
Ingane esikhulile ithwele kanzima ngezothando oluseceleni lomzali nomlingani wakhe
Loading player...
Abazali bami basanda kuhlukanisa ngoba uMawami wayephinga .Kusuka lapho usehlala nalomlisa futhi bahlela ukushadana kungekudala .mina nomnyeni wami siphila eceleni,futhi sekwenze kwanzima ukubhekana nakho konke lokhu. UMawami ungidinelwe ukungemukeli leli soka lakhe ngezandla ezifudumele. Usabisa nokungasaphinda ahlanganyele nathi uma sinemcimbi yomndeni, kodwa eqinisweni ngempela ,angimfuni lomlisa wakhe. Ngicabanga nginobunzima ukusebenza ukuthi ngizizwa kanjani phambi kokuba ingqondo yami icace ukuthi iziphathe kanjani.