Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
320 – 340

Abazali abankamunkamu nomakoti nondodana

Ukugcina ubudlelwano nezingane zakho esezikhulile, kunye neziganene nabo kuhlale kungelula. Namuhla ohlelweni Ezomndeni sizokhuluma ngabazali osekunoqhekeko kundodana nomalokazana wabo futhi abangazi ukuthi lolufa bazolulungisa kanjani.
23 Mar 2022 6PM 4 min

Abazali baphikisana ukuletha usizo enganeni esikhulile

Kuhlale kunzima kumama ukuvalelisa enganeni yakhe esikhulile uma seyinquma ukuzimela, qede ibhekane nempilo injalo. Kodwa uma lengane esikhulile yehluleka ukuzimela, omama basikwa yizinseko qede bafune ukuyitakula.
22 Mar 2022 6PM 4 min

Izingane nobungani obuphilile

Uma ungumzali kuba nzima ukuba yisibukeli ngesikhathi ingane yakho ihlulwa ukukhetha kahle abangane.Impilo yokuphilisana nabantu enganeni yakho isemqoka ngoba umuntu ubunjwa wuhlobo lwabantu abamzungezile.
21 Mar 2022 6PM 4 min

Ukuhlelela ukulala kosana kunye no-mbhede womndeni

Uthini umbono wenu wokuba izingane zilale nabazali bazo? Umngani wami ukholwa ngukuthi ‘umbhede womndeni’ ulusizo kulo lonke ilunga lomndeni.Uze ame ekutheni lenqubo ingavikela ukushona kwengane ngenxa yokucinana ancome nokunye okuhle kwezempilo.
17 Mar 2022 6PM 5 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki (Ingxenye yesibili kwezimbili)

Phambilini ohlelweni ezomndeni sasiphendula ukububula komlaleli wethu owayefuna usizo owayezizwa njengesehluleki nawaselahlekelwe yithemba empilweni yakhe. Ukukhala okunjalo kuyithinta ngokujulile inhliziyo yethu futhi siye sifune ukungenelela sisize ngokushesha.
16 Mar 2022 6PM 5 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki (Ingxenye yokuqala kwezimbili)

Sewake waba sesimweni la kusengathi impilo iyama futhi ithemba liyaphela?Leyomizwa akumele neze ithathwe kalula, kumele futhi ihlaziywe ngoseceleni ongakwazi ukuletha ukubona okwehlukile esimweni. Abantu abazizwa belahlekelwe yithemba, bayinhliziyo yethu la kwa Focus on the Family
15 Mar 2022 6PM 5 min

Ubaba okhathazeke ngentombazana engena ebutshtshini esikluluza abafana

Ngakube intombazane eneminyaka engu-12 isencane kakhulu ukuqala ukukhombisa umcabango ngomuntu wesilisa?Mina nomnyeni wami sinombono ohlukene ngaloludaba.Indodakazi yami ivamisa ukuthi uma inomngani wayo sibabhadame bencoma abafana abahle. Ngokwami lokhu ngikubuka kuyinto ejwayelekile ekungeneni ekuthombeni. Umkhwenyana wami yena ukholelwa ngukuthi isencane kabi ukuqala ibe naleyomcabango futhi uma ikhula izokhalakatheka kweqe.Ngiyamhlonipha kakhulu umkhwenyana…
14 Mar 2022 6PM 4 min

Ingane enezinkinga ezingokuziphatha e-pre-scool

Okunye ukubhekana nokuziphatha kwengane yakho ekhaya, kwehluke kakhulu-ke uma sekunguthisha wase pre-school esekuthinta ekhalaza ngokuziphatha kwayo. Asinamandla ezimweni zesikole, nokho uhlobo lobuzali esibenza ekhaya nalo lungaba yimbangela yendlela yokuziphatha kwengane esikoleni nakwezinye izingxenye.
13 Mar 2022 6PM 4 min

Osangena ebudaleni uzizwa engenathemba ngomshado

Ngakube ugcina unomuzwa wokuthi umshado yinto eseyadlulelwa yisikhathi, ngenxa yokuthi imishado eminingi iphetha ngezahlukaniso? Izinkomba zikhomba ukuthi ezweni lakithi kulabo asebesebudaleni bokushada, bangu 33% kuphela abashadile, okuyisibalo esiphansi kakhulu emhlabeni wonke.
9 Mar 2022 5PM 5 min

Ukulingwa umthandazo nokuqapha kwamoya

Uma ngithandaza uNkulunkulu ngeke yini angivikele ekulingweni? Nasi isizathu sokubuza kwami. Nakuba ngingazi ubungozi obungaseduze nomshado wami ngokwempilo yawo, nokho ngisenovalo, ukuthi ndlelana thizeni, ngisengashelelela ngiwele ekuphingeni. Ngisanda kuzwa indoda ivuma ukuthi iwele kulesilingo nanxa ibithembekile emshadweni wayo ,nakuba ibizame kaningi ithandazela ukungaweli esonweni socansi. Lokho kungesabisile.Kungani uNkulunkulu enqabe ukuphendula…
8 Mar 2022 5PM 4 min

Isithembu nokuthandwa ngabaningi - indlela yokubuka yezwi

Kungani ngingamukeleki ukuba nomndeni ozisekelo zayo yizwi uma kuwukuthi ngithandana nabaniningi besifazane ? Amadoda anqala ezwini –oAbraham Jakobe,Davide noSolomon –babenamakhosikazi amaningi .Ngokubuka iministry yenu egxilile ezwini ,angiboni lutho olwenza nimelane nezinto ezinjengesithembu nezingodosi .Ngizibona nginguMkhrestu othanda ukuba nezingodosi .Ngithanda abesifazane abathe xaxa ngesibalo impela ,akukho sizathu esingenza singakwazi ukwakha isisekelo…
6 Mar 2022 5PM 4 min

Ukholo ukungabaza kuqhathaniswa nokungakholwa

Ukuphi umehluko phakathi ‘kongakholwa ‘ kunye nomuntu onombuzo othembekile ngoNkulunkulu ? Ngiyakholelwa eBhayibhelini ,futhi ngiye ngitshele nabahlobo nomndeni ukuthi uNkulunkulu uyazenza izimangaliso ngisho ukuvusa abafileyo. Nokho,uma sezishuba izinto ,ngikuthola kunzima ukuthemba iNkosi.nakuba ngibatshela abanye ukuthi bangethembela emseni waKhe, nokho ngibhekana novalo nokwesaba uma kufika izimo ezingihaqayo ezinzima. Ngakube lokho kuchaza…
3 Mar 2022 5PM 6 min

Amantombazane nabasefazane ekugqokweni kwamabhulukwe

Ngokomlandu amasiko abe nomthelela omkhulu kwindlela yokuphila nokukhetha emndenini, nokho kunemehluko phakathi kwesiko neqiniso lebhayibheli. Uma simisa izinkolelo zethu ngezibhalo, kusemqoka ukubukisisa okwakuqondwe ngqo yilawo mavesi.
2 Mar 2022 5PM 4 min

Umshado nesenzo socansi emshadweni njengophawu lwakwamoya

Umshado nenkonzo ngakube yimifanekiso efanele ukuchaza ngobudlelwano bethu noNKULUNKULU ? Ngesikhathi ngifunda umbhalo obungomshado wobuKhrestu ngizithela enkulumweni ehlasimulayo .Umbhali uqale ngokuqhathanisa ubudlellwano boluntu nobeNKOSI kubantu .Bese aqhubeke athi kumele ‘sishade noNkulunkulu’ ,bese aze aphakamise ukuthi kulobubunye ,UKhrestu utshala ‘izimbewu zokomoya’ kithi ukuze ‘sizale okusha empilweni entsha’. Ngikuthole lokhu kuwulimi lwezocansi…
1 Mar 2022 5PM 5 min

Ukuqonda Ukuzisika Kwalaba Asebancane

Ukuzilimaza kwentsha kuyinkinga enkulu futhi kudinga ukubukwa serious kakhulu. Kungakhathalekile ukuthi uzisike kangakanani, kumele kube noxwayiso olunqala ngesizathu eziyimbangela.
27 Feb 2022 5PM 4 min

Intombazanyana Efuna Usizo Emva kokuhlukunyezwa Ngokocansi

Ngisanda nje kuba yisisulu sokudlwengulwa. Ngiludinga kakhulu usizo kodwa angazi ngizoluthola kuphi–yikuphi okumele ngikwenze? Angikaze ngixoxele abazali bami futhi akekho owaziyo. Nginamahloni ukuvuleka ngalokhu emndenini nakubangani, futhi ngesaba ukuthi sizobe ngesedlulele isimo uma ngiyobika emaphoyiseni.Khona manjalo, ngizizwa ngingcolile, nginecala, ngingelutho, ngixakekile ngesaba kakhulu kwakuba kukhona na umnyakazo engingawenza.
24 Feb 2022 5PM 5 min
320 – 340