Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
300 – 320

Ukubhekana NeNkonkoni Engumzalwane Emndenini

Sithini kundodana wethu osese –varsity othi ungungqili unguMKhrestu ? Ukholwa ngukuthi uNkulunkulu wamtshela ukuthi akukho phutha ngobunkonkoni nokuthi utoliko lwebhayibheli lunezincaphephe.Okwedlulele ,ngukuthi lomqondo usewucobelele nomfowabo [onengeke kabi ngaye],futhi lomqondo wakhe ufuna ukuqhubeka ukuwutshala nakwabanye abancane .Kwezinye izikhathi ngidinwa ngiqhume ngize ngimemeze okomuntu ehayiza.Kwezinye izikhathi ngivese ngihlale phansi qede zehle izinyembezi.Siyamthanda…
5 May 2022 4AM 5 min

Amakhosikazi Aholayo Enkonzweni Yekamero

Ngakube kunempilo yini ukuba omama bahole indlela ekwenzeni uthando emshadweni ?Mina nomnyeni wami siyaluthokozela kakhulu uthando lwethu nenkonzo nokho kunento eyodwa engihlale ngikhathazeke ngayo: Kunezikhathi lakhona ngilangazelela ukuzizwa ngisondele kowakwami,kodwa ngibe nongabazane ukuthi kuhle yini kimi ukuba ngiqale uhambo .Impela ngiye ngizitshele ukuthi okwendoda ukuqala uhambo.Kuthini ukucabanga kwenu?
4 May 2022 4AM 6 min

Abazali Bavimba Ubudlelwano Bagogo Nezinganeni zabo

Sifuna ukuba sebudlelwaneni obuhle nabazukulu bethu, kodwa kulesikhathi undodana nomakoti wakwami basidudulela eceleni, okucaca; abafuni sisondele kubona. Okugcina singenamaxhama okuxhumana nabazukulu. Ngisho nala khona bebavumela, siba sincane kakhulu isikhathi esiba naso nabazukulu. Yiyiphi indlela enhle ukubhekana nalesisimo?
3 May 2022 3AM 5 min

Ukuhlolela Inzalo Ngesikhathi Somethembiso

Ngakube kuhle yini ukucela intokazi engizoshada nayo ukuba ihlolelwe inzalo phambi kokuba sishade? Anguqondi umoya osukhona esikhathini sanamhlanje osuwumkhuba wokuthanda ukungabi nabantwana, hle hle mina kade ngaqala ukulangazelela ukuba nabantwana ngisho ngingakahleli umshado.
2 May 2022 3AM 5 min

Ukusiza umngani ososizini lokulila

Kungabanzima kakhulu ukwazi ukuthi kuzomele ume kanjani esikhaleni sokusiza umngani wakho osekulileni kokushonelwa ngothandiweyo wakhe. Imvamisa asazi sibhekane kanjani nabantu abalilayo kumbe abesebuhlungwini obukhulu bemizwa yenhliziyo,okugcina sesiba namahloni sihlehle kulomsebenzi. Uma ufuna ukuba yilolohlobo lomuntu oluletha uhlobo olufanele lokuzwelana nomuntu ,nokunikeza umngani ithuba lokukhala, ngakho lalelisisa kahle ngoba la ohlelweni…
15 Apr 2022 8AM 5 min

Ukusiza ingane ehlukunyuzwa ngokocansi

Ngingaluphatha kanjani udaba lokutholakala ukuthi elinye ilunga lozalo lomndeni womngani wami luphoqa ingane yakhe ukuyihlobonga ngocansi ? Angifuni ukungena ezindabeni zabanye abantu ,kodwa ngoba manje sengithole lolulwazi ngizizwa kumele kube nengikwenzayo.Kukhona enikuphakamisayo?
14 Apr 2022 4AM 5 min

Ukuhlakulela ubundawonye bomndeni

Uthi bewazi nje ukuthi izingane zithola injabulo enkulu ngisho ezintweni ezincane, nanjengokuba zijabulela nezinkulu futhi? Ngakho uma ukuqondile ukuhlakulela ubundawonye nezingane zakho, izinto ezifana nokudla isidlo sasekuseni nindawonye, imidlalo ukuziculela amaculo asamdlalwana nisemotweni noma nizihlalele, lokho kusengaphenduka kube yinto izingane zakho ezingasoze zayikhohlwa ekukhuleni kwazo.
13 Apr 2022 4AM 5 min

Ukubeka eqhulwini nokuhlela isidlo somndeni ekhaya elimatasa

Umndeni wethu ungadla kanjani ndawonye nanxa umatasa? Ngiyafuna ngempela ukufeza lempokophelo ,kodwa sibhekene nezingqinamba eziningi ,futhi ngiyesaba nokusaba.Ama-schedule ahlale egcwele ,sekuyinqubo yethu ekhaya neyami nayo iyanyinyitheka.Esikhathini engiphuma ngaso emsebenzini kusuke sekuyukuyojama kwi traffic ,ekhaya ngifike ngo 6:00 sekukusihlwa vese.Ngalesosikhathi ngiyazi ukuthi mangase ngimoshe isikhathi eside ngenza izidlo ezihlabahlosi ,ngingathi ngiqeda…
12 Apr 2022 4AM 4 min

Ngakube ngicwile ezinkambeni?

Kugcine sekukholakala ukuthi ukuze ube ngumcwili ophuzweni umelwe ukushona ngamadevu ophuzweni usuku nosuku. Kodwa lokho akusilo iqiniso neze. Kahle hle kuyenzeka ube ngocwile ezinkambani ngisho kwawena ungaziboni.
11 Apr 2022 4AM 5 min

Izisekelo zebhayibheli ngokunikelela abampofu

Lithini ibhayibheli ngenhlupheko nokunikelela abampofu? Ngifuna ukukuqonda ngobuNkulunkulu lokhu,kodwa nje eqinisweni kimi njengomzalwane osemusha eNkosini ngibe nokudideka ngeminye imibono ngeminikelo engizwe ngayo.Ngakuba nibuka lesisenzo njengesinye esimqoka empilweni yobuKhrestu?
7 Apr 2022 6PM 5 min

Ingcindezi nokuzibulala: Izimpawu nezexwayisayo

Uma kukhona omaziyo oseduze nawe onengcindezi, nakanjani umelwe ukulalela loluhlelo Ezomndeni lakhona namhlanje sizobe sixoxa ngamaphuzu ambeka engozini kunye nezimpawu ezexwayisayo ngengcindezi nokuzibulala.Ungabe usaya ndawo.
6 Apr 2022 6PM 5 min

Ingane esikhulile ithwele kanzima ngezothando oluseceleni lomzali nomlingani wakhe

Abazali bami basanda kuhlukanisa ngoba uMawami wayephinga .Kusuka lapho usehlala nalomlisa futhi bahlela ukushadana kungekudala .mina nomnyeni wami siphila eceleni,futhi sekwenze kwanzima ukubhekana nakho konke lokhu. UMawami ungidinelwe ukungemukeli leli soka lakhe ngezandla ezifudumele. Usabisa nokungasaphinda ahlanganyele nathi uma sinemcimbi yomndeni, kodwa eqinisweni ngempela ,angimfuni lomlisa wakhe. Ngicabanga nginobunzima ukusebenza…
5 Apr 2022 6PM 5 min

Indodakazi ayimhloniphi umkhwenyana wayo

Uma ungumama wendodakazi esishadile, nebala uyazi ukuthi izinga liyashintsha kakhulu. Lengane yakho esikhulile isiphumile esandleni sakho, kodwa manje isinomndeni wayo ozimele.
3 Apr 2022 6PM 4 min

I-adoption nokwelapha i-Sensory Processing Disorder

Luhloboluni lwemithi ekhona kumbe izelapho ezinganeni ezithwele kanzima nge Sensory Processing Disorder? Sinomfana oyi-foster kithi onesemumva lakhe labe linokuhlukunyezwa okukhulu. Emva kokuba sesihlale phansi nabezempilo sithole ukuthi izinkinga zakhe eziningi, zilele kwisemumva lakhe futhi zingalashwa ngokwemizwa yengqondo.
31 Mar 2022 6PM 6 min

Ukugconana emndenini

Ngakube umndeni wakho ngomunye wemindeni ekhonze ukuncokola kuqhume uhleko? Ngakube uzithola wenza ihlaya ngamanye amalungu omndeni ze wonke umuntu ahleke? Ukugcona abanye kungenza umndeni unamathelane. Nokho, uma kwenziwe ngendlela engalungile, ukugconana kungaholela odweshwini olukhulu emndenini.
29 Mar 2022 6PM 4 min

Ukusondela kolahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala

Ukuzibulala kwentsha kuphezulu njengokuba izithola ithe shi kwi-negative thinking futhi izithole kujikelezo lwengcindezo nemizwa yokungabi nathemba. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje siza nokuthi ungasondela kanjani kumhlobo onosizi olahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala.
27 Mar 2022 6PM 5 min

Ebuzalini i-quality time iqhathaniswa ne-quantity time

Kulezinsuku esiphila kuzo ekukhuleni kwe-technology, kanjalo nabazali besebenza amahora amade ukondla imindeni yabo, isikhathi nezingane sesiphazamisekile,ngeshwa ucwaningo lukhombisa umthelela ongemuhle, walempilo emndenini uwonkana. Abanye abazali bakholwa ngukuthi uma bengondla kahle imindeni yabo bayithengele izinto ezicelayo, benze okwanele ukuba ngabazali.
24 Mar 2022 6PM 4 min
300 – 320