uma kungukuthi awukaze uzwe nge Sensory Processing Disorder ,kodwa umangele ngokuziphatha kwengane okungejwayelekile esesandleni sakho, ngakho lalelisisa. I-SPD ingachazwa ngokokuthi yisimo esiphathekayo sokungakwazi ukusebenzisa ukukhuluma okuze engqondweni ngokwemizwa, ukuze isebenze kahle kwimpilo yezinsuku zonke imvamisa lesisimo sidalwa wukwethuka okuhlasimulisayo eyabhekana nakho ingane isencane.
15 Feb 2021 5PM 6 min

Ukugconana emndenini

Ngakube umndeni wakho ngomunye wemindeni ekhonze ukuncokola kuqhume uhleko? Ngakube uzithola wenza ihlaya ngamanye amalungu omndeni ze wonke umuntu ahleke? Ukugcona abanye kungenza umndeni unamathelane. Nokho, uma kwenziwe ngendlela engalungile, ukugconana kungaholela odweshwini olukhulu emndenini.
14 Feb 2021 5PM 4 min

Ukusondela kolahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala

Ukuzibulala kwentsha kuphezulu njengokuba izithola ithe shi kwi-negative thinking futhi izithole kujikelezo lwengcindezo nemizwa yokungabi nathemba.Ohlelweni Ezomndeni namhlanje siza nokuthi ungasondela kanjani kumhlobo onosizi olahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala.
11 Feb 2021 5PM 5 min

Abazali abankamunkamu nomakoti nondodana

Ukugcina ubudlelwano nezingane zakho esezikhulile, kunye neziganene nabo kuhlale kungelula. Namuhla ohlelweni Ezomndeni sizokhuluma ngabazali osekunoqhekeko kundodana nomalokazana wabo futhi abangazi ukuthi lolufa bazolulungisa kanjani.
10 Feb 2021 5PM 4 min

Izingane nobungani obuphilile

Uma ungumzali kuba nzima ukuba yisibukeli ngesikhathi ingane yakho ihlulwa ukukhetha kahle abangane.Impilo yokuphilisana nabantu enganeni yakho isemqoka ngoba umuntu ubunjwa wuhlobo lwabantu abamzungezile.
9 Feb 2021 5PM 4 min

-DELETED- Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki-II

Phambilini ohlelweni Ezomndeni sasiphendula ukububula komlaleli wethu owayefuna usizo owayezizwa njengesehluleki nawaselahlekelwe yithemba empilweni yakhe. Ukukhala okunjalo kuyithinta ngokujulile inhliziyo yethu futhi siye sifune ukungenelela sisize ngokushesha. Namhlanje sizoletha izibiba ezinamava okwelapha lesisisimo.
8 Feb 2021 5PM 5 min

Abazali bavimba ubudlelwano bogogo nezinganeni zabo

Uqhelelano emndenini ngeshwa lwenzeka zikhathi zonke, kwesinye isikhathi ngisho kungekho nento ephathekayo edala ukwehlukana. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizokhuluma ngokuthi ungawubuyisela kanjani umndeni osuhlukene.
8 Feb 2021 5PM 5 min

Ukuhlolela inzalo ngesikhathi somethembiso

Inhliziyo yomuntu iceba indlela, kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.[Izaga 16 :9], Lesisaga asilona iqiniso na? Sisengaba nemicabango ukuthi sithanda ukuba impilo yethu ihambe kanjani,kodwa iNkosi yiyo ezoqondisa icebo lempilo yethu .Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizobuka ukuthi lokhu kunganomthelela kanjani kwabahlela ukushada
7 Feb 2021 5PM 5 min

Ingane enezinkinga ezingokuziphatha e-pre-school

Okunye ukubhekana nokuziphatha kwengane yakho ekhaya, kwehluke kakhulu-ke uma sekunguthisha wase pre-school esekuthinta ekhalaza ngokuziphatha kwayo. Asinamandla ezimweni zesikole, nokho uhlobo lobuzali esibenza ekhaya nalo lungaba yimbangela yendlela yokuziphatha kwengane esikoleni nakwezinye izingxenye.
4 Feb 2021 5PM 4 min

Osangena ebudaleni uzizwa engenathemba ngomshado

Ngakube ugcina unomuzwa wokuthi umshado yinto eseyadlulelwa yisikhathi, ngenxa yokuthi imishado eminingi iphetha ngezahlukaniso? Izinkomba zikhomba ukuthi ezweni lakithi kulabo asebesebudaleni bokushada, bangu 33% kuphela abashadile ,okuyisibalo esiphansi kakhulu emhlabeni wonke.
3 Feb 2021 5PM 5 min

Ukholo ukungabaza kuqhathaniswa nokungakholwa

Ukuphi umehluko phakathi ‘kongakholwa ‘ kunye nomuntu onombuzo othembekile ngoNkulunkulu ? Ngiyakholelwa eBhayibhelini ,futhi ngiye ngitshele nabahlobo nomndeni ukuthi uNkulunkulu uyazenza izimangaliso ngisho ukuvusa abafileyo .Nokho,uma sezishuba izinto ,ngikuthola kunzima ukuthemba iNkosi.nakuba ngibatshela abanye ukuthi bangethembela emseni waKhe ,nokho ngibhekana novalo nokwesaba uma kufika izimo ezingihaqayo ezinzima.Ngakube lokho kuchaza ukuthi…
1 Feb 2021 5PM 6 min

Umshado nesenzo socansi emshadweni njengophawu lwakwamoya

Umshado nenkonzo ngakube yimifanekiso efanele ukuchaza ngobudlelwano bethu noNKULUNKULU ? Ngesikhathi ngifunda umbhalo obungomshado wobuKhrestu ngizithela enkulumweni ehlasimulayo .Umbhali uqale ngokuqhathanisa ubudlellwano boluntu nobeNKOSI kubantu .Bese aqhubeke athi kumele ‘sishade noNkulunkulu’ ,bese aze aphakamise ukuthi kulobubunye ,UKhrestu utshala ‘izimbewu zokomoya’ kithi ukuze ‘sizale okusha empilweni entsha’. Ngikuthole lokhu kuwulimi lwezocansi…
31 Jan 2021 5PM 5 min

Indodakazi ayimhloniphi umkhwenyana wayo

Uma ungumama wendodakazi esishadile, nebala uyazi ukuthi izinga liyashintsha kakhulu. Lengane yakho esikhulile isiphumile esandleni sakho, kodwa manje isinomndeni wayo ozimele.
28 Jan 2021 5PM 4 min
600 – 620