Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
160 – 180

Ukulungisela ukukhishwa ejele kowakwakho

Ninazo iziluleko zowesifazane omkhwenyana wakhe usezophuma ejele?Umnyeni wami ubetoke iminyaka emithathu,usezobuya ngenyanga ezayo.Ngilangazelele ukubuya kwakhe ,ngibe sebudlwaneni obumnandi isibili naye ,kodwa khona lapho futhi ngizizwa nginovalo.Angikwazi ngqo ngqo engingakulindela.Ningangisiza?
17 Nov 2022 5PM 4 min

Ubuzali enganeni esikhulile kube kukhona ezisencane

Singaba ngumzali kanjani wengane endala kube kunezinye ezisencane ekhaya ezimbili? Zintathu sezizonke izingane zethu : umfana nentombazana esise- high school ,nendodana esiphakathi ko 20.Lo omdala izinto azimhambelanga kahle ukuyobheka impilo osekumphoqe abuye ekhaya okwesikhashana.Siyabona usemdala futhi kumele simlawule ngokwehlukile ngokwemithetho ,nokho sisabela umthelela engenzeka kulaba abancane .Zikhona iziluleko eningangipha zona…
16 Nov 2022 5PM 3 min

Ukwehliswa isithunzi uwakwakho

Ngenze njani uma uwakwami ekhuluma okungeyikho kumbe okungiphoxayo emndenini noma kubangani? Angicabangi usuke ekuqondile kodwa mina kugcina kungehlisa isithunzi.Sekuyiminyaka yenzeka lento.Ekuqaleni ngangiye ngimlinde size sibe sobabili bese ngigonyuluke kuye.Manje sekuvese kwadlanga futhi sengibona kungcono ngivese ngingasalindi manje kodwa ngimdumele khona esidlangalaleni ze ngivikele isithunzi sami.Yikuphi eningakusho?
15 Nov 2022 5PM 4 min

Iminmgcele emshadweni evikela ukusiza owobunye ubulili

Angeke walokotha ukuthathe kancane ukuklama umngcele emshadweni wakho. Ubudlelwano emishadweni eminingi sebube nduvunduvu ngenxa yokungakali imingcele ecacile, yagcina ingena esonweni. Ngakube indoda eshadile ingasiza owesifazane oshadile ngezinkinga zakhe zomshado bebobabili?
14 Nov 2022 5PM 4 min

Ukubhekana nobungane bokunganaki

‘Ngingamqondisa kanjani umfanawami onkambo ikhombisa ukungakhuli ngengqondo ? Hhayi ngoba engezwa kodwa ubudedengu nje.Isibonelo nje akazibeki izinto zakhe ,uvese ashiye ibhola lakhe la lingantshontshwa kalula khona,ashiye kanjalo izicathulo namathoyizi.Kwenziwanjani ?
13 Nov 2022 5PM 2 min

Uwakwami uhlukumeza izingane ngokomzimba

Umnyeni wami akakaze abe ngonodlame kimi ,nokho kuluduba oluhlukile ngamalengiso mase kuziwa kubantwana bami .Uvama njalo ukubabhaxa,futhi useke wabalimaza kaninganyana .Ngifuna ukuvikela ,nokho ngiyesaba ukuthi lokho uzokuthatha kanjani uma ngimphonsela inselelo .Yikuphi okumele ngikwenze ?
10 Nov 2022 5PM 4 min

Ukuphila nowakwakho onengcindezi yehaba-kucabanga

Ninazo iziluleko kophila nowakwakhe ogcine eseqhoqhobelwe imidanti engenasidingo ? Kimi sekuyacaca ungenwe wukucabanga ngobuhaba.Uhlala njalo exwayile ekhathazekile .Akalali engabhekaka isicabha kashumi .Ngihola kahle ,kodwa uhlala ekhala ngokuthi wesaba kungenzeka sihlulwe zindleko suku lumbe Sekuqala ukungisanganisa lokhu ,kukhona enikuphakamisayo ?
9 Nov 2022 5PM 3 min

Uwushiya kanjani umsebenzi e –office bese ube ngosemndenini

Izimfuno zemsebenzi edla isikhathi kanye nesindayo zinkulu, bese kuphenduka inselelo ukuthola isikhathi sakho nomndeni okuyinto esemqoka Esikhathini sethu esigijimayo, nala khona i-technology isigcina simatasa nangeminwe yethu sihlala sikwezokuxhumana, kubiza ukukuqonda ngqo ukwenza isikhathi nomndeni ikakhulukazi la khona ukudinga.
8 Nov 2022 5PM 4 min

UMusa ,umthetho ,nokukhuluma iQiniso ngothando

Ngingama kanjani eqinisweni likaNkulunkulu kodwa ngingabi ngowahlulelayo ? Ngingumuntu okhulumayo ngokholo lwakhe ,okugcina kwenza abantu bangiphonsele inselelo .AmaKhrestu amaningi kulezinsuku azi ukuthi ungaba likholwa wenze nantoni oyicabangayo bese uyasindiswa ngomusa nesihawu seNkosi.Banomqondo wokuthi umhlatshelo onguKhrestu unamandla phezu komthetho okuphetha ngokuthi uNkulunkulu angabi nandaba nobuqotho bokuziphatha .Lokhu kuvamisa ukuba yilomqondo ikakhulukazi…
7 Nov 2022 5PM 4 min

Ukuhlonza izimpawu zokugxila ophuzweni kothandiweyo wakho

Yiziphi izimpawu zokugxila ophuzweni ? Ngikhathazekile ngomkhwenyana wami kodwa angazi noma nginesiqiniseko sokuthi kukhona akwenzayo ngophuzo.Uma ehleli nabangani bakhe bebuka ibhola kwi TV kusuke kuphuzwa utshwala.Nanxa kungenzeki njalo.Kahle hle ngenye yezindlela azivikela ngayo uthi uphuza makungama -weekend noma kune- game .Uthi yisikhathi nje sokuzijabulisa nabangane bakhe ,engekho emsebenzini epholisa ingqondo…
6 Nov 2022 5PM 4 min

Ucansi kwezokuxhumana ,ukuthandana online,ukuphinga Nesehlukaniso

Ngokwamagama kaJesu awasho ku Mathewu 5:27 -30 ,kwehluka kanjani ukuphinga ngokubuka nokuphinga kwempela ? Uma kungenamehluko ,ngakube ukungena komnyeni wami kwezocansi online kunginika amava okuthi ngingahlukanisa naye? Ngisanda kuthola ukuthi usebudlelwaneni obuqhubekayo nge- internet .Uthi yena akukho kuphinga ngaloluhlobo lwalesisenzo .Ngokwakhe ngenye yezindlela nje yokuzidlalela umdlalo wezocansi emoyeni.Mina angivumi sanhlobo…
3 Nov 2022 6PM 5 min

Izingungquko ezenzeka ekungeneni ekuthombeni nasebubhungwini

Ningasitshela ukuthi zinguquko zini esingazilindela ngenkathi ingane yethu ingena ebubhungwini –nokuthi sibhekane kanjani nakho ? Siqeda kubona ukuba yiyona nselelelo le kundodana wethu. Futhi ngibona sengathi mina noyise kuzomele sithwale umthwalo othe xaxa ngesikhathi sesibhekisisa loluguquko angena kulo.Kukhona eninakho okuphathekayo kokwehlisa lesivunguvungu ?
2 Nov 2022 6PM 4 min

Umsebenzi owufundele ubizo nomsebenzi unguMKhrestu

Ngingalwazi kanjani ubizo luka Nkulunkulu empilweni yami ? Kuyiminyaka ngisebenza emsebenzini onzima nongahlabi mxhwele .Akukho ntokozo nakuneliseka ongilethele khona ngaphandle kokuthi usigcina sinesinkwa etafuleni siwumndeni .Ngokwami ukubuka yikho okuseqhulwini elikhulu lokho.Khona manjalo ngiye ngizwe abashumayeli bethi uNkulunkulu unobizo oluqondene nawe nokuthi lolobizo lubandakanya nomsebenzi wami .Ngokwami ukubuka leyonkulumo ayimile ngezwi…
1 Nov 2022 6PM 4 min

Ozoba ngumkhwenyana useke waba socansini phambi komshado

Njengozoba ngumakoti ngingalinqoba kanjani isemumva lami lokuphoxeka engibhekene nako njengamanje kokuthi lensizwa engizoshada nayo ayiseyona insizwa nsi!?Angimbambele lutho.Kahle hle ngizizwa nginecala ukuba nalemizwa ,ngoba phela ungumzalwane ozinikele eNkosini,omnene nonobubele ,nendoda enkambo eqotho.Khona manjalo ,ngiyehlulwa ukuzibamba ukuthi ukukhathazeka ukuthi lokhu kunganogcobho emshadweni wethu nokuthi sixhumana kanjani njengonkosikazi nendoda.Akulaleki ebusuku ngizibuza ukuthi…
31 Oct 2022 6PM 4 min

Ake uyozicinga njengendlela yokuqondisa izigwegwe

‘Ukuyozicinga kwengane kunamandla kangakanani? Usana lwethu seluthe klwi manje angazi ukuthi yiluphi uhlobo lokuqondisa oluhambisana nesigaba sokukhula.Abahlobo bami bona bakhonze kakhulu ukuthi ingane ‘ake iyozicinga ‘.Anginaso isiqiniseko ukuthi iyona ndlela engcono le. Kunini la khona ‘ukuyozicinga’ kuyindlela eshaya khona yokuqondisa izigwegwe ? Kunini la ingesiyo khona? Umehluko ngingawubona kanjani ?…
30 Oct 2022 6PM 5 min

Indoda esebenzisa izithombe zobunqunu ngoba unkosikazi engasayinelisi

Kumele yini indoda ifune ukuzinelisa ngokocansi ngokuthi ibuke izithombe zobunqunu uma kuwukuthi unkosikazi wayo akasazithandi akazinaki ,useyahubazela nje ? Ngisemshadweni onzima.Kusuka emva nje sashada ,umkami akasawunaki sanhlobo umzimba wakhe ,futhi yinto anganandaba nayo leyo manje .Angifuni ukumdivoza ,kodwa ngisenayo imizwa yenkonzo yekamero .Umqondo muni ongasiza la?
26 Oct 2022 6PM 4 min

Ukhuluma kanjani nezingane ngobaba ongekho

Ngiyiphendula kanjani imibuzo enzima enganeni yami mayelana nobaba wayo ongekho ? Ngahlukana noyise ,cishe eminyakeni ewu 8-ngesikhathi esimuncu-futhi akakaze ambone .Kodwa mumva nje usebuza izinto ezinjengokuthi : ‘usamthanda ubaba Mah ?’ futhi : “Kungani engasifoneli –akangithandi yini nami?” nokuthi “ngingazama ukumcinga ngelinye ilanga ?” Nicabanga ngimphendule ngithini ?
25 Oct 2022 6PM 4 min

Ukusiza izingane zibhekane nobhongoza

Ngingabona kanjani ukuthi ingane yami inenkinga yokubhongozwa ? Zikhona izimpawu zalokho ? Uma kuwukuthi ,ukulenkinga ,pho ngingamsiza kanjani kulesisimo?
24 Oct 2022 6PM 4 min

Ukunqamuka kokuphinga, ukuzenyeza nokuthethelela

Ngakube umuzwa wokuzenyeza uxhumene nesimo sami sokungathetheleli umnyeni wami ekungathembekini nomngani wami oseduze kimi ? Lokhu kuphinga kwenzeka nyakenye ,sabuyisana ,futhi nomshado wethu uqhakambile kunakuqala .Nanxa kunjalo ngisenomuzwa wokuzenyeza nokungazethembi .Kukhona ukuxhumana kulezizinto ?
23 Oct 2022 6PM 4 min
160 – 180