Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
80 – 100

Ingane esencane eseyadlula ngokweba

Umfana wethu oneminyaka emine singammisa kanjani ukweba ? Kubukeka yonke indawo esiya kuyo ,isenkonzweni ,esitolo ,elibrary ,nasemakhaya abangani – uphuma esephethe into okungesiyo eyakhe .Nginomuzwa othi uphethwe ukunganaki ,kokuvese afake utho ephaketheni bese eyakhohlwa .Mina nomkhwenyana wami sesikhulume naye kaningana ukuthi kungani kukubi lokhu kuziphatha .Simtshelile ukuthi lithini ibhayibheli ngokweba…
9 Mar 2023 5PM 4 min

Ukutewuzela ezinganeni

Ninawo amasu ukusiza ongena ebubhungwini ukuba angabi yisitetelegu ? Uyazifela ukushobozela kwasani futhi uphatheka kabi uma simenqabela akaphumuze oncamngce.Uba nengcindezi emva kwezinsuku uma edle ukudla okumfanele ngokwezempilo .Singasibuyisa kanjani isimo la kuye
8 Mar 2023 5PM 4 min

Wenza isikhathi nabangani bakhe ubaba nomama wenza esabakhe

Nicabanga kuwumqondo omuhle kobaba nomama ukuba nezinto abavama ukuzenza nabangani babo bobulili bunye ngaphandle komunye? Umkhwenyana wami uzizwela isidingo esinqala ukuba ndawonye njalo ngenyanga ,kodwa mina ngixolela ukusebenzisa isikhathi sami esiningi naye .Nami ngiyazikhipha izikhashanyana nabangani bami besibhuda ,kimi ngiye ngibone kwenele .Kuthini ukucabanga kwenu.
7 Mar 2023 5PM 5 min

Umkhwenyana ukhathazekile ngengcindezi ngesikhathi u makoti ezithwele

Kukhona engingakwenza ukusiza unkosikazi wami ozithwele ekubhekaneni nomoya oguquguqukayo kuye? Usengasekugcineni kwezinyanga zakhe ,kodwa usebukeka enengcindezi .Osekuba yisiphazamiso ebudlelwaneni bethu .Kukaningi ngizwa ngengcindezi eba kumama emva nje kokuteta ,manje ngakube kujwayelekile yini ukuba umama avese acindezeleke engakateti.
6 Mar 2023 5PM 4 min

Ingane esikhulile yenze izinqumo ezingezinhle

Yikuphi esingakwenza ukukhuthaza undodana wethu omdala ukuba akhule manje? Wenze izinqumo ezibi ngokwempilo ,umsebenzi ,indawo yokuphila ,nangabangani .Emva kokumkhulisa ngobuKHRESTU siphoxekile kakhulu .Khona manjalo asikwazi ukuzixolela ngomuzwa wecala wokuthi sehluleka kuphi .Kukhona esingakwenza ukubuyela emumva ,ngaphandle kokugxoba imingcele efanele?
5 Mar 2023 5PM 5 min

Ukukhuthaza Ingxoxo Niwumndeni

Kusemqoka kanganani ukuhlale kuhlale umndeni ube nethuba lokuxoxa? Emshadweni wethu ukuxoxa sekube yingwadla eside isikhathi,kodwa mumva nje sengiqaphele ukuthi lenkinga isithungele nasezinganeni: kubukeka akasekho layikhaya onesikhathi sokuxoxa nomunye.Angazi lokhu kwenzeke kanjani ,futhi ngiyamangala ngokukushoyo ngempilo yomndeni kwezobudlelwane.Kodwa ngingenze njani ukucima lomhlolo?
2 Mar 2023 5PM 4 min

Odivose enengane ,ufuna ukubuyisa umshado

Ngingaqhubeka nomcabango wokubuyela emshadweni wami ngenxa yengane ? Sobabili singaMakhrestu ,ngeshwa sigcine nje sesihlukanisa.Emasontweni ambalwa edlule ngizizwa nginomzwangedwa ngalokhukwehlukwana esimweni senganyana yethu .Nicabanga ngenze kuphi ?
1 Mar 2023 5PM 5 min

Inkambiso Yokusebenzisa i-Cell phone ezinganeni

‘izingane zingavunyelwa ukuba nama smart phone nokunye okuwubuchofo? Omdala useyashayela ,ngakho besemgwaqeni .Uwakwami yena ucabanga bayawadinga amaphone ukuze bakwazi ukuxhumana nathi .Nikubona kuwumqondo omuhle lokho ?’
28 Feb 2023 5PM 4 min

Isikole esiyi-bording ezinganeni zezisebenzi zeNkosi

Uthini umbono wenu nge bording school ezinganeni? Ngiye ngibone sengathi iyalimaza ngokwemindeni. Kodwa nje nje mina nomnyeni wami sisanda kuthola ubizo lokuyosebenzela iNkosi phesheya kwezilwandle ,okubukeka kuyilona luhlelo kuphela oluphambi kwethu yilo lolu.Anginasiqiniseko lokhu kuhle yini ezinganeni nasemndenini wethu,kodwa futhi asifuni futhi ukudela ubizo lwethu lokuhambisa ivangeli.Lukhona ululeko la?
27 Feb 2023 5PM 5 min

Ukubhekana nokugeleza kwemiqhafazo yezocansi entsheni

Lokhona utho mina nomnyeni wami esingalwenza ukwehlisa ukukhungatheka nge -teenager yethu ebhekane nakho ngenxa yokuzigaxa kwayo kwi –sexting? Impilo yakhe neyomndeni wethu yaphenduka yabheka phansi ngamhla kuqhumbuka izithombe zayo inqunu zijikeleziswa esikoleni sayo electronically.Njengokuba nawe ungazicabangela ubuhlungu benhliziyo busankentenketha kakhulu. Ngaphezu kwalokho isibhekene necala lobugebengu . Lukhona usizo eninalo ngathi?
26 Feb 2023 5PM 5 min

Ukuqonda i-sexting yentsha

Njengomzali we-teen ngakube I –sexting yinto okumele ngikhathazeke ngayo ? Sengizwe kaningi ngalokhu ezindabeni, kodwa angikaze ngicabange ukuthi ingane yami ingaqoleka yilesilingo.Asikaze sikhulume ngakho ngoba angisheshi kweze technology,futhi angazi ngqo kubandakanyi ini.Ngale kokuthi ,uyingane enhle.Nicabanga ngimelwe ukusimungunya lesihloko naye?
23 Feb 2023 5PM 5 min

Onomgudu wokuzitshela

Sewake wezwa ngomuntu okuthiwa uyazitshela? Leligama livamisa ukusetshenziswa kumuntu ozibona emqoka nozazi yena. Akulula ukushadana nomuntu onalemigudu, nokho leligama lokuzitshela kuyenzeka lisetshenziswe ngendlela okungeyona. Kuloluhlelo Ezomndeni namhlanje sizomchaza kangcono lomuntu.
22 Feb 2023 5PM 4 min

Owesifazane wayengenziwa kanjani ngomfanekiso kaNkulunkulu oziveza engowesilisa

Kuningi ukuqophisana ngobulili nokulingana kulezinsuku, okubiza ukuba AmaKhrestu amelwe ukubambelela ezinkolelweni zawo zebhayibheli ukuze amelane nokujivazwa ngokwe-media nabalwela inkululeko ewuvuma zonke.Kodwa ibhayibheli likhuluma ngowesifazane akhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, lokho okungaletha ukudideka okuningi ngoba uNkulunkulu ubizwa ngoBaba, okusihlawumbisela ukuthi uyiNdoda. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizoletha amasu aphusile ngalesihloko esiyindidabuchopho, hlala nathi .
21 Feb 2023 5PM 5 min

Ungavikela kanjani ukunga spoil ingane yakho

Kubazali ukuba bavimbe uku-spoiler izingane zabo, kudinga ukuqaphela ekufundiseni izinto ezisemqoka nokuthi bangabanakekela kanjani abanye abantu. Iningi intsha ekhula yazi ukuthi yilungelo layo yonke into nokuba nokulunga okungenayo impilo.Okuba lula ukuzama ukudlulisa I blame komunye ,kodwa uma sethembekile, kungumsebenzi womzali, ukufaka izinkambiso eziyohamba nengane kuze kube sebudaleni. Sizoletha amava okuthi…
20 Feb 2023 5PM 4 min

Ukwenza izikhathi zokudla zomndeni ezithokozelekayo

Njengowesilisa nicabanga ukuthi kuchaza ukuthi ngiyinkonkoni ngoba nakhu njalo ngiye ngixolele imvamisa futhi ngithokozele izinto zabesifazane ? Yilokhu ngaba njena ngisengumfana omncane ,anginaso isiqiniseko ngithini ngalokhu.
19 Feb 2023 5PM 4 min

Ukukhulisa ukuzethemba ezinganeni

Yiziphi ezinye izinto engingazenza ukudala ukuzethemba ezinganeni zami ? Angifuni zikhule zicabanga ukuthi umhlaba umi ngazo ,kodwa futhi ngifuna ukuzifaka umqondo wokuzihlonipha kunye nezinkambiso zabo ezinhle njengabantu.Ngingakwenza kanjani lokho?
16 Feb 2023 5PM 4 min

Ingane okubukeka ilala kweqe

Ngakube ngikhathazeke ngengane yami eno 6 weminyaka elala kakhulu ?Ayifuni ukuvuka ekuseni ,phezu kokuba ilala early bese ilale ubusuku bonke? Kuyinto ejwayelekile lokhu ? Kukhona enikuphakamisayo?
15 Feb 2023 5PM 4 min

Ingane Esekuthomeni Enamahloni Nobunyube

Ngenze njani uma ngisabela ukuthi sengathi undodana wami uzibeka eceleni kwabanye kweqe?Kade esesemncane sasithi yisigaba nje ,nokuthi uma esekhula uzosondela kontangayakhe.Kuze kube yimanje lokho akuzange kwenzeke.Akabukeki efuna ukuxhumana noma yimuphi umngani osemnyakeni yakhe ngisho nabantu abadala uqhelile kubona .Isikhathi esiningi uyedwa ,azihlalele ne TV kumbe ama video game .Yini le…
14 Feb 2023 5PM 5 min

Ozongena Ekubeni Ngubaba Ukhathazekile Ngezindleko Ne-responsibility

Ukungena ekubeni ngumzali ngokouqala kungakwenza ukhathazeke, ngisho nokwesaba imbala. Kodwa loluhambo oluhle lokuletha isizukulwane sakho akumele neze kukwenze ungalali yimicabango, uxukuza ingqondo ngokokuthi uzobhekana kanjani nalomsebenzi omusha.Sizokhuluma ngalokhu ngokuthe xaxa la ohlelweni Ezomndeni.
13 Feb 2023 5PM 5 min

Ukusungula Izindlela ezihlabela phambili zokuxhumana nezingane

Singabafundisa kanjani abantwana bethu ubuciko bokulalela? Babukeka behluleka ukulandela ulayelo .Odabeni lwendodakazi yami ngicabanga iyaziba izikhathi eziningi.Okukandodana wami khona ,ubukeka eziqinisa ezakhe izindlebe bese abe matasa nomabonakude,izincwadi nama video game,noma yini enye ayenzayo okwenza engasuseki kuyo.Ngizithola sengide ngiphinda phinda into eyodwa.Zikhona iziluleko eningangipha zona?
12 Feb 2023 5PM 4 min
80 – 100