Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
400 – 420

Isehlukaniso nofa lwaso ezinganeni

Isehlukaniso wuhambo olungelula neze ukuluhamba,ikakhulukazi uma kubandakanyeka nezingane, ungalindela isikhisi esidephile impela.Izingane zithenteka kabi ngokuhlukanisa kwabazali bazo, uMama noBaba kumele bazi bazobhekana kanjani ngokwesaba nokudideka kwezingane zabo.
29 Nov 2021 5PM 6 min

Ukwehlisa amava engcindezi emndenini wakho

Ingcindezi iyinkinga yezempilo ethinta umphefumulo kumuntu ngokwamazinga ehlukene, kodwa iphinde ithinte amalunga omndeni ngokwezinga eliphathekayo. Sizothatha ithuba sibuke izindlela ongehlisa ngazo ingcindezi kabathandiweyo bakho.
28 Nov 2021 5PM 4 min

Obaba bafundisa kanjani amadodakazi abo isizotha

Kuningi okungashiwo ngeqhaza elikhulu ubaba angalidlala empilweni yendodakazi yakhe, ikakhulukazi ekuzethembeni kwayo. Ubaba ubumba intombazana ngendlela ezibuka ngayo emphakathini, ngokunjalo unomthelela omkhulu ukuthi izethembe.
25 Nov 2021 5PM 4 min

Ukusiza oyisisulu sobhongoza kwezokuxhumana

Siyavama ukubuzwa ngabazali, ukuthi babhekane kanjani nengane esibe yisisulu sobhongoza nobhongoza kwezokuxhumana. Ziningi izeluleko zemibhalo esinazo kulabobazali ezibanika inkombandlela kwi-website yethu ethi: www.safamily.co.za. Kodwa namhlanje sifuna ukukhuluma nabo qobo abasha ababhongozwa wobhongoza kwezokuxhumana. Sizwa kaningi ngabasha abexakekile ukuphila impilo ejwayelekile neqhubekayo, ngenxa yokwesatshiswa obhongoza basesikoleni kumbe labo abaxhumene nabo kuma…
24 Nov 2021 5PM 5 min

Ingane yesaba uSathane

Izingane zifunda ngoSathane ebhayibhelini bese zizwe nangezindaba ezifundiswa kuSontoskole, bese kokunye zibe netwetwe qobo ngalesisitha esingabonakali. Abazali bengenza okuningi ukwehlisa lokho kwesaba ngokuthi basho uthini uNkulunkulu ebhayibhelini.
23 Nov 2021 5PM 5 min

Ukuhuheka kumngani wowakwakho

Njengoluntu sibuthaka,futhi inhliziyo nezingqondo zethu zingasiduza kalula uma singaqapheli ukuba zihlale zibekwe eNkosini .NjengaMakhrestu sitakulwe ebugqilini besono sabuyisana noNkulunkulu ,kodwa lokho akuchazi ukuthi imicabango yesono ayithi shwi emiqondweni yethu. Kusibiza ukuba sense izinqumo ezinqala usuku nosuku sithabathe iziphambano zethu simlandele uJesu. Emshadweni simelwe ukuqapha izinhliziyo zethu kwizintshisekelo zesono ezingamelana nobudlelwano…
21 Nov 2021 5PM 5 min

Ukubuka ngokwebhayibheli-Ubumqoka benkonzo yekamero emshadweni

Umbuzo ovelele kwabasemshadweni, imvamisa abesifazane, okunokwenzeka basuke bethwele kanzimanyana emshadweni yabo ,ngothi: ‘Kungani inkozo yasekamerweni isemqoka?’ Lapho kuvamisa khona ugqozi lwenkonzo, kumbe umehluko omkhulu kufuqufuqu kwabaganene, lokho kusuke sekuyinkomba yokushaya amanzi kulobudlelwano, futhi abashadile abazithola bekulolutaku kungakuhle bafune usizo, phambi kokuba babishe.
17 Nov 2021 7AM 5 min

Ukupotshozela amalunga omndeni ngokudideka emshadweni wakho

EMshadweni yonke kuye kube nongqubuzano nokudideka phakathi kukababa nomama, futhi kwesinye isikhathi umbono ovela eceleni kungayiwo owudingayo ukubuyela endleleni. Nokho kumele umuntu aqaphele ukuthi izeluleko ziqhamuka kuphi, ngoba ngisho amalunga omndeni asengaba yisithiyo uma efakwe ngenhloko nesiphanga.
15 Nov 2021 5PM 5 min

Ukulumbanisa Ukuhlupheka KoMkrestu nevesi Konke kusebenzelana kube ngokuhle

Ngezikhathi lakhona impilo ikujikela, futhi ubhekene nokuhlupheka nokunsonsotha kwenhliziyo, kunzima ukuzwa lamagama: ‘UNkulunkulu usebenza konke kube ngokuhle’ ,ngoba izinto zingebukeke zizinhle kuwe .Ukubhekana nezivivinyo nokuhlushwa akulula neze ,nokho khona lapho ibhayibheli lisitshela ukuthi sizobhekana nobunzima empilweni.Sizobuka eduze okushiwo yibhayibheli ngokuhlupheka koMkhrestu.
14 Nov 2021 5PM 5 min

Ingane esaba izinambuzane nokusamabhungane

Umphefumulo womuntu yiwo oyingqondo yomuntu osisiza ukuntweza empilweni .Umqondo womuntu unamandla ngendlela yokuthi angakwazi ngisho ukuzitshela ngezinto ezingekho aze azikholwe. Sesikushilo lokho ,uma ingane ibhekana nento esabisayo ,emehlweni ayo, ingavumela umqondo wayo onamandla ukwakha zonke izithombe lezi nokwesaba,ngenxa futhi yokuthi basebancane kabayikubona ukuthi into leyo isengqondweni yabo nje. Ukuba ngumzali…
11 Nov 2021 5PM 4 min

Ubungani bobulili obuhlukene emshadweni

Sewake waba nezinsolo ngobungani uwakwakho anabo ngomunye wobulili? lokhu akuvamisile, nokho ukuze umshado uhlale uphilile futhi uvikelekile, ama-couple adinga ukuqonda ubumqoka bemingcele emshadweni ,bese wonke umuntu ngamunye azizwe ephephile ngokungenakwesaba ubungani bowakwakhe.
10 Nov 2021 5PM 4 min

Ingane esencane eseyadlula ngokweba

Umfana wethu oneminyaka emine singammisa kanjani ukweba? Kubukeka yonke indawo esiya kuyo, isenkonzweni, esitolo, elibrary ,nasemakhaya abangani – uphuma esephethe into okungesiyo eyakhe .Nginomuzwa othi uphethwe ukunganaki, kokuvese afake utho ephaketheni bese eyakhohlwa. Mina nomkhwenyana wami sesikhulume naye kaningana ukuthi kungani kukubi lokhu kuziphatha. Simtshelile ukuthi lithini ibhayibheli ngokweba. Sesike…
9 Nov 2021 5PM 4 min

Ukutewuzela ezinganeni

Ninawo amasu ukusiza ongena ebubhungwini ukuba angabi yisitetelegu ? Uyazifela ukushobozela kwasani futhi uphatheka kabi uma simenqabela akaphumuze oncamngce.Uba nengcindezi emva kwezinsuku uma edle ukudla okumfanele ngokwezempilo. Singasibuyisa kanjani isimo la kuye
8 Nov 2021 5PM 4 min

Wenza isikhathi nabangani bakhe ubaba nomama wenza esabakhe

Nicabanga kuwumqondo omuhle kobaba nomama ukuba nezinto abavama ukuzenza nabangani babo bobulili bunye ngaphandle komunye? Umkhwenyana wami uzizwela isidingo esinqala ukuba ndawonye njalo ngenyanga ,kodwa mina ngixolela ukusebenzisa isikhathi sami esiningi naye .Nami ngiyazikhipha izikhashanyana nabangani bami besibhuda ,kimi ngiye ngibone kwenele .Kuthini ukucabanga kwenu
7 Nov 2021 5PM 5 min

Umkhwenyana ukhathazekile ngengcindezi ngesikhathi u-makoti ezithwele

Kukhona engingakwenza ukusiza unkosikazi wami ozithwele ekubhekaneni nomoya oguquguqukayo kuye? Usengasekugcineni kwezinyanga zakhe, kodwa usebukeka enengcindezi. Osekuba yisiphazamiso ebudlelwaneni bethu. Kukaningi ngizwa ngengcindezi eba kumama emva nje kokuteta, manje ngakube kujwayelekile yini ukuba umama avese acindezeleke engakateti?
4 Nov 2021 6PM 4 min

Ingane esikhulile yenze izinqumo ezingezinhle

Yikuphi esingakwenza ukukhuthaza undodana wethu omdala ukuba akhule manje? Wenze izinqumo ezibi ngokwempilo, umsebenzi, indawo yokuphila, nangabangani. Emva kokumkhulisa ngobuKHRESTU siphoxekile kakhulu. Khona manjalo asikwazi ukuzixolela ngomuzwa wecala wokuthi sehluleka kuphi. Kukhona esingakwenza ukubuyela emumva, ngaphandle kokugxoba imingcele efanele?
3 Nov 2021 6PM 5 min

Ukukhuthaza Ingxoxo Niwumndeni

Kusemqoka kanganani ukuhlale kuhlale umndeni ube nethuba lokuxoxa? Emshadweni wethu ukuxoxa sekube yingwadla eside isikhathi, kodwa mumva nje sengiqaphele ukuthi lenkinga isithungele nasezinganeni: kubukeka akasekho layikhaya onesikhathi sokuxoxa nomunye. Angazi lokhu kwenzeke kanjani, futhi ngiyamangala ngokukushoyo ngempilo yomndeni kwezobudlelwane. Kodwa ngingenze njani ukucima lomhlolo?
2 Nov 2021 6PM 4 min
400 – 420