Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
140 – 160

Ukugwema Ukuqondisa ingane kuze kweqe

Uma sekuziwa ekuqondiseni izgwegwe ingane kumele abazali baqonde ngokucacile, izindlela ezifanele nezinhloso zokuqondisa ingane.Ukuqondisa ingane kuwukuyifundisa, yingakho ukuqina kwesandla kweqe kungenazithelo, nanxa kungalula futhi ukuwela kunoxhaka lakhona ingane ingafuni ngabomu ukulalela.
15 Dec 2022 5PM 5 min

Uyalelo lwebhayibheli olungokunikela kunye nokulindelwe KuMaKhrestu

Umyalelo wokunikela nokulindeleke kuMaKhrestu, kungatolikwa ngendlela engesiyo kwesinye isikhathi kumbe kungagqizwa qakala, lakhona aMaKhrestu esimanje ekholelwa wukuthi imithetho eyabekwa nguMose seyishanelwe nguKhrestu, qede wasishiya nemithetho emibili kuphela ukuphila ngayo. Umqondo wokukhipha okweshumi ubukeka ungasenandayo ,futhi AMaKhrestu amaningi aye aphike ubumqoka bakho kulezinsuku. Ngokuhlaba umxhwele ukuthi iThestamente elisha linokuningi elikusho ngokunikela,…
14 Dec 2022 5PM 4 min

Ukubuka kwe Bhayibheli ubungqingili Nokuganana Kwabobulili bunye

Njenge ministry, siyi Focus On The Family akusiyo inhloso yethi ukukhuluma ngesimo kwizihloko ezinokuphikisana zoBuKhrestu ,nokho ,nxa sibuzwe umbuzo ngokubuka kwethu odabeni olusuke ludidana ,sokwenza okusemandleni ukuletha wonke amasu nocaciso kwesikholelwa ukuthi ibhayibheli likucacisa lithini
13 Dec 2022 5PM 5 min

Wenze njani ngamahora amade emsebenzini

Ukusungula ibalansi ngomndeni nomsebenzi kuyinto enzima. Uma sifaka wonke umqondo wethu emsebenzini yethu, umndeni ngapha uyalimala, manje futhi sidinga ukwenza imali eyanele ukunakekela yona imindeni yethu.
12 Dec 2022 5PM 5 min

Ingxenye Yokomoya Yokungadli Ngendlela

Akekho noyedwa umuntu la kwamhlaba ongabhekene nenselelo thizeni. Indlela esibuka ngayo lezinselelo ngokoBuKhrestu mhlampe yikho kanye okugcina kusihlukanisa emabandleni.UNkulunkulu unamathele kuzo zonke izinhla zokuphila kwethu, kuze kube ngukuthi kunzima ukumbeka eceleni.
11 Dec 2022 5PM 4 min

Uwakwakho Ubhema Igudu

Nicabanga akulungile ukuba umnyeni abheme insangu? Useneminyaka eyisebenzisa kusuka sashada ,unendlela yakhe yokuyibhema eyenza ngingaboni iyinkinga nokuthi abantu abaningi bathi ayinalo ukinatelo [addiction].Kodwa manje usedlebelendile ekuyisebenziseni ngisho naphambi kwezingane umthola eseyiphafuza.Okwenza ngiqale ukungabaza manje.Nicabanga sekuludaba olubucayi lolu ? Nokuthi ngenze njani?
8 Dec 2022 5PM 4 min

Izimpawu Zokukinatelwa Ngama –video Nama-computer Game

Ngingazi kanjani ukuthi senginenkinga enqala ngama electronic nama –online games? Ngingavuma ngikukhonzile ukudlala .Mangiphuma emsebenzini njalo ntambama ngiya kuma electronic games ami .Yindlela yami yokuphumuza ingqondo emva kosuku belusinda.Inkinga ekhona eyodwa ngukuthi ngishadile ,ngingubaba ,manje unkosikazi wami useqala ukukhalaza .Wangitshela ngolunye usuku ukuthi sengikinatelwe ama-game.Iyenzeka into enjalo kodwa?
7 Dec 2022 5PM 5 min

Ukushiya Umsebenzi Uzoba NguMama Onakekela Ikhaya

Ninakho eningakuphakamisa ngomama ofuna ukushiya i-career yakhe obeyenza full time oseyohlala nezingane zakhe? Yikuphi engingakwenza ukuqiniseka lezingunquko ngizenza kamtoti emndenini ?
6 Dec 2022 5PM 4 min

Amahlaya Anobuhle Emndenini

Singathokozela kanjani ingxenye yempilo yokulula ingqondo ekhaya ngamahlaya amahle aswabukilisayo ? Iningi labangani bethu lithola ukuswabuluka ngokuhleka ezintweni engizithola zingezinhle.Ningaphakamisa amahlaya ahlanzekile emndenini ?
5 Dec 2022 5PM 4 min

Izithwele intombi ,ukushada njengesisombululo

Ukushelelela ekukhuleliswaneni kungayingozi othandweni olungenazinqumo. Kusuke sekuyisimo esiphuthumayo esidinga ukunakwa ngokushesha. Ngakube ukujombela emshadweni ngokushesha kuyisisombululo?
4 Dec 2022 5PM 4 min

Ukumbula ukuphinga kunkosikazi wendoda ebingazi ngomnyeni wayo

Iyiphi indlela engcono ukwembula uthando lwangasese emva kokuthi uwakwakho sewazihlanza kulolodaba kodwa inkinga kube ngukuthi umkhwenyana kumbe unkosikazi wendoda engumenzi akazi ? Unkosikazi wami nenye indoda ebandleni babe sebudlelwaneni iminyaka engaphezu kwengu 4 ,ngize ngathola ezinyangeni eziwu 3sekwenzeka .Unkosikazi sewabunqamula lobobudlelwano futhi sase siyokhonza kwelinye ibandla .Sisalungisa lezi londa ezibhibhayo…
1 Dec 2022 5PM 4 min

Ubuzali enganeni esikhulile kube kukhona ezisencane

Singaba ngumzali kanjani wengane endala kube kunezinye ezisencane ekhaya ezimbili? Zintathu sezizonke izingane zethu : umfana nentombazana esise- high school ,nendodana esiphakathi ko 20.Lo omdala izinto azimhambelanga kahle ukuyobheka impilo osekumphoqe abuye ekhaya okwesikhashana.Siyabona usemdala futhi kumele simlawule ngokwehlukile ngokwemithetho ,nokho sisabela umthelela engenzeka kulaba abancane .Zikhona iziluleko eningangipha zona…
30 Nov 2022 5PM 4 min

Ukubhekana nesibhocobhoco sokungasebenzi

Uma kukhona into ecoba umoya womuntu-wukungasebenzi nomuzwa wokwazi ukuthi kawukwazi ukondla umndeni wakho. Nkashana indoda ilahlekelwa ngumsebenzi izizwa iphelelwe yisidima sayo.
29 Nov 2022 5PM 5 min

Ngisehluleka ukulala nowakwami mbhedemunye emva kokuthi wayengathembekanga

Ngakube ukuthi ngisehluleka ukulala nomnyeni wami mbhede munye ,emva kokuthi ngathola wayekade eneshende ,kuchaza ukuthi angikamthetheleli ? Ezinyangeni ezimbalwa ngisanda kuthola ukuthi usethandane nomunye wesifazane ngokungaphezu kweminyaka ewu 4.Ubuhlungu ngalokho akwenza ,futhi usebunqamulile ubudlelwane babo ,kodwa ngezizathu thizeni ngikuthola kunzima ukusondela kuye.Lokho kumdida ingqondo aze athi kushukuthi angikamthetheleli.Uze athi kungcono…
27 Nov 2022 5PM 4 min

Izimpawu Zokukinatelwa Ngama - video nama-computer Game

Ngingazi kanjani ukuthi senginenkinga enqala ngama electronic nama –online games? Ngingavuma ngikukhonzile ukudlala .Mangiphuma emsebenzini njalo ntambama ngiya kuma electronic games ami .Yindlela yami yokuphumuza ingqondo emva kosuku belusinda.Inkinga ekhona eyodwa ngukuthi ngishadile ,ngingubaba ,manje unkosikazi wami useqala ukukhalaza .Wangitshela ngolunye usuku ukuthi sengikinatelwe ama-game.Iyenzeka into enjalo kodwa?
24 Nov 2022 5PM 4 min

Ingane Ekhetha Ukudla

Singenza kanjani ukuthi umaqhenyane wengane yethu ena -4 idle konke esiyinika khona? Ukukhetha kwakhe ukudla sekusinyusela ushukela phela manje.Kaningi simnqabela ama kip kip kodwa siyabona ngesidlo santambama uwazungeza yonke indawo.Mina ngibona lokhu kukhetha kwakhe kuluphawu lokungalaleli kodwa uyise yena usaba ukuthi uma sikwenza kuba ludaba kuzokwenza angadli kakhulu kunakuqala.Senzenjani ?
23 Nov 2022 5PM 4 min

Usizo koGogo Abakhulisa Abazukulu

Ninalo ululeko kugogo nomkhulu ababhekene nokukhulisa umzukulu wabo ? Abazukulu bethu ababili bahlala nathi futhi cishe kuzoba ngeside isikhathi .Singabenza kanjani bezizwe besekhaya elifudumele ngaphandle kokukhathala kwengqondo kithi?
22 Nov 2022 5PM 4 min

Imi kuphi i-Focus on the Family ngomshado nesahlukaniso

Abaningi abakholwayo nabangakholwayo babuza umbuzo omkhulu othi : Kungani kumele ushade? Ikuphi nje ngempela inkinga ngesahlukaniso nokuthi kungani kumele uthembeke kumuntu oyedwa impilo yakho yonke? I-Focus on the Family ihlale njalo ivikela umshado nsukuzasa
21 Nov 2022 5PM 5 min

Izinsika zezibhalo zokuvikela ukuphila koluntu

Kukuphi lakhona ibhayibheli likhuluma ‘ngobungcwele bempilo yoluntu”? Ngiyezwa nje leligama selivelele ,ngokuqhubeka ngilizwa ,yila khona nencazo yalo ngingayitholi .Umzekelo omuhle ,yila khona ngihlale ngizwa ebandleni,emisakazweni nezinhlangano ezilwela ukuphila zisebenzisa leligama.Nanxa kunjalo kodwa angiziboni sengiliqonda kahle nokuthi liqhamuke kanjani .Ikhona insika yebhayibheli engalomqondo?
20 Nov 2022 5PM 5 min
140 – 160