Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
580 – 600

Owesifazane wayengenziwa kanjani ngomfanekiso kaNkulunkulu oziveza engowesilisa

Kuningi ukuqophisana ngobulili nokulingana kulezinsuku, okubiza ukuba AmaKhrestu amelwe ukubambelela ezinkolelweni zawo zebhayibheli ukuze amelane nokujivazwa ngokwe-media nabalwela inkululeko ewuvuma zonke.Kodwa ibhayibheli likhuluma ngowesifazane akhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, lokho okungaletha ukudideka okuningi ngoba uNkulunkulu ubizwa ngoBaba, okusihlawumbisela ukuthi uyiNdoda. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizoletha amasu aphusile ngalesihloko esiyindidabuchopho, hlala nathi .
21 Mar 2021 3PM 5 min

Ungavikela kanjani ukunga-spoil ingane yakho

Kubazali ukuba bavimbe uku-spoiler izingane zabo, kudinga ukuqaphela ekufundiseni izinto ezisemqoka nokuthi bangabanakekela kanjani abanye abantu. Iningi intsha ekhula yazi ukuthi yilungelo layo yonke into nokuba nokulunga okungenayo impilo.Okuba lula ukuzama ukudlulisa I blame komunye ,kodwa uma sethembekile, kungumsebenzi womzali, ukufaka izinkambiso eziyohamba nengane kuze kube sebudaleni. Sizoletha amava okuthi…
18 Mar 2021 3PM 5 min

Ukwenza izikhathi zokudla zomndeni ezithokozelekayo

Izikhathi zokudla niwumndeni zinomaka ohlala isikhathi eside olusizo. Uma imindeni ingase iqonde ukumisa ezinye izinto bese izipha isikhathi sokudla ndawonye, izixoxela lokho kuyohamba ibanga elide ukudala ukunamathelana nokuzizwa usekhaya. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizoxoxa ngokuthi ungaqiniseka kanjani ukuthi izikhathi zezidlo ekhaya ziba ngezokudla komphefumulo,hlala nathi.
17 Mar 2021 3PM 4 min

Ukukhulisa ukuzethemba ezinganeni

Njengabazali sifuna ukwenza izingane zizizwe ndlelazonke.Uma sakha ukuzibuka okuhle ezinganeni zethu, nebala sobe sifinyelele emgomweni wethu, ngoba okunye kuyozilandelela. Sizokhuluma ngokuthi ungakwenza kanjani lokho, khona la ohlelweni Ezomndeni.
16 Mar 2021 3PM 5 min

Ingane okubukeka ilala kweqe

Sewake wabhekana nempi yokuthi kumele uyivuse njalo ingane yakho uma iya esikoleni? Kwesinye isikhathi ngisho ivuka kuqala ingagcina imanqika ukuvuka ngokubanjwa ngokuthile.Izindaba ezinhle ngukuthi kawuwedwa. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizosiza umama ukubona ukulala kweqe kwengane yakhe, ngakube yingoba kuqhamuka kuyona kumbe kunento e-serious okumele ayithole.
15 Mar 2021 3PM 5 min

Ingane Esekuthomeni Enamahloni Nobunyube

Kunini lakhona kumele umzali akhathazeke ngamahloni nobunyube ekuziphatheni kwengane? Ohlelweni Ezomndeni sizodingida ngezimbangela ezisekujuleni ezingaba nobudlelwano ekwenzeni ingane ibe ngunkomo idla yodwana.
14 Mar 2021 3PM 5 min

Ozongena Ekubeni Ngubaba Ukhathazekile Ngezindleko Ne-responsibility

Ukungena ekubeni ngumzali ngokouqala kungakwenza ukhathazeke, ngisho nokwesaba imbala. Kodwa loluhambo oluhle lokuletha isizukulwane sakho akumele neze kukwenze ungalali yimicabango, uxukuza ingqondo ngokokuthi uzobhekana kanjani nalomsebenzi omusha.Sizokhuluma ngalokhu ngokuthe xaxa la ohlelweni Ezomndeni.
11 Mar 2021 2PM 5 min

Ukusungula Izindlela ezihlabela phambili zokuxhumana nezingane

Wonke umzali ufuna ingane yakhe ivule kahle izindlebe,ilalelisise okuthiwe mayikwenze kuze ube nokuxoxisana okuhle naye.Kodwa, emzini eminingi, kunabazali ababeleselayo nezingane ezingomazibana, okuhlale kuyinkwamangqubuzana usuku nosuku. Namuhla ohlelweni Ezomndeni sizokhuluma ngokuthe xaxa ngezindlela ezinqala zokuxhumana nenganei.
10 Mar 2021 2PM 4 min

Ubaba Ongaziphethe Kahle KuMalokazana Nakwabanye Besifazane

Amalungu emndeni yethu angaba nganzima ukuphila nawo kwesinye isikhathi.Kuloluhlelo Ezomndeni sizodingida ukuthi kwenziwa njani ngobabezala onokuziphatha okungekuhle kumalokazana wakwakhe.Nebala ungaphuthelwa yilenkulumo.
9 Mar 2021 2PM 5 min

Ubaba Owadivosa Ingane Ayimthandi Umamncane

Kunezinga elikhulu lemizwa yenhliziyo izingane ezingena kuyona uma abazali bedivosa, futhi zenza izinto ezehlukene ngenhloso yokubhekana nalomuzwa ongaphakathi wokulimala nokulahlekelwa. Uma sekufka omusha esikhaleni somzali wazo, lokho kungeza enye ingxenye osekumele manje ingane ibhekane nayo. Ohlelweni Ezomndeni sizosiza esimweni lakhona ubaba odivosile edinga ukubhekana nesimo sesanciza esisha nezinkinga zalomgudu azifake…
8 Mar 2021 2PM 5 min

Izimo Zengcindezi Yokukhathazeka

Uke uzithole ukhathazekile ngempilo? Ngakube unokwesaba ukuthi kuzokwenzakani kwikusasa,kumbe uke uzithole ungakwazi ukulawula umqondo wakho ongenakuzola?Uma okunye kwalokhu esengikuchazile uzithola ukokunye kwakho,nebala umelwe ukulalela loluhlelo Ezomndeni namhlanje lakhona sikhuluma ngogingqigongqo wemizwa yokukhathazeka nokuthi ingelapheka kanjani. Ungabe usanyakaza.
7 Mar 2021 2PM 6 min

Izeluleko Kuma-Teenager Noku Nokuxoxa Online

Uma kungukuthi ingane yakho ihlale ikuma-online chat rooms namanye ama-social media sites, ngakho hlala nathi uzwe kabanzi la ohlelweni Ezomndeni.Sizokhuluma ngokuthi ingakanani inkululeko efanelekile, nokuthi kunini lakhona kumelwe kube nokuxwaya ukuze ingane yakho ivikeleke ebungozini engabhekana nabo.
4 Mar 2021 2PM 5 min

Umphumela Namacahaphazelo Esahlukaniso Ezinganeni

Kuhlale njalo kunokukhathazeka ngamachaphazelo esahlukaniso ezinganeni,kodwa abantu abaningi abazi lamanembe ahamba afike ekujuleni kangakanani empilweni yengane, kuze kube sebudaleni.Sizokhuluma kabanzi ngalokhu la ohlelweni Ezomndeni.
3 Mar 2021 2PM 6 min

Ukumisa Utakalani Ekushayeni

Ngakube ubhekene nokuklwebhana kwezingane ekhaya? Ngakube kunengane ehlale njalo iqhoqhobele ezinye ngamandla? Lesisimo akusikho ukuthi asejwayelekile kodwa sihlale singengesilula ukusilawula.Ohlelweni Ezomndeni sizokhuluma ngokuziphatha okungamukelekile kotakalani.
2 Mar 2021 2PM 5 min

Amakhosikazi Aholayo Enkonzweni Yekamero

Kumnyeni nonkosikazi: ikamero lisengaba yindawo yokudonsana. Kubukeka kunamasiko asenyonyobe angena ekucabangeni kwethu, kumbe asenqubuzane nenqubo yeBhayibheli ngokufanele mayelana ekugcineni inkonzo yekamero. Sizosiza unkosikazi namhlanje ohlelweni Ezomndeni ukuthi unenkululeko ephelele ukuba ngoqala inkonzo yekamero kumnyeni wakhe.
1 Mar 2021 2PM 6 min

Ukuhlolela Inzalo Ngesikhathi Somethembiso

Inhliziyo yomuntu iceba indlela, kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.[Izaga 16:9] Lesisaga asilona iqiniso na? Sisengaba nemicabango ukuthi sithanda ukuba impilo yethu ihambe kanjani,kodwa iNkosi yiyo ezoqondisa icebo lempilo yethu .
28 Feb 2021 2PM 5 min

Obaba nomthelela abanawo kumadodakazi abo

Obaba badlala indima edingekile enqala emndenini.Banomthelela omkhulu ezinganeni zabo ,okugcina kuba ngumthelela esizweni sonkana. Njenge-ministry siya ngokuya sikhathazeka ngokushoda kobaba emndenini,nokuthi ukungabikho kobaba kuba nomthelela onjani esizweni sonkana.Sizokhuluma ngeqhaza elimqoka elidlalwa ngubaba kundodakazi wakhe.
25 Feb 2021 2PM 5 min

UMKhrestu onongabazane olujulile ngensindiso Kwakhe

Elinye lamaqhinga aqavile esitha ukwehlisa isithunzi iZwi likaNkulunkulu bese sidlale incithakalo emqondweni wethu, silethe ungabazane nokwesaba ndlelazonke esingakuletha ngazo. NjengaMaKhrestu sidinga ukulazi leliqhinga qede simelane nalo siqinile.
24 Feb 2021 2PM 5 min

Ukuthola ungoti wezemishado okhaliphe kakhulu

Uma kungukuthi ushadile, nebala usecebeni likaNkulunkulu alihlela emaphakadeni, ngisho kungathiwa kuba nezikhathi ezinzima kangakanani umshado wakho ,ukufanele ukufuzula kwakho ngamandla akho onke! Namhlanje ohlelweni Ezomndeni, sizoletha umhlandlela wokuthola ungoti wezemishado, uma kuya ngoba umshado wakho usumathubeni okuklayeka phakathi.
23 Feb 2021 2PM 5 min

Ukusiza umngani ososizini lokulila

Kungabanzima kakhulu ukwazi ukuthi kuzomele ume kanjani esikhaleni sokusiza umngani wakho osekulileni kokushonelwa ngothandiweyo wakhe. Imvamisa asazi sibhekane kanjani nabantu abalilayo kumbe abesebuhlungwini obukhulu bemizwa yenhliziyo,okugcina sesiba namahloni sihlehle kulomsebenzi. Uma ufuna ukuba yilolohlobo lomuntu oluletha uhlobo olufanele lokuzwelana nomuntu ,nokunikeza umngani ithuba lokukhala, ngakho lalelisisa kahle ngoba la ohlelweni…
22 Feb 2021 2PM 5 min
580 – 600