Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
420 – 440

Odivose enengane, ufuna ukubuyisa umshado

Ngingaqhubeka nomcabango wokubuyela emshadweni wami ngenxa yengane? Sobabili singaMakhrestu, ngeshwa sigcine nje sesihlukanisa. Emasontweni ambalwa edlule ngizizwa nginomzwangedwa ngalokhukwehlukwana esimweni senganyana yethu. Nicabanga ngenze kuphi ?
2 Nov 2021 7AM 5 min

Inkambiso Yokusebenzisa i-Cell phone ezinganeni

‘izingane zingavunyelwa ukuba nama smart phone nokunye okuwubuchofo? Omdala useyashayela, ngakho besemgwaqeni. Uwakwami yena ucabanga bayawadinga amaphone ukuze bakwazi ukuxhumana nathi. Nikubona kuwumqondo omuhle lokho?’
1 Nov 2021 7AM 4 min

Osekuse emehlweni kuye ngophuzo ufuna ubudlelwane bubuye nabantabakhe

Umndeni osuhlupheke wukuqhotshozelwa yimithelela yokucwila kwelunga ezinkambeni, izidakamizwa, ucansi noma yiluphi olunye uhlobo olunethonya lokungashiyeki, imvamisa ugcina ukuthwala kanzima kwikusasa lawo uma kungesikho kwempiloyonke. SingaMaKhrestu ,siyakholwa ukuthi uNkulunkulu angakwelapha bonke ubuthakathaka bethu nobudlelwane obuphukile,ngokuba ungumbuyiseli wemiphefumulo yethu [Ihubo 23].
28 Oct 2021 6PM 5 min

Izinkinga zobudlelwano ekubeni ngumzali wengane ezalwa nguwakwakho

Imindeni exubile, iyimndeni esiminingi kulezinsuku. ukuhlangana kwemindeni emibili izoba mndenimunye, ngokwemvelo inezinselelo ezingadinga ukunqotshwa. Kungancika emlandwini wobudlelwane, isibalo somndeni ozongena, neminyaka, nezinga lezingane, ezibandakanyekayo, lomndeni oxubile ungaba ngongathatha izindlela ezehlukene. Kuloluhlelo Ezomndeni namhlanje, sizobuka isimo lakhona indodakazi noyise ongayizali [stepfather] benenkinga ngoxhumano lwabo.
27 Oct 2021 6PM 5 min

Umzali owahlukanisa unovalo ngengane yakhe esikhulile engawuzwa kahle umshado

Umshado uyisakhiwo esingcwele esadalwa nguNkulunkulu, futhi kunokuningi okuwusizo nokuhle empilweni ekuzinikeleni emshadweni. Ngeshwa ngokunyuka kwezahlukaniso kuleminyaka ,umshado usumanembenembe kwabaningi. Kuyavama ukuba ingane evela kubazali abahlukanisa, ukuba ingabi nkamunkumu ngomshado.
26 Oct 2021 6PM 5 min

Umfana ozothile nozwelayo

Kukhona yini okungamele kukukhathaze uma umfana ekhombisa ukuthanda ezobuciko kunezemidlalo, kumbe izinto ezimenza azizolele kunalezo ezimenza abe semdlandleni? Ukujwayeleka kwezimo zempilo kwenze ukuba sigcina sesibuka ngeso okungesilo kwelesakheko sengane. Sizosibhunga namuhla lesihloko ngokwezwi.
25 Oct 2021 6PM 5 min

Ukuthola intando kaNkulunkulu

Kuyenzeka sizibuze ukuthi yikuphi uNkulunkulu afuna ukukwenza ngempilo yethu. Siyazi ufuna simphilele ,kodwa mase kuziwa kwimininingwane kwenza kube nzima nokuthatha igxathi elicacile.Namuhla ohlelweni Ezomndeni sizobuka kabanzi lesihloko, hlala ungasuki.
24 Oct 2021 6PM 5 min

Umkhwenyana ojeqeza abanye besifazane

Uma unkosikazi enomuzwa wokuthi amehlo omkhwenyana wakhe ade ethi qala uma kuke kwathi shwi owesifazane othandekayo emehlweni akhe, enze njani lonkosikazi? Azithulele futhi athandaze, kungaphindi, kumbe alubeke loludaba kuye phambi kokuba ludlange? Sithanda ukuvuna lowomqondo wesibili bese siletha imininingwane ethe xaxa, khona la ohlelweni Ezomndeni.
21 Oct 2021 6PM 5 min

Ukubuka ukukipita nezimo zakho nomshado

Sekuvamile ukuba abantu bahlale ndawonye phambi komshado ,hle hle izinkomba ezweni lakithi zikhomba bebancane abakhetha ukushada.Iso lokubuka umshado selingxenye ,yiziphi izinkuthazo zomshado nokuzuzwa kuwo ,nokuthi kungani ababili kumele bawulangazelele? Sizokhuluma kabanzi ngalokho la ohlelweni Ezomndeni .
20 Oct 2021 6PM 5 min

Unkosikazi wami uyahlukumezana ngokwenyama

Sivamise ukuzithola sikhuluma ngokuhlukunyuzwa la khona umama usuke eyisisulu, kodwa namuhla ohlelweni Ezomndeni sizonceda ubaba obhekene nokuhlukunyezwa ngokomzimba ngunkosikazi wakhe, bese siletha izinyathelo ezisithinta sonke kungakhathalekile ukuthi uhloboni luni lohlukumezo nokuthi ngubani umenzi walo.
19 Oct 2021 6PM 5 min

Ukuhushula nezempilo zikaMama

Izibalo zokuhushula izisu okwenzeka ezweni lakithi zisezingeni eliphezulu elethusayo futhi kwazona ezibhaliwe azibandakanyi lezo zokuhushula okungagunyaziwe nguhulumeni okwenzeka emahhontshi.Kumbalwa kakhulu lakhona okusuke kuwuhlobo lokuba umama akhethe phakathi kwezempilo zakhe nempilo yomntwana. Zizwele khona la.
18 Oct 2021 6PM 5 min

Uku ‘adopter’ ingane ehlukumezekile

Uku–adopter yinto enhle kakhulu eseduze nenhliziyo kaNkulunkulu. Wonke umzalwane wafakwa emndenini wakhe, njengokusho kwezwi kwabaseRoma 8,ukuthi si-adopthiwe saba ngamadodana namadodakazi. Uma umndeni ucabanga uku-adopter, kuningi okufikayo, amalungiselelo nokuhlela okuningi okudinga ukwenziwa kuqala. Kwenziwa njani uma kuwukuthi umntwana ozofakwa emndenini useke wabhekana nokuhlukumezeka phambilini? Lezozingane zidinga ngempela ikhaya elifudumele nelinothando. Zizwele…
17 Oct 2021 6PM 5 min

Umkhwenyana akafuni ukuyosebenza

Impilo yekhaya ingamuncu uma uwakwakho engafune kubamba liqhaza ngokwezimali kumbe nangokunye nje. Umuntu wenzenjani ke ezimweni ezinjalo?
13 Oct 2021 6PM 5 min

Ukubuka ezezimali kwabasanda kushada

Uma kuziwa kwezezimali, abashadile kumele babe mqondo munye ukuze bavimbe obekungalindelwa ngomunye kanjalo nokuphoxeka ebudlelwaneni babo. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizokhuluma ngeso lokubuka ezezimali kwabasanda kushada, nokho umgomo wona ungena kuyo yonke imishado.
12 Oct 2021 6PM 5 min

Ukholo nokuzibulala kwabasha nabasafika ebudaleni

Uma umuntu omusha enokholo oluqinile ,kwenza sikholwe ukuba abanakubalwa ekubhekaneni nezindaba zengcindezi nemicabango yokuzibulala. Nokho, lokho kungaba nombuzo phakathi ngoba phela uluntu luwile.
11 Oct 2021 6PM 6 min

Ukukhuthaza Ingxoxo niwumndeni

Ngakube sewuke waqaphela izinga lezingxoxo zomndeni elenzeka kwakho. Singakanani isikhathi umndeni wakho ositholayo ukuxoxa ubuso nobuso kulempilo ematasa?
10 Oct 2021 6PM 5 min

Unkosikazi unongakuqondi ngezocansi ngomkhwenyana wakhe

Kuhle sibalule ukuthi abashadile banomehluko ngokwezidingo zabo uma besenkonzweni yasekamerweni. Siye sizwe kumakhosikazi angenalo isasasa elisezingeni labakhwenyana babo, lokho okungadala ukukhungatheka emshadweni
7 Oct 2021 6PM 5 min

Ingane ephindaphinda amagama ahlabayo ashiwo nguwakwakho

Esimweni sesahlakaniso ,kuye kude kuba nogingqigoqo wochuku kulaba ababeshadene. Okungaba nemizwa eminingi emibi ngowakwakho futhi ngeshwa okungabandakanya izingane ,zingagcina ziphakathi nendawo ziyiyoyo,zihambise imiyalezo engasizi macala onke.
5 Oct 2021 6PM 4 min
420 – 440