
Ingane enekhanda eliqinile iveza umoya wokukulumana
Loading player...
Ukuqondisa imigilingwanyana yengane esencane kuwumqansa ngempela,singasayiphathi eyengane ebukeka ingezwa mshini. Abazali abaningi babhekana nobunzima ngezingane zabo ezincane, ngesikhathi zisafunda ukuphila nabantu futhi zibuke impilo ngokwazo ekuphaphameni kwengqondo.Okusifikela emqondweni njengamanje yingane eqhubeka iluma abantu okusuke kuluphawu lokuzilawula.Akekho umzali othokozela ukubona ingane yakhe iluma enye ingane noma umuntu kungekho cala, kodwa lokhu kuyakhula uma lenkambiso kungabhekwana nayo ngokushesha.