Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
100 – 120

Ubaba Ongaziphethe Kahle KuMalokazana Nakwabanye Besifazane

Ngibhekane kanjani nokungaziphathi kahle kukababa kumakoti wami nabanye besifazane abasebasha?Sengidlulisile ukukhathazeka kwami kuyena ,kodwa uvese athi yindlela lena ayiyona futhi akukho kuguquka azokwenza yena.Nginqume ukuthi kuzoba kuhle ukuba singabe sisaba ndawonye naye kusukela manje,kodwa lokho kukhuba uMawam ngoba usathokozela ukusibona .Umakoti wami uthi ukulungele ukuzinikela abekezelele lempatho kababa,kodwa mina angithandi…
9 Feb 2023 5PM 5 min

Ubaba Owadivosa Ingane Ayimthandi Umamncane

Ngingenza kanjani enganeni yami ukuba engabi nyamana mbana uMamncane wayo omusha? Ngingubaba womfana omuhle kabi ono 6.UMawakhe wangidivosa lomfana wami eneminyaka eko 3 ,emva kwalokho wahamba wayoshada nenye indoda.Okwamanje nguye onelungelo elikhulu lengane, elami elokuyivakashela.Undodana akafuni ngibe ngowakhe nabanye abantu,futhi lokhu sekudale inkinga enkulu kimina ngempilo yokuphila nabanye abantu.Kwaze kwabiza…
8 Feb 2023 5PM 5 min

Izimo Zengcindezi Yokukhathazeka

Ngingumkhathazeki ,futhi lenkinga iyadlanga.Sengike ngezwa abantu bekhuluma ngoguquguquko lokukhathazeka oluzishintsha imibala,kodwa angazi lokho kuchazani.Ngingabona kanjani ukuthi ukukhathazeka kwami kungokujwayelekile ? Nokuthi ngenzenjani?
7 Feb 2023 5PM 6 min

Izeluleko Kuma-Teenager Noku Nokuxoxa Online

Uthini umbono wenu nge –teenager ezibandakanye ne –social network kunye ne –online chat rooms?Sengike ngafunda izinkulumo zamanye ama teen kuma –sites indodakazi yami efuna ukungena kuwona ,futhi abukeka engenabungozi .Nokho nginokusabela ukulahlekelwa ngukulawula ingane yami ,igcine iphethwe ngontaka bayo.Ngakube kumele ngikhathazeke?
6 Feb 2023 5PM 5 min

Umphumela Namacahaphazelo Esahlukaniso Ezinganeni

Ngakube ukudivosa kwami kuyoba namachaphazelo ayohlala isikhathi eside ezinganeni zami? Umshado wethu usube ngonzima kakhulu ,mumva nje sengixoxe nommeli wezahlukaniso ze ngicabange engingakwenza.Izingane zami zisencane ziphakathi kuka 8 no 14 weminyaka –kwesinye isikhathi ngiye ngibe nengcindezi enkulu ukucabanga ukuthi isehlukaniso sizozichaphazela kanjani.Kwesinye isikhathi ngizithole nginesibindi sokuthi izingane ziyakwazi ukuthula zimukele…
5 Feb 2023 5PM 6 min

Ukumisa Utakalani Ekushayeni

Ngingamisa kanjani undodakazi wami ona 2 weminyaka ukushaya umfowabo onezinyanga ezingu 10? Uyamkhahlela ,amshaye ,amlume ,amklabalasele amjikijele nangamathoyisi .Kwaqala ngesikhathi eqala ukukhasa.Loluhlobo lwesenzo lwenzeka nsukuzonke ,kaningi ngosuku.Sesenze okuningi ukumisa lokhu kuziphatha ,nokho okwamanje akukho okubukeka kusebenza ,ninazo izeluleko kumbe enikuphakamisayo?
2 Feb 2023 5PM 5 min

Amakhosikazi Aholayo Enkonzweni Yekamero

Ngakube kunempilo yini ukuba omama bahole indlela ekwenzeni uthando emshadweni ?Mina nomnyeni wami siyaluthokozela kakhulu uthando lwethu nenkonzo nokho kunento eyodwa engihlale ngikhathazeke ngayo: Kunezikhathi lakhona ngilangazelela ukuzizwa ngisondele kowakwami,kodwa ngibe nongabazane ukuthi kuhle yini kimi ukuba ngiqale uhambo .Impela ngiye ngizitshele ukuthi okwendoda ukuqala uhambo.Kuthini ukucabanga kwenu?
1 Feb 2023 5PM 6 min

Ukuhlolela Inzalo Ngesikhathi Somethembiso

Ngakube kuhle yini ukucela intokazi engizoshada nayo ukuba ihlolelwe inzalo phambi kokuba sishade? Anguqondi umoya osukhona esikhathini sanamhlanje osuwumkhuba wokuthanda ukungabi nabantwana, hle hle mina kade ngaqala ukulangazelela ukuba nabantwana ngisho ngingakahleli umshado.
31 Jan 2023 5PM 5 min

Indodakazi ayimhloniphi umkhwenyana wayo

Ngenze njani ngengane esikhulile ephatha kabi umkhwenyana wayo? Indodakazi yethu igane indoda enomoya omuhle kabi .Kodwa indodakazi yethu iyehluleka ukubonga lobubuhle ,imphatha kabi umkhwenyana ayimhloniphi .Kungiphatha kabi ukuyibona iqhubeka ikwenza konke lokhu phambi kwethu,izingane nabangani .Mina ngifuna ukukhuluma nendodakazi yethu kodwa ubaba wakwami yena ubona sengathi ngizobe sengeqa umngcele.Wonke umndeni…
29 Jan 2023 5PM 4 min

Ogogo nomkhulu bakhathazeke ngesimo sezempilo ekhaya labazukulu

Ngakube kusesigabeni sami yini ukungenelela uma ngibona ukuthi isimo sempilo asiphephile asinampilo emzini womtanami kubazukulu? Ngiyamthanda undodana wami nomakoti kodwa ngibona sengathi ikhaya labo alinampilo enhle kumzukulu wami oyintombazane onezinyanga ezingu 10.Phansi endlini kungcolile kunolwelwezi olubi lokudla okwasalela ku khaphethe namanabukeni uwafica ebekwe yonke indawo.Ukuvimbela lendodakazi yabo ,bayigcina isemotweni yayo…
26 Jan 2023 5PM 4 min

Ukuziphatha kabi ngocansi nokusondela ngokwenyama phambi komshado

Uma sekuziwa ekusondalaneni ngokomzimba phambi komshado ,yikuphi la okungamele ngifike khona? Mina nesithembisana naye sithwele kanzima kulengxenye futhi asazi siwudwebe kuphi umugqa.Ningasiza ukucacisa ukuti lisuke liqonde ukuthini ibhayibheli ‘ngokungaziphathi kahle ngokocansi?
25 Jan 2023 5PM 5 min

Abazali baphikisana ukuletha usizo enganeni esikhulile

Ngakube mina nomnyeni wami siyisize yini indodana yethu esikhulile ikwazi ukubhekana nezinkinga zayo zezimali? Lokhu sekube ngumdonsiswano omkhulu emshadweni wethu.Isizimele kodwa iyehluleka .Uma ngithi mina asiyisize ngosizo oluncane lwezimali ,uyise uthi cha aisyiyeke imelwe ukufunda ubunzima bempilo .Mina ngikhathazekile ngayo.Nicabanga senzenjani?
23 Jan 2023 5PM 4 min

Umehluko ongukhiye phakathi kowesilisa nowesifazane

Ngaphandle kwengaphandle elibonakalayo ,yini ingempela umehluko oqavile phakathi kowesilisa nowesifazane? Sengibe nokudideka okukhulu ngemiyalezo eshiwoyo ngobulili nangendlela okubizwa khona.Ngikholwa ngukuthi ukhona umehluko ebulilini bobubili odinga ukuchunyiswa ngendlela.Ngakolunye uhlangothi ngiye ngiphelelwe ngamagama uma abangani bami bethi angiwuchaze phela.Ningangisiza?
22 Jan 2023 5PM 5 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki (Part 2 of 2)

Phambilini ohlelweni ezomndeni sasiphendula ukububula komlaleli wethu owayefuna usizo owayezizwa njengesehluleki nawaselahlekelwe yithemba empilweni yakhe. Ukukhala okunjalo kuyithinta ngokujulile inhliziyo yethu futhi siye sifune ukungenelela sisize ngokushesha.
19 Jan 2023 5PM 5 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki (Part 1 of 2)

Sewake waba sesimweni la kusengathi impilo iyama futhi ithemba liyaphela?Leyomizwa akumele neze ithathwe kalula, kumele futhi ihlaziywe ngoseceleni ongakwazi ukuletha ukubona okwehlukile esimweni.Abantu abazizwa belahlekelwe yithemba, bayinhliziyo yethu la kwa Focus on the Family
18 Jan 2023 5PM 5 min

Imithetho yokuziphatha ngendlela komndeni oxubile

Sinquma kanjani ukuthi abantu babizwe ngamaphi amagama emndenini wethu omusha oxubile? Umshado wesibili lo kimi nakumnyeni wami ,sobabili sinezingane ezino 3 weminyaka esashada .Lezingane sezizikuleyominyaka.Sezino 6 manje enye ino 7 .Mumva nje indodakazi yakhe isiqale ukungibuza ngo Mah.Ekuzweni kwalowo wesifazane owayagane lomnyeni wami kumphathe kabi lokho.Nathi samchazela, sethuke njengaye,njengokuba lomndeni…
17 Jan 2023 5PM 5 min

Ukulingwa umthandazo nokuqapha kwamoya

Uma ngithandaza uNkulunkulu ngeke yini angivikele ekulingweni ? Nasi isizathu sokubuza kwami .Nakuba ngingazi ubungozi obungaseduze nomshado wami ngokwempilo yawo ,nokho ngisenovalo ,ukuthi ndlelana thizeni ,ngisengashelelela ngiwele ekuphingeni .Ngisanda kuzwa indoda ivuma ukuthi iwele kulesilingo nanxa ibithembekile emshadweni wayo ,nakuba ibizame kaningi ithandazela ukungaweli esonweni socansi .Lokho kungesabisile.Kungani uNkulunkulu enqabe…
16 Jan 2023 5PM 5 min

Isithembu nokuthandwa ngabaningi - indlela yokubuka yezwi

Kungani ngingamukeleki ukuba nomndeni ozisekelo zayo yizwi uma kuwukuthi ngithandana nabaniningi besifazane ? Amadoda anqala ezwini –oAbraham Jakobe,Davide noSolomon –babenamakhosikazi amaningi .Ngokubuka iministry yenu egxilile ezwini ,angiboni lutho olwenza nimelane nezinto ezinjengesithembu nezingodosi .Ngizibona nginguMkhrestu othanda ukuba nezingodosi .Ngithanda abesifazane abathe xaxa ngesibalo impela ,akukho sizathu esingenza singakwazi ukwakha isisekelo…
15 Jan 2023 5PM 5 min
100 – 120